zulu.24.stars
BONA ZULU – July 2007
izinkanyezi zakho
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Yithuba elihle leli uma ufuna ukuzakhela igama kwezamabhizinisi nasempilweni iyonke. Izingxoxo ongaba nazo nabantu abadumile zingaba yimpumelelo.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Abangani bakho bakuxhase kakhulu ngakhoke ungangabazi ukucela usizo lwabo uma uludinga. Uma uhlangana nabantu ungazitholela abangani abasha.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Thola ukwelashwa okufanele uma uzizwa ungenamdlandla noma kukhona okukuphethe. Manje sekuyisikhathi sokuzama okwehlukile. Imikhuleko nayo iyasiza.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Umqondo onawo kwezamabhizinisi ungakuphumelelisa uma ungavumeli ukuthathwa yizinto ezingeke zikusize ngalutho. Uzoba nenhlanhla emalini.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Gxila ekusebenziseni ingqondo yakho. Funda ukuze uthole ulwazi oluzokunika ikusasa eliqhakazile. Kuzokusiza ukubheka izinto ngeso elibukhali.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Uzokwazi ukulungisa isimo ebudlelwaneni obungahambi kahle kube nokuzwana. Leli thuba lisebenzisele ukuthola ikhaya elisha uma kungukuthi uyalidinga.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Ukuthatha izinyathelo ezifanele ngempilo yakho kuzokubeka empumelelweni. Uzovuna izithelo ezinhle uma uzibandakanya nenhlangano yomphakathi.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Ukuzethemba kwakho kuzokunika amandla okuqedela izinhlelo zomsebenzi. Ukuthikamezwa abanye akukudikibalisi. Izinto zobuciko ozenzayo zizohambisana nendlela ozizwa ngayo.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Yenza kuhlale kunomoya wobumbano othandweni ngokungabi namfihlo uthembeke. Qiniseka ukuthi uhlala ngokuthula. Ungathola usizo lomngani noma kube uwena ozomsiza uma kukhona izinkinga.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Izinto uzenza ngokuzimisela ngoba ufuna ukuphumelela kanti uyakwazi nokukumela okwenzayo. Abanye bayathokoza ngokuhle okwenzeka empilweni yakho kanti abanye abathokozi neze.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Zama ukuzithuthukisa. Lokho ungakwenza ngokomzimba, ngokwenkolo noma ngokomqondo. Kukuwena ukuzikhethela kanti ngalokho uzothola umphumela omuhle ezinsukwini ezizolandela. [z]
Cancer
Odumile ozalwa kule nyanga ngu
Nelson
Mandela
(18 July 1918)
Jun 22 – Jul 22
UNYAKA OZAYO
Unyaka uzokuphatha kahle ngoba uzokwenza izinto ezikhombisa ubuhlakani bakho.
Okwenzayo empilweni uzokwenza ngempumelelo.
Imali uzoyithola ngenxa yokuzikhandla kwakho kanti uzoba namandla okuthenga izinto ozithandayo.
Kodwa ezinye izihlobo zakho kanjalo nabangani bangazama ukuzitholela inzuzo nabo emalini yakho uma nawe uvuma ukuba bakuxhaphaze.
Ngeke ulenze nakancane iphutha uma ushaya imithetho eqinile ekhaya lakho.
Impilo yakho yangasese izoguquka kanti kungenzeka uthole ozothandana naye uma ungawedwana.
BONA – July 2007
