zulu.2476.food
INKINGA YOKUDLA - 1
Yini sibulawa yindlala?
Amanani okudla akhuphuke ngendlela engakaze ibonwe kanti baningi abantu eSA abangasakwazi ukondla imindeni yabo. Ngabe yini imbangela yale nkinga? UBONA uyasiphenyela ukuthi ngabe idalwa yini nokuthi yini esingayenza ukuze sisizakale... Indaba nguWilma den Hartigh
BONA ZULU July 2008
UKUDLA kusazobiza kakhulu eSA. Ochwepheshe basho njalo. Baqhuba bathi asingabeki abalimi namasuphamakethe icala ngale nkinga. Abakhiqizi bokudla bakuthola kunzima ukukhiqiza ukudla okwanele.
Ukukhuphuka kwentengo kawoyela neka-petrol kukhuphule izindleko zokuthi abalimi baqhube amabhizinisi abo. Namanye amazwe abhekene nale nkinga yokubiza kokudla.
Kusukela ngonyaka ka-2000 izinga lokukhiqizwa kokusanhlamvu lehlile kanti ngonyaka odlule lehle kakhulu.
Kunezizathu ezimbalwa eziyimbangela yalokhu...
Isimo sezulu esingesihle e-Europe nesomiso esihlasele elase-Australia kwehlise izinga lokukhiqizwa kokusanhlamvu.
Ukukhula komnotho emazweni aseNtshonalanga kukhuphule izinga lokuthengwa kukawoyela. Ukushoda kokusanhlamvu namafutha nakho kukhuphule amanani okudla.
Ukukhuphuka kwamanani kawoyela kubalimazile abalimi baseSA. Kubizise amafutha nomanyolo, nokuyinto eholele ekukhuphukeni kwamanani okudla.
"Abathengi basazothwala kanzima uma zingehli izindleko zokukhiqiza," kusho uLouw Steytler, umongameli we-Agri Free State.
Izibalo zikhomba ukuthi izindleko zokukhiqizwa kukakolweni zikhuphuke ngo-62%, ezokukhiqizwa kommbila zakhuphuka ngo-50%.
Izindleko ezithasiselwe zikhuphuke zaba phakathi kuka-14% no-400% kanti lokho kuya ngokwendawo umlimi athola kuyona imikhiqizo ngokukaLindie Botha ongusomnotho wezolimo kwi-Agricultural Business Chamber.
Wabuye wathi elaseSA lisenkingeni kakhulu ngoba yilona osekuthenjelwe kulona ukuba lingenise ukudla okuvela kwamanye amazwe. Okusho ukuthi kuyabiza ukungenisa izimpahla kuleli kunokuzithumela ngaphandle.
"Lokhu kuyinkinga ngoba sesithembele emananini amazwe angaphandle," kusho yena.
Okunye okungafanele sikukhohlwe wukuthi ukukhula komnotho emazweni anjengeChina, India, Brazil, Russia neSouth Africa kukhuphula isidingo sokudla ngokukaPhrofesa uJohan Willemse ongusomnotho wezolimo eNyuvesi yaseFree State.
Asigcini ngokuba nenkinga yokwanda kwabantu abafuna ukudla kuphela kodwa nendlela abathengi abathenga ngayo iyashintsha uma benemali.
Abantu abanemali badla inyama ebomvu kakhulu kanti lokho kusho ukuthi kudingeka ummbila othe xaxa ozodliwa yizinkomo esithola kuzona leyo nyama.
KULELI lizwe kukhona okunye okufanele sikubheke uma kukhulunywa ngokukhuphuka kwamanani okudla: ukwabiwa komhlaba.
U-Lindie uthi umbiko osanda kukhishwa yihhovisi likamasipala waseLimpopo uthi lesi sifundazwe sinezinkinga ezidalwa wukwabiwa komhlaba.
"Ukukhiqizwa kwezolimo kwehle ngo-50% kanti kulokho bakhala ngokwabiwa komhlaba," kusho yena.
Kodwa ngokusho kwakhe, kusemqoka ukwazi ukuthi inkinga esibhekene nayo ayidalwa wukwabiwa komhlaba kuphela.
Izinkinga zidalwa wukuthi abantu ababelwa umhlaba abafundiswa ngokuphathwa kwawo uma sebewutholile.
"Abakwazi ukulima bengazi lutho ngakho," kusho uLindie.
Ababelwa umhlaba badinga ukulekelelwa ngokufundiswa balulekwe ngezinto abangazitshala.
Eminyakeni engu-15 edlule bangu-15 000 abalimi abashiya kule mboni ngokukaPhrofesa uWillemse.
Njengamanje elaseSA linabalimi abangu-40 000 - akufanele silahlekelwe abanye ngoba ukukhiqizwa kokudla kungathikamezeka kakhulu. NgokukaWillemse uhulumeni waseSA kumele ufunde kwelaseChina.
Uhulumeni waseChina uthatha abalimi basemakhaya abalima ukudla abangakudayisi ubafake emadolobheni ubanikeze imisebenzi. Umhlaba oshiywa abalimi basemakhaya usetshenziselwa ukulima ukudla okuzodayiswa. Lokho kwandisa ukudla okudayiswa ngamanani aphansi ezitolo.
"ElaseChina umhlaba liwusebenzisela ukuthola ukudla okwanele. ElaseSA lenza okuphambene nalokho," kusho yena.
YINI enye esingayenza? Singazinqumela amanani athandwa yithina? Cha, ngokuka-Ernst Janovsky oyinhloko yezimboni zezolimo kwa-ABSA. "Lokho kungaba yingozi emnothweni nasekuvikelweni kokudla.
"Abalimi bangayeka ukukhiqiza ukudla ngoba ngeke besathola nzuzo bese siba nenkinga yokushoda kokudla," kuchaza yena.
"Ukuzinqumela amanani owathandayo kuyingozi kakhulu," kusho uLouw Steytler we-Agri Free State. "Ngizwelana kakhulu nalabo okudingeka ukuba basebenzise imali enhle bethenga ukudla kodwa kumele sibheke okunye okungaba yikhambi," kusho yena.
Linye kuphela ikhambi, abalimi baseSA mabandise imikhiqizo yokudla.
Lokho kuzwakala kungeke kwaba yinkinga kodwa akulula ukukufeza.
Okokuqala kufanele sitshale ukudla esizokudayisa - kanti ngokweWorld Bank amazwe asacathula asasalele ngemuva ekutshalweni kokudla.
Okwesibili, uma kufakwa imali kwezolimo kusho ukuthi nohulumeni kumele uxhase ucwaningo oluzokwenza ukuba elaseSA liphinde lincintisane namanye amazwe.
Abalimi ngeke babe namandla okuziphilisa, asisayiphathike eyokukhiqiza ukudla okuningi, kwexwayisa uLindie Botha.
"Njengoba inzalo yemali-mboleko ikhuphukile abalimi ngeke bayibone inzuzo abayenza ngemikhiqizo yabo kanti lokho kuzolehlisa izinga lokukhiqiza," kusho yena.
Umlimi angathola isivuno esihle uma etshale kahle. Uthi ummbila ubalwa kulezo zitshalo ezimqoka kakhulu okumele kwenziwe ucwaningo ngazo ngoba udliwa yizilwane nabantu. Izinkomo nezinkukhu ziphila ngommbila kanti uma ushoda, kuzobiza ukondla lezi zilwane.
Lokho kungagcina kukhuphule imali abathengi abayikhokha uma bethenga inyama esuphamakethe.
Uhulumeni kumele ulungise nendaba yokuphucula ingqalasizinda yezokuthutha eSA ikakhulu ezindaweni ezisemaphandleni.
Lokho kungalehlisa inani lesinkwa.
"U-37% wemali efakwa esinkweni udalwa yizindleko zokuthutha. Uma uhulumeni ungalungisa olayini bezitimela lokho kungayehlisa imali ekhokhwa abathengi nabalimi," kusho uLindie.
NAKUBA sibhekene nenkinga yokubiza kokudla okumele ixazululwe ngokushesha - neWorld Bank isikuqinisekisile ukuthi ukudla kusazoqhubeka kubize - uLindie uthi elaseSA lisekude ukushodelwa wukudla.
Kule sizini kulindeleke ukuthi sivune amathani angu-11 million ommbila - maningi kakhulu lawo mathani ngoba ngonyaka odlule ayengu-6 million.
"Abalimi baseSA bayazama nokho ukusisiza," kusho uLindie. [z]
IMALI EPHUMA EPHAKETHENI!
1 ILITHA KA- PETROL
750ml AMAFUTHA
6 AMAQANDA
ULOFU WESINKWA
Bheka ukuthi amanani okudla naka-petrol akhuphuke kangakanani.
ILITHA YOBISI
BONA ZULU July 2008
1kg I-RICE
IMIDWEBO: nguPATRICIA McCRACKEN noKYLE YOUNG
wemali efakwa esinkweni udalwa yizindleko zokuthutha
IZITEMBU ZOKUDLA
Okunye okungasusa umthwalo kwabampofu wukuthenga izitembu zokudla nokuthola usizo lokudla.
U-Ernst Janovsky wakwa-ABSA uthi lokhu kungaba ngumqondo omuhle uma kwenziwa ngendlela efanele.
Uthi lokhu kungenziwa kubhangqwe nemali yokondla izingane. "Abantu abathola le mali yesondlo bayakudinga nokudla," kusho yena.
U-Tobias Doyer, oyinhloko ye-agribusiness kwaSantam uthi eyezitembu zokudla ingumqondo omuhle kakhulu.
Kodwa ukhiphe isexwayiso sokuthi lokhu ngeke kwaba yikhambi elihle lesikhathi eside ngoba kungakhuthaza abantu ukuba bathembele kukona.
"Kumele sibacabangele abampofu kodwa akufanele sibaphuce amandla okuba bazisize," kusho uDoyer.
Abampofu bathwele kanzima kanti badinga usizo. "Uma usebenzisa u-50% womholo wakho uthenge ukudla, amanani okudla akhuphuke ngo-50%, kusho ukuthi ngeke udle," kusho uDoyer.
