zulu.2488.lifeguide_motivation
Yiba ngomangalisayo!
Lowo nalowo muntu ukulo mhlaba ukufeza injongo ethile, ukwenza izinto ezimangalisayo
KULE NYANGA mabili amagama engizokutshela wona: Yenza okumangalisayo! Angisho ukuthi yenza okumangalisayo ngoba unamandla okwenza lokho nje kuphela kodwa ngisho ngoba vele ungumuntu omangalisayo.
Ake ucabange lokhu, imbewu yofuzo lwakho yaphuma kweyizigidi ngezigidi ukuze ivundise iqanda esibelethweni sikamama wakho. Waba ngumnqobi ungakazalwa. Uphila emhlabeni omangalisayo kanti wadalwa ngumuntu omangalisayo UNKULUNKULU.
Indlela umhlaba ohleleke ngayo ingubufakazi bokuthi kunesidalwa esimangalisayo esenza lo msebenzi. ImiBhalo eNgcwele ithi singabantwana Bakhe. Okusho ukuthi wenake mngani wami ungumsuka wempilo omangalisayo.
Uma ubheka indlela esidalwe ngayo, kuyacaca ukuthi sisuka kude. Sithathe amagxathu sasungula izinto ezingashaqisa izinyanya zethu, njengokuya emkhathini. Kodwa phezu kwabo bonke lobu buhlakani, akekho umuntu oseke wakwazi ukufaka ama-cells emzimbeni womuntu njengoba lowo nalowo muntu enangu-70 billion emzimbeni.
Ngabe uyazi ukuthi phezu kokuba bengu-six billion abantu abaphilayo eMhlabeni, akekho onolibofuzo (DNA) noma izinsalela zeminwe ezinjengezakho? UMdali Ukudale ngokukhethekile ngoba kulo mhlaba akekho ofana nawe. Wehlukile nokuchaza ukuthi alikho inani ongathengwa ngalo!
Kunesizathu esenza ukuba sihluke kwabanye. UMdali Wayenenjongo ethile ngesikhathi Edala wena. Izinto ozithandayo nongazithandi zibalulekile ngoba ziyinkomba yokuthi kungani uphila.
Izinto ezikukhalisayo, ezikuthukuthelisayo noma ezikukhuthaza ukuba uvuke uzithathe ziyinkomba yezinkinga uMdali Ayefuna ukuba uzixazulule. Uyigugu ngezinkinga ozixazululayo futhi uyisinengiso ngezinkinga ozidalayo.
Iningi labantu liphilela ubumnandi, aliphileli ukufeza injongo ethile! Liphilela ukudla, izingubo, izimoto nezindlu. Lezi zinto zinhle ngoba uyazidinga ukuze uphile kahle.
Usuke ubusisekile uma unazo kodwa ubusiseka kakhulu uma usuthole okuzokukhuthaza kukwakhe. Akusiyo imali nempumelelo okwakha impilo enhle, amabhizinisi, izinhlangano namasonto - kodwa yizizathu eziphathekayo.
U-Henry Ford owaqhamuka neqhinga lokwakha imoto wayenesizathu ngesikhathi ekholwa wukuthi umuntu kufanele abe nemoto ngisho noma engenamali - lo mqondo wamfikela engenamali. Wagcina enze iModel T eyenza kwashesha ukuhamba.
U-Bill Gates owasungula iMicrosoft wayenogqozi lokwakha amakhomphyutha. Lolo gqozi waba nalo waze wathatha isinqumo sokuyeka ekolishi ukuze kufezeke iphupho lakhe - manje u-90% wamakhomphyutha usebenza nge-programme
yakhe.
Ngeke sonke sibe nemali nodumo kodwa singamangalisa empilweni yethu nasezintweni esizenzayo. Ungaba nguweta, unogada, umshayeli wemoto
noma umsizi wasezindlini omangalisayo noma ube ngudokotela, ummeli, usolwazi noma usopolitiki omangalisayo.
Abantu abenza uguquko emhlabeni akusho ukuthi bakhuthazwa wudumo nemali. Abakufunayo wukubamba iqhaza ezintweni eziphathekayo emhlabeni.
Ngake ngezwa umseshi ethi ayikho into emjabulisa njengokufaka izigebengu
ozankosi, nokuzwa umsindo wokuvaleka kweminyango
yejele sekuvalelwa isigebengu ukuze singaphinde sihluphe abantu. Lo mseshi unendima ayidlalayo empilweni yakhe ongasoze wayinqumela nani.
U-Mother Teresa wayenakekela abampofu nabagulayo. Ayekwenza wayengakwenzeli ukuthola udumo noma imali.
Kunoma yisiphi isimo ohlangabezana naso nakunoma yini oyenzayo, qiniseka ukuthi uyazimisela ushiye omaka bezinsalela zezinyawo
zakho empilweni. Yiba ngomangalisayo! [z]
Pastor George
Shiya omaka bezi-nsalela zezi-nyawo zakho empi-
lweni
SIYAKHANA
