zulu.2500.yourlifeguide_muthi
Igama lami lingilethela USIZI
Ngabe ingane iyalilandela igama eqanjwa ngalo"
NGOKWESINTU, amagama esiqanjwa wona anezisho zawo. Lokhu kuxwayisa abazali ukuba baqaphele uma beqamba izingane zabo. Uma uqamba ingane ngegama "elibi" yenza izinto ezimbi.
"Kwenziwa yini ukuthi abazali bami bangiqambe ngegama elinje"" kubuza umfundi waseGauteng.
Ukhetha ukubizwa ngegama lesilungu kunokubizwa ngelesiTswana elithi Molatlhiwa aqajwa ngalo elisho "isilahlwa".
Lalimkhathaza leli gama waze waya esangomeni wacela ukuba simbhulele efuna ukwazi ukuthi ngabe ikusasa limphatheleni uma enegama elibi kangaka"
"Sathi ngizoba namabhadi ngenxa yegama lami!"
Kufanele limkhathaze - futhi limcasule leli gama.
Kumqoka ukuqanjwa kwengane kanti abazali bacabangisisa kahle ngaphambi kokuyiqamba.
Cabangake usuzohlala phansi ucabange ukuthi ingane yakho uzoyiqamba ngaliphi igama ugcine ngokuyipha igama elithi "Molatlhiwa" - alizwakali neze kahle!
Okufanele sikukhumbule wukuthi iningi labazali aliqambi izingane zalo ngamagama "amabi" ngamabomu.
Ngokuqamba umfundi wethu ngo "Molatlhiwa", abazali bakhe babengahlosile ukumqalekisa, noma ukuthi abe yisilahlwa.
Molatlhiwa, Matlakala, Mihloti, Dikeledi, Sello, Nyembezi - ngala magama usuke uhlonyiswa.
Ingane ezalwe emva kokushona kwabafowabo nodadewabo kungenzeka iqanjwe ngokuthi nguNyembezi ngenjongo yokuxosha isitha esingukufa esihlupha umndeni.
Uyabonake ukuthi leli gama alinankinga"
Ngokufanayo, ingane yomfana ingaqanjwa ngegama lentombazane elinjengelithi "Mamokete", uma kungukuthi emndenini kushona kakhulu abafana kunamantombazane.
Abazali bangabuye bambathise indodana ezelwe ingubo yengane yentombazane baze baneliseke ukuthi isiphephile engozini uma befuna ukuxosha isitha esingukufa. (Uma kufa amantombazane, ingane yentombazane imbathiswa ingubo yengane yomfana.)
Uma ungu "Dikeledi"noma u "Sello" akusho ukuthi uzotetema.
Uma ingane engu "Dikeledi" itetema, lokho akuhlangene negama layo - ongakwenza wukuyiyisa emtholampilo.
Igama elibi
Ungaya ezangomeni ezimbili noma ezintathu uma ucabanga ukuthi ingane yaqanjwa ngegama "elibi".
Uzozwa ngomphumela ozowuthola kuzona uma zishaye emhloleni.
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
Uma unguSello noma
uDikeledi
lokho akusho ukuthi uzotetema
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
EZEMITHI
UKUSHINTSHA IGAMA LAKHO
Ungalishintsha igama lakho ngokusemthethweni uma ungalithandi. Kodwa ungakhohliswa abaculi nabadlali abashintsha amagama abo. Amagama abadume ngawo kuthiwa ama- "stage names". Uzothola ukuthi amagama abawaqanjwa abazali babo - amagama abo "angempela" - yilawo asemapasini abo.
Ukushintsha igama lakho ngokusemthethweni kunemicikilisho kuthatha isikhathi kanti kumele ubekezele ube nemali. Uma ufuna ukushintsha igama lakho, iya ehhovisi loMnyango wezaseKhaya. Bazokutshela ukuthi yini okumele uyenze.
Okunye ongakwenza, wukuzikhumbuza ukuthi umuntu uphumeleliswa wukubekezela nokuzikhandla, hhayi igama abazali bakhe abamqamba lona kudala!
Uma kunesidingo, ingane ingaqanjwa ngelinye igama.
Njengoba ngike ngasho, abazali ngeke balimaze ingane ngokuyiqamba igama "eliyisici".
Kodwa kukhona izingane eziqanjwa ngamagama amabi ngoba zizalwe kungashadiwe noma uma ubaba waleyo ngane eyiphikile.
Kungenzeka ingane iqanjwe ngoMatlakala (izibi).
Ingane ayinacala kanti yingakho nje kungafanele ukuba indlela ophila ngayo iqhathaniswe negama owaqanjwa ngalo.
Igama lakho malingabi yisiqalekiso empilweni yakho esingaze sikufake ezilingweni.
Kusemahlombe akho ukuhlalela ethembeni ugweme ukungazikhathazi ngobubi begama lakho.
Khumbula, uma ucabanga ukuthi
abantu abanandaba nawe, kuzoba njalo ngempela.[z]
