zulu.2504.BEC feedback
BONA ZULU – July 2006
OYI-CEO yabeNorth West Parks uCharles Ndabeni, sisanda kumkhipha ngaphansi kwezindaba zempumelelo kuBONA. Njengesimenywa esiqavile kwi-workshop ye-club eMafikeng, angingabazi nguyena muntu okahle owayelungele ukukhuluma ngengqikithi yethu ngaphansi kwesihloko esithi, “EzokuVakasha namaThuba ezoLimo eNorth West.”
Indawo yaseMafikeng akusiyo indawo efile njengoba abaningi becabanga, kanti nokaNdabeni wakufakazela lokhu. Wathi ezokuvakasha eNorth West Province yiyona mboni yezomnotho ekhula ngamandla.
UNdabeni wanxusa osomabhizinisi kulesi sifunda ukuba babhalise imisebenzi yabo ngaphansi kwabeTourism Enterprise Programme, ezobasiza ngezinhlelo zokuthuthukisa.
Wakhuthaza abantu ukuba bacabange bajule. EMafikeng eminyakeni emine ezayo zilishumi izindlu zezivakashi ezizokwakhiwa nokuzokwenza isibalo semibhede kule ndawo sibe ngu-1 600.
Iba nekhono lokubona lapho kukhona amagebe ezimakethe bese usebenzisa izinhlelo zakho. Lowo kwakuwumyalezo kaNdabeni.
Cabangani ngale kwamaB&B nezindlu zezivakashi nihlangane nicabange ngo-2010, qalani manje…
UNdabeni waphonsela izikhulu inselelo ngokuba azitshele ukuthi kukuphi lapho kwentuleka khona izindawo zokulala kulesi sifunda.
Ngonyaka ka-2010, uzimisele ngokubona imibhede engu-40 000 esifundeni sakhe.
Waphinde wakhipha imiklomelo emine yobusuku eLost City naseBilani Lodge kumalungu eBONA Empowerment Club eNorth West.
UDkt Letaka wase-University Of The North West, washayelwa elikhulu ihlombe ngokukhuthaza abesimame ukuba badlale indawo ebalulekile kwezolimo kulesi sifunda.
UDkt Leteka waphinde wakhipha olunye ulwazi kumalungu e-Empowerment Club: “AbakwaBMW bafuna izikhumba zesiNguni!” Lalelani umsakazo oyingxenye ye-Empowerment Club iMotsweding FM, ngoLwesine nizwe uhlelo lomphakathi olumayelana nokulima.
UBONA eMafikeng
NGENHLA: Amalungu eBake and Cook for Profit eMafikeng.
KWESOBUNXELE: Kusuka kwesobunxele: UCharles Ndabeni, oyiCEO yabeNorth West Parks, uJoyce owawina ibhizinisi leMageu Number One, Dkt Leteka wase-University of the North West uMhleli kaBONA uForce Khashane noMark Grosse wakwa-Aranda Textiles.
Umyalezo kaBONA: Singabuxosha ubuphofu
EMHLANGANWENI waseGoli uMhleli kaBONA uForce Khashane, wakhumbuza amalungu ethu ukuthi “singaphumelela ukususa ubuphofu.”
I-Black Like Me, njengabanye babaxhasi balo mhlangano, oyiCEO wayo uConnie Mashaba wakhuluma ngezinto ezehlukene phakathi kwe-capitalist entrepreneur ne-social entrepreneur.
“Qala ngokuba yi-capitalist ubusiseke ukuze nawe ubusise abanye,” kusho yena.
Usomabhizinisi omuhle yilowo okwazi ukubona ithuba lebhizinisi bese eyakwazi ukuqhamuka nokwahlukile okuzokwesekwa wumphakathi.
UConnie uthe kwakubalulekile ukuba uwuthande umkhiqizo wakho wethembeke ngawo futhi ukuze ukwazi ukuthuthukisa umsebenzi wakho owenzela umphakathi.
“Zibandakanye nabantu abazokwakha bakukhuthaze hhayi laba abazokudicilela phansi zikhathi zonke,” kusho yena.
“Awudingi izigidi ukuze ube ngusomabhizinisi onempumelelo,” kuqhuba yena. “Iba ne-business plan esile ukuze abaxhasi bezokholelwa kuyo.”
Owalandela kwaba nguMimmi Biggar, oyiPR yabeBlack Like Me.
“Abantu bavula amasaluni ngezizathu ezingezona,” kusho yena. “Iphupho nothando yizona zinto ezibalulekile kanti futhi ukwenza abantu babe bahle yingxenye yako.”
I-formula ayisebenzisa ekuphumeleleni kwakhe ithi: impumelelo = uthando + nokuzethemba.
UConnie waphinde wengeza ukuthi abantu kufanele baqonde ukuthi le mboni kukuphi lapho iqine khona nalapho ixega khona, wagcizelela futhi ngokubaluleka kokweseka imikhiqizo yakuleli.
Kufanele uyikhethe ngobuhlakani indawo lapho isaluni yakho izokuba khona.
Ungathathi abangani ukuba bakusebenzele. Thola ochwepheshe uziqeqeshele abasebenzi bakho.
Ekilabhini yethu sizidumisa kakhulu ephathini ngoba sisebenza kanzima. Sahlela ukuba sengeze okumayelana nefeshini ukuze siphothule ingqikithi yethu yeziNwele noBuhle.” Kulokhu kulapho yazibonakalisa khona ilebuli yeSeventeen East. Izingubo ezisikwa wumsiki wengqephu uNhlanhla Thobakgale, zisika ukhasi.[z]
NGENHLA: UMimmi Biggar, Connie Mashaba noNtombi Shishi bakwaBlack Like Me.
NGENHLA: USimon Rasemela noPeter Thloloe wakwa-Aranda Textiles, noHilda Steyn wakwa-Uju Mama.
NGENHLA; UNtsoeki Selekiso, Rebecca Ruiters, Mapule Lashega, Qheku Tsotetsi, Lydia Tsotetsi noPortia Lefofane.
BONA ZULU – July 2006
NGENHLA: U-Aeline Twala, Anthony Mdakane, Mpumi Nhlapo, Phakamani Hosi noKarabo Lebese emcimbini owawuseMafikeng.
