zulu.2485.beauty
BONA ZULU – May 2006
OKUFANELE ube nakho noma kanjani kule sizini wumbala omuhle ozowugcoba ezindebeni zakho. Wugcobe ezindebeni eziswakeme ezingaxebuki. Uma izindebe zakho zomile, zibhrashe ngesixubho esithambile esicwiliswe esiswakamisini, kuvaselina noma kwi-lip balm ngaphambi kokufaka i-lipstick.
Okumele kungasali ezintweni zowesimame, wumbala wakhe awukhonzile. Njengoba sinemikhiqizo eminingi esingakhetha kuyona, ukugcoba izindebe kuzoba yinto emnandi kulobu busika. Yiba nesineke uma ukhetha okuzozwana nawe.
Ama-lipstick abantu abanesikhumba esinsundu kumele agqame. Bheka ukuthi ubukeka kanjani kuleyo mibala emisha, i-lipstick yakho ungayigcobi ngemuva esandleni uma uyihlola ngoba umbala wesikhumba esandleni awufani nowezindebe.
Sebenzisa i-lipliner ezogqamisa izindebe – khetha emesha i-lipstick.
Imibala ehehayo isesitayeleni kulobu busika. Imibala yama- berries nama-plum itholakala ngemibala ehlukahlukene. Khetha kwekhanyayo, egqamile ne-metallic uma usukhetha okuzozwana nawe.
Khetha iLip Pouts yakwaKangol, Lip Stacks yakwaKryolan neLip Wheel yakwaRevlon uthole umbala ongawusebenzisa.
Ongakwenza ezindebeni
n Gcoba i-lipstick iseshubhini layo uthambise indawo engaphandle kwezindebe ngomunwe wakho.
n Ungasebenzisa i-lip-pencil njenge-lipstick ezindebeni; uma izindebe zomile, ziswakamise nge-lipbalm noma ngovaselina. (Sebenzisa i-lipliner engagqamile embaleni o-plum noma o-berry brown emehlweni.)
n Ukuze i-lipgloss enamathelayo isuke kalula, gcoba i-baby oil noma ukhilimu endwangwini efudumele, emanzi uyisule.
n I-lipstick noma i-lipgloss ihlala iminyaka emibili. Ukuze i-make-up ihlale isikhathi eside, yibeke endaweni epholile, eyomile ingatholwa yilanga uyivalisise emva kokuyisebenzisa. [z]
Izindebe zinhle
KWESOBUNXELE: Ama-lipstick akwaKryolan (ukusuka ngezansi ujikeleze) L117, L360, L362, L515, L3 L321 (R95 iyinye).
NGEZANSI KWESOBUNXELE: I-Mauvy Night Lipstick yakwaRevlon (R69,95).
NGEZANSI: I-Kangol Lip Pouts (R35,95 iyinye).
Izindebe ezinhle zingenza umehluko ebusweni. Zama imibala nezinhlobo ezintsha usebenzise nezeluleko zethu
nguCHRISTINE HAMMANN
izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ umkhangisi NELI ophuma kwa-Ice
i-make-up nezinwele ZAHIRAH VARIAWA
Ama-lipstick akwaKangol iSalsa, Platinum ne-Immortal (R45,95 iyinye).
E
NGENHLA: Ama-lipstick akwaKryolan: Champagne, Rust noChocolate (R85 iyinye).
BONA – August 2005
