zulu.2480.Lettersjan (2)
Ewine u-R100
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Kubafundi bethu abangamaXhosa...
Yisicelo esibhekiswe kubo bonke abantu abakhuluma isiXhosa lesi. Ngithanda ukuphawula ngokwehla kwezinga lolimi lwesiXhosa olukhulunywa abafunda izindaba nabethuli bezinhlelo zeTV nabasakazi.
Ngike ngezwa owethula uhlelo lwezenkolo ethi: "UThixo usisimanga." Kwakufanele athi "ungummangaliso"
Esinye isibonelo: isikhangiso esimayelana namalayisensi eTV siyabaphoxa abakhuluma ulimi lwesiXhosa. Sithi: "Makhe sizifake kulo mkhuba wokonga." Kufanele sithi: "Masikwenze umkhwa wethu ukonga". Igama elithi umkhuba livele ngokuhlanganisa elithi umkhwa nelithi ombi!
Okunye okubuhlungu wukuthi olimini lwethu kufakwa namagama esiZulu. Ngenxa yalokho, ulimi lwesiXhosa lusengozini yokushabalala.
Sobi Siyongwana, East London
#Ngabe abafundi bethu abangamaXhosa bayavumelana noMnuz Siyongwana" Ngabe liyehla izinga lolimi lwesiXhosa" Bathini abafundi bethu abangamaZulu nabangabeSuthu ngokusetshenziswa kwezilimi zabo abezindaba" Sibhalele sizwe uvo lwakho...
Akuye kwabampofu!
Ezindabeni ngelinye ilanga ngabona kuthiwa uhulumeni uzocekela phansi i-container eyayigcwele izicathulo ezingena kuleli ngokungemthetho ziphuma emazweni angaphandle.
Angiqali ukuzwa kuthiwa kuzocekelwa phansi izimpahla ezingena kuleli ngokungemthetho - akuzwakali kahle lokhu ngoba baningi abantu ezweni lethu abangenazicathulo nabangenazingubo.
Azinikwa ngani labo bantu lezi zimpahla"
NN, Bloemfontein
Izinsuku esezadlula
Ngiyazikhumbula izinsuku esezadlula izingane zisahlonipha futhi zibazisa abantu abadala. Namuhla siphila emphakathini ongenanembeza nokuyilapho izingane zethu ziziphatha noma kanjani.
Lezi zingane azazi ukuthi inhlonipho ihlanganisa isizwe ilethe ukuthula noxolo emphakathini.
Thando Ntombela, Dobsonville
Zithande
Funda ukuzithanda wena kuqala ngaphambi kokuthandwa abanye.
Akulula ukubathanda bonke abantu kodwa ungaba nobubele kubona!
Ungazami ukuzenza muhle kwabanye.
Ungalilahli ithemba. Abantu bayamthanda umuntu ohlalela ethembeni.
Yiba nomdlandla ngoba akulula ukuphumelela ngaphandle kwawo.
Thatha lesi seluleko ukuze uvuthwe uphumelele empilweni.
Isaac Tema, Birchleigh North
Masibabonge
Sibaphathelani kabi abantu abasisiza emakhaya" Yibona abahlanza amakhaya ethu, bageze izingane zethu, bawashe - masibabonge ngokuhle
abasenzela kona.
Emely Langa, Pretoria
Ziqhenye!
Ngineminyaka engu-17 kanti uGrade 12 ngiwuqede ngo-2005. Abazali bami abasebenzi kanti abanamandla okukhokhela izifundo zami ngonyaka ozayo. Ngiyasamukela isimo sami futhi angibasoli abazali bami ngaso. Njengoba ngihlala emaphandleni, ngikhathazekile ngabantu abasha abahlala ezindaweni ezifana nalena.
Bazibukela phansi babone kungelula ukuphucula impilo yabo.
Akukuhle lokho. Ngiyazi ukuthi abaliqhamukisa emaphandleni banamakhono kanti bangaphumelela.
Impumelelo ayihlangene nendawo umuntu aliqhamukisa kuyona. Wukuzimisela, uzikhandle ubekezele kuphela okudingekayo.
Ngizifakile izicelo zemifundaze kanti nezimpendulo engizitholayo ziyathembisa. Ngo-2006 ngiyobe ngisenyuvesi.
Lokho kwakungeke kwenzeke ukube ngalahla ithemba.
Intsha yasemaphandleni mayiyeke ukuthi kunemisebenzi engayifanele efanele abahlala emadolobheni kuphela.
MM, Mphahlele
Masilwe nobugebengu
AbaseSouth Africa abahlangane balwe nobugebengu onyakeni omusha kube khona ukuthula ezweni lethu elihle.
Ubugebengu buhlukumeza bonke abantu, masibambisane silwe nabo.
AK, Limpopo
Ukuxolisa
Igama elithi "Ngiyaxolisa" yigama elifishane kodwa okungelula ukuthi silikhiphe. Yikangaki nje uba nesibindi sokuxolisa kumuntu omonile noma omphule umoya"
Nigcina senidlala umacashelana nomuntu omonile uzame ngazo zonke izindlela ukumbalekela ngoba kungelula ukukhipha leli gama. Uyamthukuthelela lowo muntu kube sengathi uyena osephutheni!
Konke lokhu kudalwa wukungakwazi ukuzehlisa.
Ukuhluleka wukuzehlisa kuyibulele imishado, amabandla namakhaya.
Ngabe uyazi ukuthi kuyingozi ukungakwazi ukuxolisa" Impilo yakho iyathikamezeka ungazitholi nezibusiso zikaNkulunkulu uma uhlala uthukuthele. Ngenxa yalezi zizathu, ngithanda ukugcizelela kubafundi bakaBONA ukuthi ukuxolisa kubalulekile.
Uzobona ukuthi impilo yakho izoguquka kangakanani ngokuthatha lesi sinyathelo.
Gloria Motsi, Pretoria
Izincwadi
BONA ZULU - January 2006
u
t
Izincwadi
I-HIV/AIDS - ngabe yilona khambi leli"
Ngikholwa wukuthi singasinqoba lesi sifo uma senza lokhu...
lSivuma ukuthi odokotela nezangoma abanalo ikhambi leHIV/AIDS - kanti mancane amathemba okuthi liyogcina litholakele.
lI-HIV/AIDS ayidalwa wukuthakathwa; ayisona isifo esifike nabamhlophe.
lAkuphunyelwe obala ngeHIV/AIDS. Abantu abakhulume bakhululeke ngayo bangaqambi amanga ukuze bavikele nabanye.
lAbantu abakhuthazwe ukuba bayohlolwa bathole nokwelulekwa.
lAbantu abayeke ukucwasa labo asebenalesi sifo ikakhulu uma nabo bengakaze bayohlolwa.
AM, Lady Frere
Sifundiseni kabanzi nge-AIDS...
Ngithanda ukubonga uBONA ngokufundisa abantu ngeHIV/AIDS. Intsha ayinavalo nge-AIDS - kanti lokho kuyingozi.
Abasha abalaleli ngani uma bexwayiswa ngokubaluleka kokuzivikela uma beya ocansini"
Kubuhlungu ukubona abantu begembula ngempilo yabo ngalolu hlobo - ikakhulu njengoba lingakabi khona nekhambi lokwelapha lesi sifo. Yini eyimbangela yokuba abantu bangaziqoqi bathembeke kwabathandana nabo"
WN, Bloemfontein
BONA ZULU - January 2006
Siyabonga, BONA!
Ngibhala le ncwadi ukubonga uBONA ngokuhle leli phephabhuku elikwenzele mina nenkulisa engisebenza kuyona.
Iphephabhuku lethu lifundisa umphakathi ngokwenzeka kuleli naphesheya kwezilwandle. Izithombe ezikuleli phephabhuku sibuye senze ngazo amathoyizi.
Ezekiel Themba, Hazyview
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Ngabe kubalulekile"
Omunye wabafundi bethu abasebasha uzwakalisa imibono yakhe ngokuthandana kwentsha...
Baningi abasha kulezi zinsuku abenza kube sengathi ukuqoma kuyinto ebalulekile.
Ngineminyaka engu-17 kanti angisiboni isidingo sokuba ngiqonywe ukuze impilo yami iphelele. Ngokwami, ngibona kufanele ukuba sikhulume ngobuhle bokuba ngawedwana.
Abaningi abake bazifaka othandweni bazongifakazela uma ngithi uthando lukushiya nenhliziyo ebuhlungu, kungabi lula ukwenza izinto ezibalulekile empilweni.
Ngibuye ngibone sengathi abantu bangena othandweni ngezizathu ezingenamsebenzi. Abanandaba nothando.
Abasha abazicabangele. Yisikhathi sokuyithokozela impilo lesi sihlangane nabanye abantu sisebenzise amakhono ethu.
Ungazihluphi ngokuthi abantu bacabangani ngawe. Ungavumi ukuba impilo yakho ilawulwe abanye. Awudingi muntu ozokutshela ukuthi ubaluleke kangakanani. Zitshele ukuthi ubalulekile futhi akekho ofana nawe.
Teboho Masoabi, Durban [z]
