zulu.2487.let
Sanibona bangani
ZIMBILI izinto engizenze ngenyanga edlule engingakaze ngizenze phambilini: ngihambe ngemoto ngalibhekisa eMagaliesburg ngazibusisa ngokuhlala ehhotela iMount Grace, ngaphululwa umzimba endaweni ekuleli hhotela.
Lokhu kuzibusisa kwami kwathatha usuku olulodwa nje kuphela kodwa kwaba sengathi ngidla izambane likapondo njengomndeni wakwaMashaba kwiGenerations. Ayikho into emnandi njengokubizwa ngo-ma'm usuku lonke ulale embhedeni omkhulukazi okungadingeki ukuba uvuke uwendlule ekuseni.
Kufanele ngivume ukuthi angikaze ngikuhlelele ukuya eholidini. Isikhathi sikaKhisimusi ngisichitha nomndeni ngizitike nge-trifle namakhekhe kaKhisimusi. Ngaphandle kokukhuluphaliswa yizibiliboco zikaKhisimusi nokubukela iTV - ukwenza into efanayo unyaka nonyaka kugcina sekuyisicefe.
Eminyakeni embalwa edlule, emva kokuzwa ngokuzikhipha kwabesimame abanezitokofela, ngathatha isinqumo sokuthi ngizowuyeka lo mkhuba wokudla ngilale uma ngiseholidini ngiqale umkhuba omusha wokuvakasha. Kodwa kungiphazamisile ukukhokhela izikweleti zezingubo, ukukhulisa ingane kanye nenkinga yokuntenga komnotho.
Ngonyaka ozayo ngifuna ukushintsha ukwenza. Kunokuba nezikweleti, ngifuna ukonga imali ukuze ngithathe umama ayophululwa umzimba, ngihambe nomngani wami ngomkhumbi siye eMozambique ngivakashele naseVenda.
Kulabo abazoya emaholidini, noma bazihlalele emakhaya, sinamacebo amahle mayelana nabangakugqoka (ikhasi 46). Uma udinga iseluleko ngamalungu omndeni wakho adlala ngawe afuna ukuxhaphaza imali yakho uma kunguKhisimusi, uSis' Angie ukunika sona ekhasini 95. Sibuye sibe nezindlela ezilula zokupheka inkukhu (ikhasi 74), ukuze ube nesikhathi sokuya enkonzweni ubuye uziphumulele kulowo mbhede wakho!
Ithimba lakwaBONA linifisela uKhisimusi omuhle, ningakhohlwa wukuBonga uMdali ngempilo Aniphe yona. Ngicela ukunikhuthaza nangokuthi khumbulani leyo mindeni engenako ukudla ngalo Khisimusi niyisize.
UNKULUNKULU AniBusise
IZINCWADI
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 473014, Parklands, 2121.
fax: 011-474-9223 e-mail: bona@caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Iqiniso
Iphephabhuku lenu limnandi futhi ngiyathanda ukulifunda. Lisikhombisa ubuntatheli bangempela nezindaba zakamumva ezisithinta sonke. Futhi anilifihli iqiniso kunalokho nilisho njengoba linjalo nisivumele kube yithina esizinqumelayo ukuthi sizizwa kanjani. Anisabi ukubonisa abantu, izindaba ezisithintayo kanjalo nosaziwayo baseSouth Africa. UBONA usazisa ngezwe lethu ufundise nabantu ngalo. Niphuma phambili. Nime njalo. Siyabonga BONA!
Nonhlanhla Sibeko, Pretoria
Amehlo ami asevulekile
Ngithanda ukubonga uBONA ngokusilethela umfundisi uGeorge osengivule amehlo. Bengiba nezinkinga eziningi, kodwa manje eziningi sezixazululekile. Mfundisi George usilaphile isizwe. Sibonga UNKULUNKULU ngawe.
Songezo Gwebecimele, Mdantsane
Ngizizwa ngisemusha
Nakuba sengineminyaka eko-30, kodwa ngenxa yokufunda kwami uBONA ngizizwa ngisemusha. Izeluleko zenu zingisize kakhulu ukuba ngikwazi ukuphila impilo ekahle. Sengiqalile ukwenza ezinye zezinto eniseluleka ngazo ezinomthelela omuhle ekuzwaneni kwami nabomndeni nabangani. UBONA ungisizile ukuba ngiphinde ngikwazi ukuphila ngokuzethemba - manje sengingumuntu othokozile nonokukhulu ukuzethemba empilweni..
Sipho Phiri, Tsakane
Yibhange noma yindlu kaNKULUNKULU"
Ngithanda ukuphendula incwadi eyaphuma oshicilelweni luka-August 2009 esihloko sithi, "Amasonto enzani"" Amasonto kubukeka engasathathwa njengendawo yokuDumisa uNKULUNKULU. Kunalokho asephenduke indawo yokwenza imali. Abefundisi batshela abantu abahluphekayo ukuthi ngokukhokha kwabo imali esontweni bazongena iZulu uma befa. Akusilo neze iqiniso! Abantu bakholwa okushiwo abafundisi. Eminye imindeni igcina ingasenakho ngisho ukudla ngenxa yokukhokha emasontweni. Kumanje abanye abafundisi baphila impilo ecokeme ngemali yesonto. Sekuyisikhathi sokunqanda lo mkhuba. Masithole iqiniso ngokufunda amaBhayibheli ethu!.
AM, Kokstad
Ithemba ngekusasa
Kubuhlungu ukubona intsha yanamhlanje iphuza utshwala ngale ndlela. Abantu abasha abazihloniphi bona kanye nabanye abantu. Yonke into inendawo yayo nesikhathi sayo empilweni, ngakhoke thokozela zonke izigaba zempilo ngokwahlukana kwazo. Khumbula, umuntu uvuna akutshalile. Sebenzisa ithalente lakho uziqhenye ngobuwena. Ngokubambisana, singakha ikusasa eliqhakazile.
Nolundi Lumani, Maclear
Izisu ezinkulu
Ukhona ongangitshela ukuthi konakelephi ngentsha yanamhlanje" Kukhona umthetho omusha yini othi uma ungakhulelwanga uneminyaka engu-13, 16, noma 17 angeke uphinde ukhulelwe" Zonke izindawo uma ngithi ngiyabheka ngibona amantombazane angontanga bami benezisu ezinkulu: sengathi ifeshini ukukhulelwa. Angiyazi ngempela le nto. Phaphamani mantombazane: Ningakhohliseki ngokuthi uma nithola izingane nizoba yizigwili, kuyiqiniso ukuthi imali eyisibonelelo sikahulumeni iyabasiza omama zinyanga zonke ngo-R240. Le mali incane ngeke ikwenze ube yisigwili noma unakekele kahle ingane yakho. Kuzokwenzekani lapho ubaba wengane ekushiya, uzoyinakekela kanjani ingane yakho" Kunokuba nilokhu nenza izingane, nakani izinto ezibalulekile enizidingayo empilweni yenu - njengemfundo. Tholani imfundo ukuze nizibeke emathubeni emisebenzi emihle. Lokho kuzonisiza nibe nekusasa elingcono!
Nkoala Mojabatho, Odendaalsrus
Ubugebengu buyehla
Ngithanda ukubonga abombutho wamaphoyisa kuleli SAPS endaweni yaseViljoenskroon ikakhulukazi unsumpa uMbeloane. Selokhu afika eRammolotsi izinga lobugebengu lehle kakhulu. Sesiyakwazi manje nokuhamba ebusuku okuyinto ebesisaba ukuyenza esikhathini esedlule. Selokhu afika kule ndawo umehluko uyabonakala futhi kuyacaca ukuthi uyakwazi ukulwisana nobugebengu. Ngiyabonga Supt Mbeloane, qhubeka njalo nomsebenzi omuhle.
Sandile Nathnael Kompela, Viljoenskroon
Hamba kahle Force
Ngibuhlungu ngokwedlula koMhleli wephephabhuku lethu uBONA uForce Khashane. Lezi zindaba ezithusayo ngaphuza ukuzizwa ngenxa yokuthi sengihlala eMelika. Kodwa kusukela ngo-2003 kuya ku-2007 ngisahlala eLesotho uBONA kwakuyilona iphephabhuku engangilifunda kakhulu. Ngangithenga elesiNgisi nelesiSuthu ukuze ngifunde ulimi lwesiSuthu. UBONA wangisiza ekufundeni ulimi namasiko ami. Ubaba uForce Khashane waba nelikhulu igalelo kulokho kufunda kwami. Sengathi angalala ngoxolo!
Greg Alder, San Diego, California
Incwadi ewinile
Ziqophele okubalulekile empilweni yakho ngeSELPHY Photo Printer yakwaCanon. Incane, kulula ukuyifaka, kanti isebenza ngemizuzu embalwa. Awudingi ngisho nekhomphyutha - uvele uqophe kusukela kwi-memory card, ama-digital cameras ngisho nakuma-cellphone imbala. Lawa ma-photo printers anika wonke umuntu ithuba lokwenza izithombe ezinhle - ekhaya noma ekuhambeni!
Yiba ngowinile ngo
HALALA kulaba bafundi abathathu abaziwinele ukuchitha ubusuku obubili eRoyal Hotel eThekwini nokungumncintiswano owaphuma kuBONA kaSeptember 2009. Labo ngo Nompumelelo Mchunu, Ext. 14 Embalenhle; Elda Magwaza, Zone 5 Diepkloof, no-Zolelwa Madolo, Durban. Siyanibongela!
Sithanda ukuhalalisela nalo mfundi wethu oziwinele ihampa yezincwadi kwiBlock Puzzle No 95 eyaphuma kuBONA kaSeptember 2009. Lowo ngu-Elizabeth Mabena, Daveyton. Siyethemba uzokuthokozela ukufunda izincwadi zakho.
Amathuba ka-2010
Masilithakasele leli thuba lokusingatha le midlalo
INDEBE YOMHLABA isisemome, nezwe lethu lizovakashelwa yizinkulungwane zabantu ezivela emazweni omhlaba ehlukene. Singalisebenzisa kahle leli thuba eliyingqayizivele. Izivakashi zizodinga indawo yokuhlala, ama-tourist guide, izinhlobonhlobo zokudla kwakuleli nokwazi ngamasiko ethu. Ngokwenza okuyizidingo zabantu ngo-2010 sizobe sakhela abantu bethu amathuba amaningi emisebenzi. Singakwazi nokuba sizakhele imali ngokusebenzisa leli thuba.
Barbara Luvhengo, Limpopo
Osibhalele le ncwadi ewinile kule nyanga uzothola iCanon SELPHY Photo Printer ebiza R1 200
