zulu.2481.triviamar08
I-Puzzle Yezithombe
Roger Milla
amakhasi kaBONA athokozisayo
Igama langempela: Albert Roger Miller
Usuku lokuzalwa: May 20, 1952
LO mdlali waseCameroon waba ngomunye wabadlali base-Africa bokuqala ukuba babe yizihlabani emazingeni amazwe omhlaba.
Wadlala kumaWorld Cup amathathu edlalela iCameroon nokwathi eseneminyaka engu-38 - nokuyiminyaka iningi labadlali elisuke selithathe umhlalaphansi - washaya amagoli amane kwiWorld Cup ka-1990, wasiza iCameroon yafinyelela kuma-quarter final.
UPaul Biya ongumongameli waseCameroon nguye owashayela uMilla ucingo emncenga ukuba aphindele ekudlaleni ibhola emva komhlalaphansi.
UMilla waqhubeka wayodlalela iCameroon eyaziwa ngokuthi ama-Indomitable Lions emdlalweni weWorld Cup ka-1994.
Ngo-2004 wafakwa ohlwini lwabadlali abangu-125 abayizihlabani zebhola emhlabeni abaqokwa nguPelé njengengxenye yemigubho yeFIFA igubha iminyaka elikhulu yasungulwa.
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho
Amahlengethwa alala ebusuku ngaphansi kwamanzi, kodwa alokhu ephumela ngaphandle ezothola umoya.
l IZambezi ingubude obungu-2 574km nokuyenza ibe ngumfula wesine omude e-Africa nomkhulu kunayo yonke engenela kwi-Indian Ocean.
l Lo mfula usuka eZambia ugelezele e-Angola emingceleni yaseNamibia, Botswana, Zambia naseZimbabwe uye ufike eMozambique lapho ufike ungenele kwi-Indian Ocean.
l Into enedumela kakhulu kwiZambezi yizimpophoma zayo iVictoria Falls.
l Endaweni yonke oyihambayo lo mfula, kukhona amabhuloho ayisithupha: iChinyingi, Katima Mulilo, Victoria Falls, Chirundu neTete. EMozambique kukhona ibhuloho iDona Ana Bridge.
l Mabili amadamu ugesi odonswa usukela kuwona - iKariba Dam ephakela ugesi eZambia naseZimbabwe kanye neCahora Bassa Dam eMozambique okuyidamu eliphakela iSA ngogesi.
l Lo mfula uphethe impilo yemindeni yezilwane ezehlukene. Izimvubu nezingwenya eziningi zitholakala onqenqemeni lalo mfula.
l Kukhona nemindeni yezilwane ezinkulu ezifana nama-buffalo, amadube, izindlulamithi nezindlovu - nezinhlobo eziningi zezinhlanzi.[z]
Yakha igama
UTHI UBUWAZI?
l Inkunzi kashaka noma iZambezi Shark itholakala emhlabeni jikelele. Ivame ukuhlala ezindaweni ezingasogwini phakathi namanzi emifuleni emikhulu njengeZambezi. Lona ushaka onolaka kanti usubahlasele iziqubu eziningi abantu.
Mangaki amagama esiNgisi ezinhlamvu ezine nezinhlanu ongawakha ngasesikhaleni. Oluphakathi (olubomvu) lusebenzise kuwo wonke ubheke ukuthi ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu. Uhlamvu malusebenze kanye.
u
t
Insimbi!
INSIMBI iyi-alloy, okusho ukuthi yenziwe ngama-substances amabili nangaphezulu. Isithako esimqoka kakhulu ensimbini yi-iron. Kodwa yizithako ezinjenge-manganese, tungsten noma i-carbon ezenza ukuba insimbi iqine.
Insimbi eyakhiqizwa kuqala yayiliqhamukisa e-East Africa kanti yakhiqizwa ngo- 1400BC. Kwaqala phakathi kwe-19th Century ukuthi insimbi ibe ngumkhiqizo ongabizi.
Namuhla insimbi ingumkhiqizo ojwayeleke kakhulu emhlabeni kanti isetshenziswa emabhilidini, emathuluzini, ezimotweni nasezimpahleni zikagesi.
ElaseChina lihamba phambili ekukhiqizweni kwensimbi njengoba likhiqiza u-one-third wensimbi ekhiqizwa emhlabeni wonke, kulandele iJapan, Russia neMelika.
Beka ngokuyikho
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
UMBALA O-ORANGE
UMBALA o- “orange” waqanjwa ngesithelo. Kwaqala ngo-1512 enkantolo kaKing Henry V111 ukuthi leli gama lisetshenziselwe ukuchaza umbala. Ngaphambi kwalokho lo mbala kwakuthiwa u-geoluhread (ngokwesiNgisi sakuDala) okusho ukuthi “yellow-red” ngokwesiNgisi saManje.
Uthi ubuwazi?
BONKE abantu bakhuluma ngokubaluleka kokusetshenziswa kwezibi kabusha, kodwa lokho akukusha embonini yensimbi. Sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-150 le mboni isebenzisa insimbi engasasebenzi kabusha ngoba lokho kushibhile kunokwenza “entsha”.
Ngale ndlela le mboni yonga ugesi ewusebenzisa ngonyaka ngo-75% kanti ngalowo gesi ewongayo kungasizakala amakhaya angu-18 million ngonyaka.
Ukusebenzisa kabusha ithani elilodwa lensimbi konga u-1 100kg we-iron ore no- 630kg wamalahle.
Amagundane yizilwane ezimangalisayo…
u Amagundane esiwajwayele yilawo amnyama (Rattus rattus) kanye nansundu (R. norvegicus).
u Abantu bafuya igundane elinsundu, eladabuka eChina.
u Yizinambuzane ezazithwalwa yigundane elimnyama ezasabalalisa iBlack Plague kwelase-Europe ngeMiddle Ages kwafa izigidigidi zabantu.
u Amagundane anobungani, akhaliphile kanti ungawaqeqeshela ukuba asebenzise umgqomo wezibi, eze uma ebizwa, enze nezinye izinto eziyimicikilisho.
u Ziningi izizwe ezidla amagundane. Ngokwe-United Nations Food And Agriculture Organisation amagundane ayingxenye yenyama ekhiqizwa idliwe eGhana lapho kufuywa kubuye kuzingelwe khona amabuzi.
u Ngokwa-masiko aseNdiya, amagundane ahlobene nesithixo esinekhanda lendlovu uLord Ganesh wamaHindu. Emathempeleni kaLord Ganesh kuhlala kukhona izithombe zemifanekiso yamagundane. Edolobheni laseDeshnoke, amagundane aseKarni Mata Temple agcinelwe ukuba avuke esengabaSadhus (amadoda angcwele angamaHindu). Abaphristi abafika kuleli thempeli amagundane bawapha ubisi nokolweni. Kuthathwa njengesibusiso ukudla ukudla okuthintwe amagundane.
EEK! Igundane!
Yiskhokho!
Abacwaningi eBangor University, eMaine, kwelaseMelika bathole ukuthi i-ocean quahog clam yayiba neminyaka engu-405-410, nokwenza ibe yisilwane esaphila isikhathi eside kunazo zonke!
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi ngabe yini igama laleyo nto.
Wusayizi ohlukanisa amagundane – ubude bawo bungu-12cm. E-Rome babengazihluphi ngokuhlukanisa amagundane, kukhona ababewabiza ngamaMus Maximus (amagundane amakhulu) nayebizwa ngeMus Minimus (amagundane
amancane).
Usayizi
