zulu.2493.bec recipe-tips
ELASE-SOUTH Africa liyizwe elithandwa kakhulu abavakashi emhlabeni kanti linamathuba amaningi kosomabhizinisi. Ziningi izindlela zokuthuthukisa ibhizinisi elincane usebenzise ubuhlakani wenze elikudingayo.
Yazi abavakashi bakho
Ngisho noma ngabe uhlalaphi, kusemqoka ukwazi okudingwa abavakashi bakho ubhekele lezo zidingo zabo. Uma unehostela labatshuzi abasebancane njengalelo elingaseMkhomazi, bazofuna ukuhlala endaweni eshibhile, bathole isidlo sasekuseni esimnandi, babe nendawo yokubeka izimpahla zokutshuza, bazi ngabatshuzi bendawo, bathole nemininingwane ngabangazithokozisa ngako kusihlwa.
Kodwa uma unehhotela, uzothola abavakashi abahlukile, abafuna ukuhlala endaweni ehlotshiswe kahle, badle kahle bathole nempatho enhle.
Iningi losomabhizinisi abancane abasembonini yezokuvakasha liyakwazi ukunakekela abavakashi ngoba usomabhizinisi uzibambela mathupha ekuphatheni ibhizinisi lakhe. Kodwa kunemibuzo embalwa abanikazi bezindawo zokuhlala abavakashi abangazibuza yona ukuze izindawo zokuhlala zibe seqophelweni eliphezulu abavakashi baphatheke kahle:
n Ngabe abavakashi esinabo manje nesiyoba nabo esikhathini esizayo bafuna ukuhlala endaweni enjani" Ngabe badinga amagumbi ahamba ngamabili, ahamba ngawodwana, anama-en-suite, abangakwazi ukubamba imihlangano kuwona noma kube khona okunye okuhambisana nezidingo ezithile"
n Badinga hlobo luni lokudla"
n Ngabe kukhona okuhlukile abakudingayo, njengokupaka endaweni ephephile, i-en-suite, amagumbi ezingane, i-computer nezidingo zabakhubazekile"
n Ngabe ibhizinisi lakho lisendaweni ehlukile" Ngabe lingasolwandle, ngabe abavakashi bangakwazi ukuhamba babone imvelo ezindaweni ezinomlando"
n Ngabe kukhona okwehlukile ngebhizinisi lakho, abanye abantu abangakwenzi" Ngabe abavakashi bangaziphathela iziphuzo noma ngabe indawo yakho ihlotshisiwe yahambisana nengqikithi ethile"
n Yini oyaziyo nongayazi"
Gxila kokwaziyo ufunde ongakwazi.
Benzele abakufunayo ngesikhathi
Phendula imibuzo ngokushesha. Uma isivakashi singakutholi esikudingayo, sinike okunye onakho. Ziningi izindawo zokuhlala abavakashi ezenza okufanayo.
Uma abavakashi bethola abakufunayo ngesikhathi abahlukani naleyo ndawo kanti batshela nabanye ngebhizinisi lakho. Uma ufaka uswidi wokwamukela abavakashi emcamelweni, kwenze njalo lokho. Uma indawo yakho ihambisana nengqikithi ethile, isebenzise kukho konke okwenzayo. Yiba nendlela ehlukile ozozimaketha ngayo wenze okufanele njalo.
Okokugcina, yiba nobuso obuhle. Abavakashi bazwana nendawo ephethwe abantu abakhululekile abanobubele. Yibhizinisi lakho leli, liphathe kahle ukuze abavakashi babuye. [z]
Ukumaketha indawo yabavakashi
BONA ZULU - December 2006
ZAMA le resiphi ye-oatmeal ethokozisayo. Ake udedele abantwana bakho "bapheke," - wena ubasize!
STRAWBERRY OATMEAL
Izithako
1 inkomishi amanzi
1/2 inkomishi i-rolled oats
ibinzana likasawoti
1/4 inkomishi iStrawberry Mageu Number 1
ibinzana le-cinnamon
2 ama-teaspoon ushukela onsundu
Indlela yokwenza
1. Thela amanzi, i-oats, nosawoti ebhodweni olibeke esitofini.
2. Fudumeza ingxube ize igxabhe wehlise umlilo.
3. Thela iMageu ne-cinnamon.
4. Pheka wehlise umlilo ugovuze imizuzu engu-5.
5. Thela endishini uvuvuzele ngoshukela.
6. Kupholise umzuzu owodwa ukudle.
Kwanela oyedwa
Isikhathi: imizuzu engu-10
Kulawa maholidi zithokozise ngokupheka nezingane zakho. Ikhishi liyindawo enhle yokuxhumana nabantwana bakho.
BONA - August 2005
