zulu.2463.free
imititilizo
Izindebe ezithambile, ehlobo nasebusika
Okusha emasuphamakethe ethu yiCarmex Lip Balm egcina izindebe zithambile zibukeka kahle ebusika nasehlobo.
I-Carmex inengxube ye-menthol ne-camphor (elwa nokubaba kwezindebe izipholise kahle), i-alum, i-phenol kanye ne-petroleum, lanolin, cocoa butter nengxube ye-wax eyenzelwe ukuvikela izindebe ukuze zingomi noma zidabuke.
UBONA uneCarmex engu-40 ebiza R55 iyinye ophisana ngayo. Ukuze uthole eyakho, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini emhlane we-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Carmex Giveaway, Box 1393, Westville, 3630, noma u*SMSe CARMEX ku-35919.
Okwezingane
Ngesikhathi izingane zikhula, izinwele zazo ziyaphothana kube nzima ukuzikama. Manje abakwaJohnson’s® Baby banesifutho esiqeda lokho - izinwele zengane zibe sasilika, zicwebezele zibe nempilo. Lo mkhiqizo awuxhophi njengoba ubizwa nge-No More Tears®.
I-Johnson’s® Baby Hair & Body Conditioning Shampoo yi-shampoo ewukhilimu ehlanza ithambise futhi iswakamise isikhumba sengane. Ayinansipho kanti isiza ngokuqeda uqweqwe ekhanda lengane.
Uma ingane isikwazi ukuliqondisa kahle ikhanda, yitholele isihlalo seBumbo esenzelwe ukuyisekela ukuze ihlale iqonde kusukela ezinyangeni ezintathu kuye kwezingu-14.
UBONA unamahampa angu-11 abiza R350 iyinye ophisana ngawo anemikhiqizo esiyibalile. Kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Johnsons® Baby Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe JOHNSONS ku-35919.
BONA ZULU – December 2007
UMandela –
ngamazwi akhe
UNelson Mandela wanikela ngempilo yakhe elwela inkululeko yomuntu omnyama, isithunzi sakhe namalungelo akhe. Emva kokuchitha cishe iminyaka engu-30 ejele, waphuma eliqhawe lababecindezelwe. Isibindi sakhe, ukuzithoba nokuthanda kwakhe abantu kuyokwaziwa nayizizukulwane ezizayo.
UBONA unamakhophi ophisana ngawo angu-10 encwadi ethi, Mandela – A Life ebhalwe ngu-Adrian Hadland noSean Fraser, yashicilelwa abakwaSunbird ebiza R99 iyinye. Ukuze ube sethubeni lokuthola eyakho, thumela i-postcard ebhalwe igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kuleli kheli: BONA/Mandela – A Life Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe MANDELA ku-35919. [z]
Qinisa amathambo uphile
Njengoba imizimba yethu isebenzisa i-calcium ne-magnesium kakhulu, ukushoda kwayo kungabeka impilo yethu engozini.
I-RadiCAL entsha inciphisa amathuba okushoda kwe-calcium ne-magnesium emzimbeni. Iqinisa amathambo, iphucule ukuphakeleka kwezakhamzimba emzimbeni isinike impilo.
UBONA unamaphakethe ahamba ngamabili angu-22 eRadiCAL abiza R180 lilinye ophisana ngawo. Ukuze uthole elakho, kwi-postcard bhala igama lakho ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini uyithumele kuleli kheli: BONA/RadiCAL Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140, noma u*SMSe RADICAL ku-35919.
Izipho zikaR13 000
Usuku lokuvala:
mhlaka 31 December 2007
*(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
