zulu.2491.beauty
BONA ZULU - April 2008
Awazi uzokwenzani ezinweleni zakho" Uchwepheshe wethu usikhombisa okuthathu okungashintsha ukubukeka kwakho...
UKUNAKEKELWAKWEZINWELE
I-Business Bun
Ikahle uma uya emsebenzini kanti yenza ube nokuzethemba!
Ukusenza
Sebenzisa i-oil moisturiser uqinisekise ukuthi izinwele zakho ziswakeme, ziyacwebezela zondlekile. Hlukanisa izinwele eceleni uziphakamise zibheke emuva uzibophe esiphundu. Fasa ama-hair extension ngophini, wabrashe ashelele ugoqe kube yi-bun. Faka i-holding spray ne-sheen spray ukuze zicwebezele.
Usungaphuma uye emsebenzini!
Izeluleko
Udinga ama-hair extensions ozowaxhuma ezinweleni ahlukahlukene, ubukhwalithi bawo buncika emalini ofuna ukuyisebenzisa.
Ama-human hairpieces ayabiza kune-synthetic hair. Okuhle ngawo wukuthi ungawasebenzisa isikhathi eside kanti akawaxwayi ama-hair drier noma ama-curling irons uma uwalungisa.
Kunemikhiqizo ethile ongayisebenzisa kwi-synthetic hair .
U
NGENZA noma
yini ezinweleni eziphothiwe, zisesitayeleni zinakekeleka kalula. Kodwa ngabe yini ongayenza kulezo zinwele uma ungasazi ukuthi yini ongayenza noma uma ufuna ukuziluka ngendlela engajwayelekile"
UBONA unayo impendulo - sinezitayela ezintathu ongazenza kalula ezifanele noma yimuphi umcimbi.
Eziphothwe Kahle
Uma uphuma ushaywa wumoya zama lesi sitayela.
Ukusenza
Hlukanisa izinwele kabili zinhlangothi zombili emaceleni nangasemuva. Luka usonte uhlangothi ngalunye kuze kufike esiphundu uhlanganise ngophini.
Izinwele ezingaphezulu ziyeke ungaziluki, faka i-holding spray. Ziyeke wenze i- "beehive." Fasa ngophini, faka i-sheen spray ukuze zicwebezele uphume uyozijabulisa.
Izeluleko
Udinga ama-hairpins, i-tail comb, i-holding spray ne- sheen spray.
Uphethe
isitayela
BONA ZULU - April 2008
Ezinama-curls
Lesi sitayela sikahle ehhovisi noma uma ukhishwa.
Ukusenza
Yenza ama-curls ngaphambili ezinweleni. I-bun yakho mayingabi nama-curls bese ubhrasha izinsalela ze-holding spray ezinweleni. Yenza ama-curls ezinweleni, bopha ingxenye yezinwele ezinama-curls zime zibheke phezulu ezinye uziyeke zibheke phansi, faka i-spray ezinweleni.
Bopha ngeribhini lapho kuqala khona izinwele ukuze ubukeke kahle kusihlwa.
Izeluleko
Thenga i-curling tong, i-hot brush noma i-flat iron namaribhini ayimibala oyithandayo.
Buza kumcwali wezinwele ukuthi yini ephephile ongayisebenzisa ezinweleni ukuze uzivikele elangeni.[z]
nguFAITH SEUOE
izithombe ngu-IVAN NAUDE
i-make-up nezinwele: FAITH SEUOE
umkhangisi: MATATSI ophuma kwaG3
