ZULU.2474.free
40 AMAHAMPA
I-Pink yesikhumba
Ukugcina isikhumba sabomndeni wakho siphilile, sithambile futhi siswakeme ngalobu busika yinto elula ngenxa yochunge lwemikhiqizo yePink Lady yokunakekelwa kwesikhumba. Le mikhiqizo efana noPetroleum Jelly neGlycerine, isitholakala nangokhilimu abamunceka kalula esikhumbeni abafana no-cocoa
butter, musk, floral nezithako zendalo kanye ne-camphor cream eyelaphaya.
Ngale mikhiqizo uzobe uletha iPink Lady ekhaya lakho, ngakhoke hlale ubheke imikhiqizo yePink Lady nokunye okusazofakwa kulolu chunge esikhathini esizayo okufana neziqedaphunga ezingama-roll-on nezinsipho.
Uzothola imikhiqizo yePink Lady ongayimela kuma-wholesale nasezitolo ezweni lonkana. Ngokuthengiswa kwayo, ungashayela kule nombolo yocingo: 031-701-9744.
UBONA unamahampa angu-40 emikhiqizo ePink Lady abiza R200 iyinye, ophisana ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini uthumele kuleli kheli: BONA/Pink Lady Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSse PINKLADY ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
BONA ZULU – August 2006
20 AMAHAMPA
Amabala awanandawo
Iningi labesimame lisaba ukuvela amabala ebusweni, kungakho abeJohnson & Johnson sebenze imikhiqizo yokunakekelwa kobuso eyehlisa ukuvela kwamabala amnyama esikhumbeni isenze sibukeke kahle sigqame.
Uchunge lweJohnson’s® Fair Complexion luqukethe ama-soy endalo athambisa avikele isikhumba ngesikhathi ehlisa amabala.
Lolu chunge lubandakanya iFair Complexion Facial Wash – engenayo insipho namafutha efanele isikhumba esizwelayo; Fair Complexion Cleansing Bar – esansipho; Fair Complexion Day Cream SPF15 – engena kalula esikhumbeni neFair Complexion Night Cream – eswakamisa isikhumba.
Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulelwa eyodwa yalawa mahampa angu-20 abiza R200 iyinye, kwi-postcard bhala igama lakho nekheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini ukuthumele kuleli kheli: BONA/Fair Complexion Giveaway,
Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSse FAIRCOMPLEXION ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Imititilizo
10 AMAHAMPA
Okwezingane
Lo mkhiqizo wethenjwa ngomama ngenxa yokuphepha kanti ufana nekhambi ezinganeni. I-Telament ivuselela ingane yakho ekungaphathekini kahle iyenze yelulame ngokushesha.
Uchunge lweTelament luqukethe i-Paediatric Gripe Water eyi-alcohol-free; Paediatric Drops yobuhlungu besisu, nePaediatric Echinacea Syrup evuselela amasosha omzimba yehlise izimpawu zomkhuhlane.
Abakwa-Adcock Ingram, okuyibo abenza i-Telament, banikezela abafundi bakwaBONA ithuba lokuzitholela eyodwa yamahampa angu-10 abiza R350 iyinye. Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulwa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Telament Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSse TELAMENT ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Izipho zika-
R23 550
8 AMAHAMPA
Phila ngokwemvelo
AbakwaNature’s Health Products sebethule izidlo ezinomsoco ezimbili.
IKiddies’ Health Meal equkethe amavithamini angu-26 nama-minerals etholakala nge-strawberry noma i-vanilla.
I-Aloextra Meal nayo iqukethe amavithamini angu-26 nama-minerals, kanye namakhambi esintu amahlanu akhuthaza impilo, akunike namandla avuselele namasosha omzimba.
Ukuze nawe uthokozele ukwethulwa kwale mikhiqizo, abakwaNature’s Health Products baphisana ngamahampa angu-8 abiza R500 iyinye. Ukuze uzibeke emgqeni wokuwina, kwi-postcard bhala igama lakho nekheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Nature’s Health Products Giveaway, Box 2172, Cresta, 2118, noma uSMSse NATURESHEALTH ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
27 IZINCWADI
Shisa inyama ngendlela ehlukile!
I-South Africa ngelinye lamazwe lapho abantu bakhona bekwazi ukuthokozela impilo yangaphandle cishe unyaka wonke. Ngenxa yalokhu, abakwaClover sebehlanganise incwadi ethi Ultimate Outdoor Cookbook, egxile ikakhulu ekushisweni kwenyama ngendlela yesintu nezinhlobo ezahlukene zokunambitheka kwamaresiphi ehlukene afana namaSweet Chilli And Lime Yoghurt Prawn Kebabs noma iCreamy Chicken Tikka Masala, kukhona konke okufanele othanda ukudla okuconsisa amathe.
UBONA unamakhophi angu-27 encwadi i-Ultimate Outdoor Cookbook, ebiza R150 iyinye onikezela ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni lokuzitholela eyodwa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Clover Cookbook Giveaway, Box 786433, Sandton, 2146, noma uSMSse CLOVER ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.) [z]
Kuvalwa mhlaka:
31 August
2006
