zulu.1017.sis sarah
Intombi yendodana imhlophe
ESITHOMBENI KULINGISIWE
98 BONA ZULU - April 2008
INDODANA yami ijola nomlungu. Ngiye ngibabone bendawonye bethokozile, ngizibuze ukuthi yini embi ngalokho? Bone ngani ngokuthandana. Ngiyazi iningi labangani bami akuyona into abayibona iyinhle.
Ababazondi abelungu kodwa bathi indodana yami nale ntombi yayo yomlungu bakhuliswa ngezindlela ezingafani nokuyizinto ezibalulekile othandweni.
Akusiyo futhi into yesizukulwane.
Indodana yami ithi abanye - hhayi bonke abangani bayo sebeyaziqhelanisa nayo.
Angazi ukuthi abazali bale ntombi nabangani bayemukela kanjani le ndaba.
Ngicela ungisize ngikwazi ukubhekana nalesi simo.
PY, Joburg
Njengoba ushilo ukuthi bathokozile, lokhu kuyisiqiniseko sokuthi bona bobabili abazitholi behlukile. Ngisho wena ungaba-bona behlukile - kodwa lena yiSouth Africa eNtsha njengoba iningi lethu likhohlwa okwedlule liqhubeka nokuthokozela impilo.
Kubangani bendodana yakho ngingathi - noma kuphi kuyohlale kukhona abantu abangahambisani nokuthandana kwabantu bezinhlanga ezehlukene.
Kodwa futhi kungenzeka kungabi inkinga yebala - kungenzeka ukuthi abayithandi intombi yendodana yakho.
Kukaningi abangani bethu bengakhombisi ukubathanda nokubamukela abantu esithandana nabo.
Ungazikhathazi kakhulu ngale ndaba. Kuyacaca kukhona ukungaboni ngaso linye. Kodwa futhi kuyohlale kukhona abantu abakwaziyo ukunqoba izingqinamba ababhekene nazo baqhubekele phambili nempilo nokuyinto enhle.
Ngaphandle kwalokho, ungakhohlwa wukuthi - bayathandana. Uyabazi abantu abasha, mhlawumbe kusasa bangahlukana.
BUZAKUSISSARAH
Ngishadile kodwa angithandwa
Ngineminyaka engu-25, eyomyeni wami ingu-55. Wangishada ngineminyaka engu-15. Nganxenxwa abadala ukuba ngishade naye ngoba ngangiyintandane futhi befuna ukubalekela isibopho sokuba bangondle.
Umyeni wami unezingane ezinhlanu kunkosikazi ayeshade naye kanti endala kuzona ineminyaka elingana neyami. Lo myeni wami akangenelisi ngokocansi futhi asinazo izingane okungezethu.
Ngisanda kuthola indoda engithandayo nezimisele ngokungishada. Ayazi ukuthi ngishadile futhi icabanga ukuthi umyeni wami wubaba noma yisihlobo sami.
Ngabe ngizobe ngiyona uma ngishiya umyeni wami? Kodwa okukhulu wukuthi akangondli kangangoba namanje ngisahlupheka njengoba kwakwenzeka ngingakashadi.
PM, Lesotho
Emva kweminyaka engu-10 ushadile nale ndoda ayikwanelisi ngokocansi, ayikunakekeli akukho lapho ikuthokozisa khona. Kuyathokozisa ukuthi kukhona umuntu omtholile omthandayo nofuna ukukushada.
Ngicabanga ukuthi kuyilungelo lakho lokuba umshiye.
Usemncane udinga ukuzibandakanya othandweni olusile nokuyilapho uzothandwa khona. Shiya phansi!
Umyeni ohlukumezayo
Ngineminyaka engu-30 kanti ngishade nendoda eneminyaka engu-37 sinezingane ezine. Ngenxa yokuba matasa ngokomsebenzi, umyeni wami uhlala kude nasekhaya kangangoba uze afike ekhaya ngezimpelasonto.
Angithokozile emshadweni wethu ngoba umyeni wami uyangihlukumeza kanti uthatha okushiwo wumama wakhe.
Uyangishaya kangangoba ngelinye ilanga wacishe wangibulala. Akawondli umndeni wakhe kangangoba siphila ngemali yesondlo sezingane.
WM, Mount Ayliff
Angazi ukuthi kungani usahleli nalo mlisa. Ukube wayenondla nezingane zenu niphila kamnandi, lokho bekungezwakala ukuthi kukhona okuhlalele.
Njengoba ungathokozile uhlukunyezwa futhi ungondliwa muntu, ngicabanga ukuthi kungakuhle umshiye umyeni wakho ngoba akukho okuzokulahlekela.
Uzothini uma ekubulala umyeni wakho ushiye izingane zakho zisale nobaba ongazondli?
Ngabe lokhu yikho okufunela izingane zakho?
Ukuhlukunyezwa yinto engamukeleki kanti zimbili izinhlangano ongazithinta ukuze uthole usizo.
AbePeople Opposing Women Abuse (POWA) batholakala kule nombolo: 011-642-4345.
Abaseduze nawe ngabe-Eastern Cape Network On Violence Against Women (ECNVAW): 043-743-9169.
Nguwe okufanele uzithathele isinqumo - ungazibeki engcupheni yosizi lokubulawa.
O-positive no-negative
Ngineminyaka engu-27, owesimame engithandana naye unengu-22. Sekuphele iminyaka emibili nohhafu sithandana.
Inkinga wukuthi ngo-2007 kwatholakala ukuthi lo wesimame u-HIV positive.
Saya ezindaweni ezehlukene siyohlolwa igazi kanti noma kunini siyakhona sithola imiphumela efanayo yokuthi owesimame u-HIV positive, mina ngi-negative.
Ngabe ikhona into embi ekuthandaneni nomuntu o-HIV positive? Ngabe singaba nazo izingane?
Ngicela iseluleko.
PQ, Wits
Ayikho nakancane into embi ekuthandaneni nomuntu o-HIV positive.
Kodwa wena uma ufuna ukuhlale u-negative kufanele nihlale nisebenzisa ikhondomu noma kunini lapho niya ocansini.
Kodwa okufanele ukwazi wukuthi uma uke waya ocansini ezinyangeni ezintathu ezedlule ngaphandle kokusebenzisa ikhondomu, kuzodingeka uphinde futhi uyohlola igazi ukuze ube nesiqiniseko.
I-HIV iyasabalala ngenxa yokukhulelwa, ukubeletha nokuncelisa ngebele, kodwa ukuze ube nesiqiniseko sesimo ekutholeni abantwana, kungakuhle nithole izeluleko zochwepheshe bezempilo.
Yonke indawo emhlabeni jikelele, i-AIDS yenza omkhulu umonakalo othandweni nasemindenini, ngakhoke kuyathokozisa ukuthola izithandani zibhekene nalo mbulali wesifo zizihlupha ngokwazi kabanzi ngaso nangokuzinikela ekusebenzisaneni njengezithandani.
Funda okuningi okuzokwenza uphile kangcono.
AbeNational Association of People Living With AIDS (NAPWA) banamagatsha kulo lonke elaseSA. Ungabathinta kule nombolo: 082-233-0494; Web: www.napwa.org.za
Khumbula: njengamanje usahamba ngokuyikho. Sikufisela inhlanhla! [z]
Qaphela: USis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo.
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni? Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Khumbula, kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Bhalela: Sis Sarah, Box 32083, Mobeni, 4060.
Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
Ngineminyaka engu-44, eyomyeni wami ingu-51. Sekuphele iminyaka engu-19 kodwa angikaze ngibe nokuthokoza kulo mshado kanti nomyeni wami akakaze angikhombise uthando. Unabantu besimame abaningi athandana nabo, kokunye akabuyi ekhaya ezihlalele nezintombi zakhe emahhotela.
Sengitholile ukuthi u-HIV positive, kodwa ngisahlala naye kanti ngiyaqiniseka njalo ukuthi uma siya ocansini sisebenzisa ikhondomu. Ngimthanda kakhulu kangangoba angazi ukuthi kufanele ngenzenjani.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi unguMbhishobhi oyilungu elithembekile ebandleni. Unengane nenye yezintombi zakhe eyavele yazoshiya ingane yabo lapha kithini. Sekuphele iminyaka engu-13 ngiyikhulisa le ngane. Ngenzenjani?
NS, Newtown
Uma umyeni wakho ubelokhu eqhubeka ngale ndlela yonke le minyaka, kuyacaca ukuziphatha kwakhe yinto eyaziwa wumuntu wonke esontweni.
Uma kunjalo, kungani abebandla bengabhekananga nezenzo zakhe aqondiswe izigwegwe?
Bazomhlonipha kanjani?
Mingaki imithetho ayephulayo?
Lokhu kuyangimangaza ngoba lo muntu unguMzalwane, kodwa ubephila impilo enjena.
Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuba lento uyidingide namalungu amadala ebandla lakho. Angisiboni isizathu sokuthi ungaqhubeka kanjani nalo mshado.
Uthi usamthanda...ngani? Kungani adlale ngothando lwakho kanje?
Kodwa ngiyamthanda!
BONA ZULU - April 2008 99
