zulu.2460.computers
UQALA ukusebenzisa amakhomphyutha" Udidwa amatemu amaningi ahambisana nawo" Ungakhathazeki, akufani nokucabanga kwabaningi - konke kulula, kanti nokuthenga iPC entsha akufanele kube yinkinga...
Ukuthenga ikhomphyutha efanele
Isinyathelo sokuqala ekuboneni ukuthi iyiphi iPC (personal computer) ekufanele, wukwazi ukuthi ufuna ikhomphyutha ikwenzeleni.
Ngabe uzoyisebenzisela umsebenzi, ukudlala (ama-games, umculo, i-Internet), ukusiza izingane zakho ekufundeni noma ukwenza izithombe nokubhala"
Ngabe uzoyisebenzisela ukuxhumeka kwi-Internet nokuthumela nokuthola ama-e-mails"
Uma usuwazi ukuthi uzoyisebenziselani, thola ukuthi iyiphi i-software ozoyidinga ukuze yenze le misebenzi. Okubalulekile, iyiphi i-hardware oyidingayo ukusebenzisana ne-software.
Uma udinga kuphela ukubhala izinhlamvu zamagama, isebenzise njengethuluzi lokufunda izingane zakho noma wenze i-bookkeeping, kwi-Internet noma uthumelele abangani ama-e-mail, iPC ejwayelekile ingakusiza.
Uma uzoyisebenzisela ukuqhuba ibhizinisi, ungadinga enamandla athe xaxa.
Entsha ingcono
Amakhomphyutha amasha aseyathengeka kalula, ngakhoke kungcono uthenge entsha kunokuthenga eyisekeni. Ikhomphyutha entsha izohlala isikhathi eside futhi ikusebenzele kangcono.
Kubalulekile ukhethe inkampani ezokunika isiqiniseko segaranti (isikhathi segaranti kufanele kube cishe wunyaka) bakwazi futhi ukukusiza emva kokuyithenga.
Lokhu kubalulekile kulabo abaqalayo ukusebenzisa amakhomphyutha. Ochwepheshe bezokukhandwa kwamakhomphyutha babiza kakhulu ngomsebenzi wabo, ngakhoke usizo lonyaka lubalulekile.
Amakhomphyutha amaningi afika ne-operating system efana neWindows XP. Kufanele uthenge leyo ezohambisana nezidingo zakho.
I-hardware ne-software
I-hardware yingxenye yekhomphyutha lena esiyibonayo. Ngamanye amazwi "yibhokisi", i-monitor, i-keyboard, i-mouse, i-printer nokunye.
Ikhomphyutha ngokwayo.
Ama-programs asetshenziswa ukuze kusebenze ikhomphyutha, afana noWindows, namanye, njengama-games nama-word processing systems afana noWordPerfect, konke kuyi-software.
I-hardware ihlale injalo noma nini ekubeni i-software ingashintsheka kalula yehluke.
Amakhomphyutha kudinga kube nguwe owatshelayo ukuthi enzeni. I-software program singayifanisa nochunge lwemithetho engabonakali okuyiyo etshela ikhomphyutha ukuthi mayenzeni.
I-software ejwayelekile yePC yindlela yokusebenza kwayo (operating systems). Ngaphandle kwayo ngeke uyisebenzise iPC yakho. Ejwayelekile i-operating system yiWindows, efika nekhomphyutha isifakiwe ngesikhathi uthenga ikhomphyutha.
I-Internet
Ngokuthinta izinkinobho zokubhala kwi-keyboard yakho, usungenza noma yini.
Uzokwazi ukuba uthole ulwazi kuma-pages amaningi nganoma yisiphi isihloko ongasicabanga. Nge-Internet ungakhokha izikweleti, ubhuke amathikithi, usebenzise nebhange nokunye okuningi.
Ngosizo lwe-e-mail (electronic mail) uzokwazi ukuxhumana nabangani bakho nabomndeni ngisho ngabe bakuphi ngengxenye yemali efana nokubiza kocingo uma ushaya.
Uzokwazi futhi ukuthumela nokuthola izithombe nokunye.
Iningi labantu abasebenzisa i-Internet bazokutshela ukuthi ngeke baphile ngaphandle kwayo.
Uma uthenga ikhomphyutha entsha, uzothola i-e-mail software.
Ukuze uxhumeke
Ukuze ukwazi ukuthola i-Internet, udinga ikhomphyutha, i-modem, neWeb Browser, njengeMicrosoft Internet Explorer. Kuzodingeka futhi ubhalise ngaphansi kwe-Internet Service Provider (ISP). (I-ISP yinkampani enika abantu nezinkampani ilungelo lokusebenzisa i-Internet. Umuntu obhalisile ngaphansi kwayo ukhokha imali ethile zinyanga zonke ukuze axhumeke.)[z]
Uhlelo lwesimanje!
Wena ne-PC yakho
BONA ZULU - March 2007
Uma ufuna ukuthenga ikhomphyutha ukuze ujoyine izigidi ngezigidi ezixhumeke kwi-Internet, kufanele uhlome ngolwazi olubalulekile ngaphambi kokuthatha lesi sinqumo...
nguGRACE KHUZWAYO
Ukuzivikela kuma-virus
Ama-virus amakhomphyutha ama-programs enziwa yizigilamkhuba zabantu ngoba zifuna ukudalela abanye abantu abasebenzisa amakhomphyutha izinkinga. Amanye alama-virus angadala umonakalo omkhulu kwikhomphyutha yakho ngokucisha amanye ama-file. Ama-virus aba maningi ngenxa yamaWeb pages, ama-e-mail attachments angalungile nokusebenzisa ama-disk angalungile. Indlela engcono ongayivikela ngayo kuma-virus wukufakela i-anti-virus ebheka wonke ama-file akho ikhiphe nama-virus ewatholayo.
Uthini Umthetho
Une-stress emsebenzini
INKINGA: U-superviser wami emsebenzini uhlale engithethisa njalo. Sengikhulumile nosimele enyunyaneni kodwa wehluleka ukumenza (u-superviser) ukuba angangiphathi ngalolu hlobo. Ngifuna ukwesula ngoba impilo yami ayibekezeleki kodwa futhi nemali ngiyayifuna.
Ongimele enyunyaneni ungixwayise ngokuthi u-superviser wami ufuna ukungixosha ngoba i-stress engihlale ngikhala ngaso uthi singenza ngingakwazi ukwenza umsebenzi wami kahle. Yini okufanele ngiyenze.
ISELULEKO SOFEZELA: Ukuze wesule ngempumelelo, ukwesula kwakho kufanele kuncike entweni eyaziwa ngokuthi yi "constructive dismissal." Umthetho wezabasebenzi i-Labour Relations Act lokhu ukuchaza ngokuthi "wukunqanyulwa kwenkontileka ngoba u-superviser wenza isimo singabekezeleki kumsebenzi".
Inqubo yalokhu ayilula ngoba kufanele ukhombise ubufakazi bokuthi u-superviser wakho wenza isimo sakho sangabekezeleka nanokuthi ayikho enye indlela ngaphandle kokwesula."
Kufanele ubhale incwadi wazise umqashi wakho ngezinkinga ohlangabezana nazo kubandakanya nezinyathelo ozithathile ninokumele enyunyaneni ngemizamo yokuthola isixazululo sale nkinga.
Kufanele nomqashi wakho umnike isikhathi esanele sokuthatha izinyathelo ezifanele zokuxazulula inkinga yakho no-superviser. Mtshele umqashi wakho ukuthi uma le nkinga ingaxazululeki cishe ezinsukwini ezintathu, ukuhlukunyezwa kwakho wu-superviser kuzokuphoqa ukuba ushiye phansi.
Izinyathelo zemizamo yokuxazulula lokhu ibandakanya, umhlangano noyi-human resources manager enkampanini noma ongumqondisi. Esingakweluleka ngakho wukuthi kungakuhle ubonane nalaba bantu abangenhla ngaphambi kokufaka kwakho incwadi yokwesula.
Indaba ye-stress iyinkinga kangangoba abaqashi bayaphoqeka ukuba baqaphele ekuthatheni izinqumo ezingase zingehli kahle kubasebenzi.
Umthetho udinga ukuba umqashi abheke lokho okudala i-stress. Uma uphenyo lwakhe lukhomba ukuthi sidalwa yizinto ezingaphezu kwamandla ukuzilawula, uyaphoqeka futhi ngokusemthethweni ukuthatha izinyathelo ezifanele zokugudluza lokho okudala i-stress ngaphambi kokuthi kuthiwe awuwazi umsebenzi.
Uma unenkinga yokuthola abammeli, xhumana nabegatsha loFezela ngakini.[z]
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - March 2007
ESITHOMBENI KULINGISIWE
