zulu.2497.influential
Umbiko kaBONA oyisipesheli
Abanye benza okuhle, abanye okubi, kodwa igalelo labo liyezwakala…
I-Time isanda kushicilela uhlu lwabantu abangu-100 abakhuthaza abantu emhlabeni. Akumangalisi ukuthola ukuthi kulolo luhlu, abaningi abaseMelika kodwa noma kunjalo, uzokuthokozela ukufunda ngabo. Kulolo luhlu kukhona nabantu abangadumile kodwa abenza omkhulu umehluko emhlabeni.
Ukukwazi ukukhuthaza abantu ukuba benze okuthile kungachaza nokuba namandla okubakhuthaza ukuba benze okubi kanti ohlwini kukhona abaholi bezepolitiki abambalwa abangayingeni eyamalungelo esintu neyombuso wentando weningi noma okungenzeka sizwe ezinye izindaba ngamazwe abo.
Ake sibheke amaqhawe akwiTime 100 list…
U-Barack Obama
Lo sigele waseMelika osemusha ozalwa abazali abaxube izinhlanga ubukeka ekulungele ukulwela ukuthola isikhundla sokuba ngumongameli waseMelika. Umhlaba wonke usuqala ukumbheka ngamanye amehlo. Ngabe angakwazi ukuletha uxolo kwelase-Iraq abuyisele nesithunzi selaseMelika njengoba elwazisa uxolo nethemba?
U-Condoleeza Rice
NjengoNobhala woMbuso waseMelika, ebheke okwenziwa yizwe lakhe kwamanye amazwe, uRice oneminyaka engu-52 ungowesimame obakhuthaza kakhulu abantu emhlabeni.
“Esakhula wazibonela ngokwakhe ukuthi kuyinto enjani ukuncishwa kwabantu amalungelo abo ngesizathu sokuthi bamnyama,” kusho uDonna Brazile intatheli yezepolitiki – kodwa bathini ngamalungelo alabo abasemazweni asacindezelwa elaseMelika?
U-Ayatullah Ali Khamenai
Iningi lochwepheshe lithi i-Iran izoba sematheni. Uma kunjalo, kuningi esisazokuzwa ngo-Ayatullah oneminyaka engu-67 obusa kuleliya lizwe.
Ukhombise ukuzihlupha ngodaba lwezikhali zembubhiso e-Iran – kodwa ngokwakhe udaba lwezikhali ulubona luyinto okufanele elase-Iran liziqhenye ngayo ngoba lokho kuzoletha ukuyingabaza eyoxolo phakathi kweMelika namazwe engezwani nawo.
U-Hillary Clinton
U-Clinton uyimbangi enkulu kaBarack Obama kanti uthathwa njengowesimame wokuqala ozimisele ngokuthatha isikhundla sokuba ngumongameli waseMelika. Waba sematheni ngenxa yesinqumo sakhe sokuqhubeka nomshado wakhe phezu kokungaziphathi kahle komyeni wakhe owaya ocansini nomunye umuntu wesimame esengumongameli wezwe, waziphendulela kanjena: “Ngingowesimame odumile kodwa eningazi lutho ngaye.”
U-Omar Hassan al-Bashir
Bangaphezulu kuka-2 million abantu asebelahlekelwe yizimpilo zabo empini yaseDarfur naseningizimu yeSudan kanti abangu-7 million abanawo amakhaya. Konke lokho kungenxa yale ndoda ekhuthaza ukungqubuzana kwabezinhlanga ezehlukene ukuze ihlale ibusa nengafuni nokuyizwa eyokungena kwamasosha e-UN agcina ukuthula kuleliya lizwe.
U-Peter Akinola
Lo Archbishop waseNigeria webandla lama-Anglican oneminyaka engu-63 uzimisele ngokuguqula umqondo webandla elineminyaka engu-400 namalungu angu-78-million ukuze lamukele abefundisi abayizinkonkoni. Lokho kungadala uqhekeko olubi kuleli bandla eselivele linabo abefundisi abayizinkonkoni kanti ibandla eliphethwe ngu-Akinola alifuni nokuyizwa leyo.
U-Thierry Henry
U-Henry ungumdlali webhola ophambili. “Akufihliwe ukuthi elase-Europe linenkinga yokucwasana ngokobuhlanga ebholeni kanti akekho umdlali olwa nokukuqeda lokho ngaphandle kukaThierry,” kusho uTony Parker intatheli yezemidlalo. U-Henry wahlanganisa izihlabani zebhola kwasungulwa umkhankaso weStand Up Speak Up owaqoqa izigidigidi zemali kwaqwashiswa abantu ngale nkinga.
NgokukaParker igalelo likaThierry liyamangalisa. Inkinga yokucwasana ngokobuhlanga ebholeni isekhona, “kodwa akusafani nakuqala, kulokho sibonga uThierry.”
U-Tyra Banks
Lo mkhangisi oneminyaka engu-33 obuye abe nohlelo alushayelayo wenza umsebenzi oncomekayo wokukhuthaza amantombazane nabesimame abasebasha ukuba bathande imizimba yabo bazihloniphe ngisho noma bangaba bakhulu noma babe bancane kanganani ngokomzimba.
U-Michael J Fox
U-Michael wayeneminyaka engu-33 ngesikhathi kutholakala ukuthi unesifo sokudlikizela komzimba (Parkinson) kanti lo mdlali usephenduke isishoshovu esikhuluma ngemiphumela yalesi sifo nangokwelashwa kwaso okungagcini ngokwelapha sona kuphela kodwa nezifo ezinjengesifo sokuthikamezeka kwengqondo (Alzheimer).
U-Bill noMelinda Gates
I-Bill & Melinda Gates Foundation ikhipha ama-billion ama-dollar ukuze kwenziwe ucwaningo ngezifo kwehliswe nokudlondlobala kwazo emazweni asathuthuka.
U-Al Gore
Wathatha umhlalaphansi kwezepolitiki kanti wayeyisekela likamongameli waseMelika. Lokho wakwenza ngenhloso yokuqwashisa umhlaba ngengozi yokushisa komhlaba wonke (global warming). Lolu daba lwaqala ukumkhathaza engena kwezepolitiki ngo-1976 kanti incwadi yakhe yama-movie asanda kuyikhipha ethi An Inconvenient Truth, yenze ukuba umhlaba ube nolwazi ngobungozi bokushisa komhlaba.
U-Monty Jones
U-Monty Jones oneminyaka engu-56 kuyodingeka ukuba abe phakathi kwabayobe bebongwa uma kwenzeka elase-Afrika liphunyuka ebuphofini nasendlaleni ngokusho kukaJeffrey Sachs we-Earth Institute eseColumbia University.
U-Jones owazalelwa eSierra Leone wasungula iNERICA, iNew Rices For Africa. Lokhu kuyizinhlobonhlobo zamarayisi ongawatshala noma kuphi uthole isivuno esihle. I-NERICA isisetshenziswa nasemazweni aseNtshonalanga ye-Africa ukuze kungeniswe imali ngayo.
U-Youssou N’Dour
U-Peter Gabriel ongumculi noyisishoshovu samalungelo abantu ukhetha uN’Dour oneminyaka engu-47 njengomculi onamandla okukhuthaza abantu kanti ngokwakhe lo mculi waseSenegal usedlondlobale waba “ngumholi wase-Africa ohamba phambili emikhankasweni yokusabalalisa ezobuchwepheshe wasebenzela nokulwa nomalaleveva.”
U-Cyril Ramaphosa
“Isinqumo sikaRamaphosa sokushiya kwezepolitiki sasikhombisa ukuzethemba kwakhe, ukuhlakanipha nokuba nemibono emihle,” kusho uRichard Holbrooke onguchwepheshe kwezezimali. “Wasebenza ngokubambisana nosomabhizinisi abamhlophe kodwa wagxila odabeni lokuhlonyiswa kwabamnyama kwezamabhizinisi.”
Ngabe intshisekelo yale ndoda eneminyaka engu-54 yokukhuthaza abantu izolokhu ikhona nasesikhathini esizayo, ngabe ingagcina isingumongameli wethu olandelayo? “Ngisho noma ingenzani, iyohlala iyithemba labase-Africa,” kusho uHolbrooke.
U-Richard Branson
Njengoba iVirgin idlondlobala eSA, silindele ukuthola isifundo emibonweni yale ndoda – ukucabangela amakhasimende kuqala. U-Richard usekhombise kaningana ukuthi ungazenzela imali eningi ngaphandle kokuxhaphaza amakhasimende akho. Asithembe ukuthi amabhange nezinkampani zase-Africa zizothola isifundo kule ndoda. [z]
BONA ZULU – September 2007
Bami ngomumo ekwenzeni umehluko emhlabeni
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabakwaGALLO IMAGES/GETTY IMAGES
BONA ZULU – September 2007
1. Al Gore
2. Tyra Banks
3. Omar Hassan al-Bashir
4. Youssou N’Dour
5. Thierry Henry
6. Cyril Ramaphosa
u
t
Uyohlala eyithemba labase-Africa
BONA ZULU – September 2007
7. Condoleeza Rice
8. Richard Branson
9. Barack Obama
10. Bill and Melinda Gates
11. Peter Akinola
12. Hillary Clinton
Izinto ezisikhuthazayo
l U-J. Craig Venter nabanye ososayensi bazokhiqiza amafutha ashibhile azothatha indawo ka-petrol nowoyela.
l U-Elizabeth Blackburn onguchwepheshe kwiBiology uhola umkhankaso wokulwa nomdlavuza emva kokuba ethole i-telomerase ekwazi ukunqanda ukusabalala kwama-cells omdlavuza emzimbeni.
l Ngabe ufuna ukuzenzela i-movie yakho – noma i-video yomculo ezobonwa abantu? Iya ku-YouTube. Ochwepheshe kwezama-computer abangoChad Hurley (29) noSteve Chen (27) benze kwaba lula ukwenza, ukusebenzisa nokubukela i-Internet video. Abaculi abambalwa, abadlali nabenzi bama-movie sebesayine izivumelwano ezinhle ngenxa yokubonakala komsebenzi wabo kwiWeb site.
