zulu.247.drugs
t
UWhitney usathengisa ngisho nezingubo zakhe zangaphansi ukuze akhokhe izikweleti zakhe.
ukubona okungaphakathi kulo kanye nemiklomelo yomculo kaBobby Brown engu-16.
Futhi ngaphandle kwezingubo zeGiorgio Armani, Dolce and Gabbana kanye nezeDonna Karan, izimpahla zangaphansi eziningi zikaHouston nazo zathengiswa.
Ngabe kuzophelelaphi"
UWhitney akazukwehlukana nezidakamizwa," kusho uTina Brown. "Kuyinto eyenzeka nsuku zonke. Kubi impela. Wonke umuntu wesaba ukuthi uzosebenzisa ithamo eleqile lazo."
Ukwesabela ukuthi izidakamizwa zizombulala kufakazelwa nangumama wakhe uCissy Houston, osanda kuveza ukuthi useke wayincenga kakhulu indodakazi yakhe ukuthi iyeke izidakamizwa icabangele ingane yayo, uBobbi.
"Okudala usizi kakhulu kulokhu wukuthi ngaphezu kokulahleka kwethalente kanye nokugula okubonakalayo kowesimame owayephile saka - lokho yikho okunqande ukuhlonipha kwethu umuntu obe nomthelela kwezobuciko nasempilweni yomphakathi," kuphawula omunye wababhali.[z]
BONA ZULU - March 2007
Abaculi balengela engozini yokusebenzisa izidakamizwa - sixoxisane nabaphunyuka kulolu gibe sezwa ukuthi balwa kanjani nalo
SASIFUNA ukuxoxisana naye emva kokudedelwa kwakhe esikhungweni esisiza abagqilazwe yizidakamizwa kodwa sambona ediyazela. "Ngeke nixoxe naye manje ngoba udakiwe," kusho imenenja yakhe ngokudumala.
Kwasikhathaza kakhulu lokho - singabethemba kanjani abaculi (nabanye osaziwayo) abathi abasazithinti nhlobo izidakamizwa uma bebuya ezikhungweni zokubasiza"
Ngabe basuke bengeve besho lokho ukuze sibazwele sithenge amaCD abo"
Kulawo maCD, bacula ngempilo ababeyiphila besagqilazwe yizidakamizwa bachaze nangokuhleleka kwempilo yabo - kodwa kube kungesilo iqiniso lokho.
"Akulula ukuhlukana nezidakamizwa," kusho uSenyaka umculi owaduma ngengoma ethi Chesa Mpama - ongomunye walabo bantu ababukeka sebephunyukile ezidakamizweni.
"Uma uhlangana nabangani ababhema insangu noma abasebenzisa olunye uhlobo lwezidakamizwa abazokuphoqa ukuba uzisebenzise bekukhombe ngesibhamu - kuba lukhuni ukwenqaba.
"Kunzima ngoba akudingeki ukuba uyeke izidakamizwa kuphela kodwa kufanele ubuye uhlukane nabangani bakho," kuqhuba yena.
"Ngangingazicabangeli ngesikhathi ngisasebenzisa izidakamizwa. Ngadayisa zonke izimpahla zami ukuze ngithenge i-cocaine.
"Ngangisala ngingenayo nemali yokuthenga insipho yokugeza. Yizidakamizwa kuphela ezazibusa impilo yami.
"Ngake ngathenga isidakamizwa esibizwa nge 'moon' ngo-R1 500 ngasiqeda ngosuku," kusho uSenyaka. "Ngangike ngibhuke ehhotela ngithi ngenzela ukuziphephisa ngithole nokuthula. Ngangivuka ekuseni ngiye elokishini ngiphindele ehhotela kusihlwa. Unkosikazi wami wayesala yedwa elokishini wagcina engishiyile."
Ngolunye usuku, wezwa izwi lithi akayeke le nto ayenzayo. "Ngazitshela ukuthi ngizozama. Ngenza okufanele ngabuyela ekhaya ngathenga ukudla ngemadlana enganginayo."
Wathatha izidakamizwa ayezithengile waziphindisela kumthengisi wazo wafuna ukubuyiselwa imali yakhe.
"Kusukela lapho, angizange ngibheke emuva ngahlangana nomndeni wami. Ngiwubonga kakhulu ngokungeseka kwawo," kusho lo mculi.
Ukholwa wukuthi wutshwala obuba yimbangela yale nkinga. "Uqala ngokuphuza, ugcine usungene ntshi ezidakamizweni," kuchaza yena.
"Usuke ungakaphunyuki ngoba kusuke kusadingeka ukuba uqaphele," kusho uKabelo "Booga Luv" Mabalane.
"Ngashiya isikhungo esisiza abanale nkinga ngoSeptember 1, 2002. Kimina usuku lokuqala enyangeni lungikhumbuza lapho ngisuka khona nokuthi yini esengiyenzile ukuze ngikhululeke ezidakamizweni."
Kuyenzeka bazilangazelele. "Awuphumuli ngoba isilingo sihlale sikhona," kusho uMabalane.
"Kufanele uhlale uqaphele ulwe."
Sithini iseluleko sakhe" "Hlukana nabantu abazisebenzisayo uhlukane nezindawo owawuvame ukuya kuzona. Impilo yakho kufanele ishintshe kakhulu."
Waphawula nangokubaluleka kwakhe emphakathini. "Akusafanele ukuba ngizicabangele mina kuphela ngoba uma ngibuyela ezidakamizweni kuzodumala nabalandeli bami."
ULundi Tyamara ocula owoKholo naye oseke waluzama usizo uthi usahlala nabangani abangakahlukani nezidakamizwa.
"Bayasihlonipha isinqumo sami kanti abazisebenzisi uma nginabo.
"Uma ngifikelwa yisilingo, ngiphuthuma esikhungweni sosizo," kuqhuba uTyamara.
Ukucula umculo woKholo akusho ukuthi ngeke alingeke.
"Ngingumuntu nami kanti akekho umuntu omsulwa. Ngiyawenza amaphutha njengabo bonke abantu."
Ngokusho kwakhe, ukuya enkonzweni kumsiza kakhulu.
U-Joe Nina usekhiphe i-albhamu entsha ethi Travel The Gravel, ekhuluma nangokugqilazwa kwakhe yizidakamizwa.
"Engangikwenza ngangikwenza ngamawala. Ngangisebenzisa izidakamizwa ezimbili esikhundleni sesisodwa," kusho yena.
"Nginenhlanhla ngoba ngaba nesibindi sokuphunyuka."
Uyavuma kodwa ukuthi akulula ukuhlukana nezidakamizwa.
Ngabe yena ukugwema kanjani ukulingeka" "Okokuqala, ngavuma ukuthi ngenza iphutha ngabuye ngahlukana nabantu abangifaka kulesi silingo. Ngibonga uNkulunkulu nezinyanya zami ngoba ngaphunyuka." [z]
"Ukusebenza ngokuzikhandla kuyangisiza ekulweni naleli dimoni," kusho uNina.
USenyaka esekhaya eSoweto - akasayichithi imali yakhe ezidakamizweni.
MOLEFE SEBATIE
indaba nguFORCE KHASHANE
Udumo, imali nezidakamizwa (2): AbaseSA abaphunyuka
Baphunyuka esihogweni
"Ngiya esikhungweni esisiza abagqilazwe yizidakamizwa uma ngilingeka," kusho uTyamara.
BONA ZULU - March 2007
"Kufanele ushintshe ngokweqiniso endleleni ophila ngayo," kusho uKabelo.
ROELENE PRINSLOO
