ZULU.2494.legalmar
BONA ZULU - March 2006
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Inkinga ngabaqashile
Ngiqashise ngendlu emzini wami. Oqashile kwaphela unyaka ekhokha kahle. Njengamanje sekuphele izinyanga ezintathu engakhokhi. Ngiyazi ukuthi ngokomthetho kudingeka ukuba ngilandele izinyathelo ezifanele uma ukhipha oqashile. Ngicela usizo lwakho kulokhu.
AS, Soweto
lUma uqashisela umuntu indlu noma ikamelo, nenza isivumelwano se-letting and hiring. Oqashisa ngendawo kuthiwa yi-"lessor," ekubeni oqashile kuthiwa yi-"lessee."
I-lease noma okuvunyelwene ngakho kungabhalwa phansi noma kuxoxiswane ngakho. Zombili lezi zivumelwano zamukelekile ngokusemthethweni uma kukhona ikontileka enivumelana ngayo. Lokhu kubalulekile, ngoba umuntu oneminyaka engaphansi kwengu-21 ngeke akwazi ukuthatha ikontileka ngaphandle kosizo lomzali noma lomuntu okunguye ombhasobhile.
Uma umuntu efuna ukuncika kwikontileka ye-letting noma ye-hiring, kufanele kube khona ubufakazi bokuthi kwenziwa ikontileka ye-lease nokuthi kuleyo kontileka kukhona okukodwa kwalokhu okulandelayo:
mIsivumelwano salowo oyi-lessor "sokunikezela ngento" koyi-lessee. Odabeni lwakho "into" yikamelo. Lapha indlela lokhu okwenzeka ngayo ngoyi-lessor enika oyi-lessee okhiye, kusho ukuthi umnika amandla okulawula ngabo.
mIsivumelwano kwabavumelanayo lapho oqashayo kuzokuba ngokwesikhashana. Igama elithi "okwesikhashana" lisetshenziselwa ukukhombisa ukuthi ubunini abushintshi nokuthi indawo iyohlale kungeye-lessor.
mIsivumelwano sokuba i-lessee ikhokhe irenti.
Kunezindlela zokubhekana nezinkinga zoqashe kuwe. Uma ufuna imali oyikweletwayo, mthumelele incwadi emphoqa ukuba akukhokhele - uma irenti ingakhokhiwe, kufanele umthumelele amasamanisi.
Uma oqashile, egcizelela ukuthi imali wayikhokha, kufanele akhiphe ubufakazi balokho.
Uma ufuna ukuthatha izinyathelo zomthetho zokwesulwa kwesivumelwano, khipha ubufakazi bokungakhokhwa kwerenti nobelungelo lokwesula isivumelwano.
Esivumelwaneni esenziwa ngomlomo, awukho umthetho wokusesula. Ongakwenza wukubekela oqashile eyakho imithetho nemibandela.
Lokhu kusho ukuphoqelela ukuba irenti ifike kuwena ngosuku oluthile. Uma ehluleka ukukhokha, mbhalele enye incwadi nokuyilapho wesula khona isivumelwano.
Iba nobufakazi bokuthi oqashile uyazithola izincwadi. Uma ungawatholi ama-signatures akhe angubufakazi bokuthola izincwadi, zithumele ngeposi elirejistiwe.
Le nqubo ibukeka inzima kodwa ilula kangangoba nawe ungazenzela ngokwakho. Ngasohlangothini lwamasamanisi, kuzofanele uxhumane nommeli.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
