ZULU.2498.office
IZELULEKO
Zokumelana nesimo sephathi kaKhisimusi
Khombisa ubungani kodwa ungabi wuvanzi
EMSEBENZINI
Ungakugwema kanjani ukungazenzi inhlekisa lapho utshwala bungangamanzokuphala
izikhumba, wonke
umuntu esemnandi
ephathini kaKhisimusi...
UKUNGAYI ephathini yabasemsebenzini wakho kulo nyaka kungaba yindlela elula yokungabikho - kodwa lokhu kungathumela umyalezo kubaphathi bakho wokuthi awusiyo ingxenye yethimba labasebenzi - nokungacekela ukukhushulelwa kwakho esikhundleni.
Ukuhamba phambili kubantu abahlale bengamahlongandlebe njengalabo abathi, 'azidume, kanti silindeni,' nakho kungakudonsela amanzi ngomsele...
GQOKA NGENDLELA
Kuhle abesimame babukeke ngaleyo ndlela ehehayo nokuba abesilisa bagqoke kahle. Khetha amabhulukwe ansundu bese uwaxuba nokwangenhla okugqamile.
MUSA UKUFUNA UKUGQAMA
Noma ngabe kungumcimbi okhululekile, lokho akuchazi ukuthi usungeqa imingcele yesizotha nenhlonipho usuhluleka wukuhlukanisa phakathi kokuphethe emsebenzini nozakwenu.
VALA UMLOMO WAKHO
Ungahambi ulokhu uhleba ngozakwenu ngoba ngeke wazi ukuthi ubani olalele.
Ngokufanayo, kugweme ukukhuluma izinto ezifana nokuthi kungani ungakhushulelwanga imali ngoba kukufanele - lesi yisikhathi sokugwema izinkulumo zasemsebenzini.
UNGADAKWA
Ukudansa etafuleni lize liphuke, uphume usuphuma nge-ambulance, ukubanjwa nenza ucansi, ukuphambana nabanye abantu - lezi ngezinye zezinto ezimbalwa ezenzekayo kulabo abaweqayo lo mthetho.
PHUMULA
Ungakhohlwa wukuziphumulela - ngaphandle kwalokho, ngisho ngabe ufikile, bazokuthatha njengomuntu ozithulelayo bacabange ukuthi awuyona ingxenye yabanye.
XHUMANA NABANYE
Sebenzisa lesi sikhathi ngokuba nizixoxele ngani uqobo - nokuyinto ezonisiza mhlawumbe nazi ngisho nangama-birthday abanye, nokuthi mbala muni umphathi wakho awuthandayo kanjalo nokunye, hhayi ukuhlangana ngamagama abanye abantu.
ZIPHATHE KAHLE
Nakuba kuyinto enhle ukuziphumulela, qiniseka ukuthi awugcini ngokuba uzithole usuyolala lapho kade ungahlosile khona ngoba uzovuka ngakusasa uzisole. Njalo zihlole ukuthi usuphuze kangakanani ngaphambi kokutshela umuntu ukuthi uyamthanda.
ABADINGEKI ABANGAMENYIWE
Izinkampani eziningi zehlisa izindleko zamaphathi azo ngokumema abaqashiwe kuphela. Uma uvumelekile ukuza nabantu, bazise ngohlelo ukuze kungabikhona ukuphoxeka.
ZIHLONIPHE!
Zihloniphe njengoba wadonswa wumama wakho ngendlebe ngokubaluleka kwenhlonipho. Ngalolu suku zihloniphe uziphathe kahle kakhulu.
HAMBA UYE EKHAYA!
Hamba ngaphambi kokuba bakuxoshe kanye nalabo bantu abaphoxayo abahlala kuze kuyovalwa.[z]
Indaba: Thandi Zulu
