zulu.245.sis sarahmuthi
Kuyenzeka ukuthi izinto zingahambi kahle othandweni - kodwa ungakhathazeki, uSis Sarah uzophendula imibuzo yakho aduduze nabalusizi...
UMBUZO wami umayelana nesondlo somntwana. Ngineminyaka engu-25 kanti ngishade nomlisa oneminyaka engu-28. Sashada ngokwamasiko esintu ngo-April 2003 nokwathi ngenyanga elandelayo ngakhulelwa.
Umyeni wami kwamthokozisa lokho waze wathi kufanele sishade umshado omhlophe. Ngamtshela ukuba athenge iringi, wavuma kodwa asizange sishade ngaleyo ndlela. Emva kokuzalwa komntwana, wangitshela ukuthi emsebenzini bamjube ukuba ayosebenzela kwelinye idolobha, wathi kungcono mina ngihambe ngiyohlala nomama wakhe.
Angibanga nenkinga nalokho. Empeleni ngangikuthokozela ukuhlala nomama wakhe. Yonke into yahamba kahle kwaze kwaba uyaphinda uyabuya emva kwenyanga. Kwi-cellphone yakhe wayelokhu ethola izingcingo ayethi lapho ekhuluma nazo aphumele emnyango.
Kwakuthi lapho ngimbuza ngazo athi ngabanye babangani bakhe asebenza nabo.
Emva kwalokhu kuvakasha, akaphindanga wabuya ekhaya. Kwakuthi lapho ngimshayela ucingo, kuphendule izwi lowesimame lithi akekho eduze. Ngakusho lokhu kumamezala wami wethembisa ukukhuluma naye.
Kwathi lapho ngixhumana naye ekugcineni, ngamcela ukuthi akathumele imali yengane ngoba kwase kucaca ukuthi eyami indaba akasayingeni.
Wakuphika ukuthi unengane wathi angibone mina ukuthi ngenzenjani.
Ngahlala ngabekezelela ubuhlungu okwesikhashana ngenxa yothando enginalo ngaye nokuhlonipha umamezala wami owangicela ukuba ngingahambi.
Kwathi lapho ingane isinezinyanga eziyisithupha, ngabona ukuthi kufanele ngithole umsebenzi ngoba ngase ngiphila ngomholo wakhe umamezala.
Sengibuyele ekhaya kubazali bami umama wami wathi mangishiye umntwana kuyena ukuze ngehlise umthwalo wami. Ngavuma ngabuyela emumva ngiyohlala nomamezala wami.
Umyeni wami ekugcineni wabuyela ekhaya emva konyaka. Kwathi lapho umama wakhe ezama ukukhuluma naye wathukuthela.
Watshela umama wakhe ukuthi akasangifuni nokuthi kufanele ngimshiye yedwa ngoba usenaye umuntu athandana naye.
Ngaphinde ngabuyela ekhaya nokwathi emva kwesonto umamezala wami wangishayela ucingo wathi mangibuye.
Wangitshela ukuthi usekhulumile nendodana yakhe yamcela ukuba ayixolisele.
Ngamtshela umamezala ukuthi yindodana yakhe okufanele ingishayele ucingo. Kwathi lapho ingishayela ngayitshela ukuthi ngeke ngibuyele kuyona ingaxolisanga ngenkomo kubazali bami.
Wavuma kodwa sekuphele omunye unyaka sisamlindele ekhaya.
Ngafaka amaphepha esondlo somntwana kodwa uyenqaba ukondla ingane yakhe ngoba uthi usazama ukuqongelela imali yelobolo.
Angisamthandi kodwa inkinga yami wumntwana ngoba angisebenzi. Ngenzenjani?
NPG, Mauear
Ngicabanga ukuthi umbekezelele kakhulu umyeni wakho wamnika amathuba amaningi ukuba alungise isimo. Ngeshwa akubukeki ezimisele ukuqhubeka nomshado wenu.
Ngisho ngabe ilobolo likhokhiwe noma cha, akusho lutho. Ingane yakhe kufanele noma kanjani ukuba ayondle ngokusemthethweni.
Ngibona kungakuhle ukuba uthole usizo lwabammeli ukuze ulungise indaba yesondlo somntwana wakho.
Akekho ummeli ongabekezelela ukungathembeki komyeni wakho - lokhu kuzokwenza ukuba wena ungazihluphi ngokuba uqondane naye ngqo. Abethimba lofezela banosizo lwemizuzu engu-30 lwamahhala kubo bonke abafundi bakaBONA.
Okunye ongakwenza wukuphindela enkantolo nokuyilapho wafaka khona isicelo sesondlo somntwana ucele iseluleko sabo.
Iminyaka embalwa edlule ibilula kuwena, kodwa kubukeka ufike lapho usukulungele ukwenza isiqalo esisha.
Masethembe ukuthi lapho eyesondlo somntwana isixazululekile, uzokwazi ukuthola umsebenzi uhlele kabusha impilo yakho.
Akukho ukungethemba
Ngineminyaka engu-29 ngingumfelokazi onomntwana oneminyaka engu-12. Umyeni wami washona ngo-2002 kanti ngisahlala nabasemzini. Manje sengithole umuntu ongithandayo.
Nakuba ezimisele ngokungishada kodwa akangethembi njengoba engisola ukuthi kukhona engithandana naye.
Okunye wukuthi kukhona nabasemzini. Yini ezokwenzeka endodakazini yami uma ngishiya? Ngididekile.
Ngicela iseluleko.
NL, Mafeteng
Kumbalwa okukukhathazayo - masibhekane nakho ngokwahlukana.
Okokuqala yilo mlisa ofuna ukukushada, pho kungani angakuthembi?
Kufanele uthole ukuthi kungani ekungabaza nokuthi izinsolo zakhe ziphuma kuphi?
Okwesibili, sekuphele iminyaka eyisithupha umyeni wakho edlula emhlabeni.
Ube nenhlanhla yokuhlala nabasemzini isikhathi eside kangaka, kodwa kufanele baqonde ukuthi ngelinye ilanga uyohlangana nomuntu oyofuna ukushada nawe.
Ukuphinde ushade ngeke kuchaze ukwahlukana kwakho nabasemzini ngoba indodakazi yakho ingumzukulu wabo.
Ngicabanga ukuthi uma nibonisana nabasemzini, nizokwazi ukufinyelela esivumelwaneni.
Asikho isizathu sokuthi kungani indodakazi yakho ingahlali nawe nomyeni wakho omusha. Ungakhohlwa wukuthi njengoba indodana yabasemzini bakho ingasekho, indodakazi yakho yiyo esithatha indawo ezinhliziyweni zabo.
Ukuzwana nabasemzini akusiyo into evamile neyenzekayo kulezi zinsuku.
Osisi basemzini
Ngineminyaka engu-24 kanti ngishade nowesilisa engimthandayo kodwa ongesiye ubaba wengane yami. Umyeni wami akanankinga nengane yami, kodwa odadewabo kubukeka benenkinga.
Bayayizonda ngaphandle kwesizathu. Manje asisakhulumisani nabo. Abafuni ukuba mina nomyeni wami sihlale ndawonye. Sebamphuca nekhadi lakhe lasebhange. Sengididekile, angazi noma ngiwushiye phansi yini lo mshado wami. Sengihlala nabazali bami kusukela ngoDecember. Ngicela usizo.
NCM, Stutterheim
Yisikhathi sokuba umyeni wakho alungenelele lolu daba aluxazulule. Ngabe uyazi nje ukuthi kwenzekani?
Wakushada wakwamukela nengane yakho, lokho akuhlanganise lutho nosisi bakho basemzini. Kungani bagxambukela ezindabeni zakho ezingabadingi?
Bonisana nomyeni wakho ngalokhu bese futhi nilubhunga nabo osisi bakho basemzini.
Akusiwo umqondo omuhle ukushiya umshado wakho ngenxa yabantu basemzini.[z]
BONA ZULU October 2008
BUZA KU-SIS SARAH
Ngingamenza kanjani
ondle ingane yakhe?
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni? Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Khumbula, kuye kube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye! Ikheli lithi: Ask Sis Sarah, Box 32083, Mobeni, 4060.
Qaphela: USis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo.
86 BONA ZULU October 2008
Otikoloshe
Ngabe bangalwa nobugebengu eSA?
ANGIKAZE ngikuzweke lokhu! Ngathola incwadi iphuma kumlimi waseMpungamhlophe, ngaseMelmoth, eKZN, e- "oda" utikoloshe - kodwa wayengawufuneli ukwenza okubi!
Wayefuna "umfana omncane" ozovikela indawo yakhe ezigebengwini!
Utikoloshe ongathandeki kangaka?
Ngabe lo tikoloshe akhuluma ngawo yilona odala izinkinga emakhaya, kwezothando nasemabhizinisini, osetshenziselwa ukulwa nokubi?
Utikoloshe, ngokwalo mlimi, wenza umsebenzi ongcono kakhulu kunowenziwa yiphoyisa nezinkampani zonogada.
Kukhona nesisho esithi: "thuma isigebengu uma ufuna ukubamba isigebengu."
Kodwa, kuhlaba umxhwele kakhulu ukusebenzisa komfundi igama lo "mfana omncane".
Uma ecabanga ukuthi kuhle ukuhlala notikoloshe, pho kudalwa yini ukuthi asabe ukusebenzisa igama elithi "utikoloshe," asebenzise elo "mfana omncane"?
Bafuna ukuwuxosha
Okuxakayo wukuthi ngingakayitholi le ncwadi yalo mfundi waseMelmoth, ngathola ezimbalwa zabantu ababefuna ukwazi ukuthi bangawuxosha kanjani utikoloshe.
Kunomfundi waseBloemfontein okhala ngokuthi utikoloshe ushisa indlu yakubo.
Owesimame wasePitoli yena uthi sekuphele iminyaka emithathu engenasoka ngenxa katikoloshe oxosha amadoda azwana nawo.
Kukhona nentokazi yaseTembisa, ethi sekuphele iminyaka emihlanu iphoqeka ukuba ihlale ikhanyisile ekhaya layo ebusuku.
"Ngike ngizwe sengathi kukhona umuntu ongena ekhaya lami njalo kusihlwa. Nakuba ngingaboni lutho, ngike ngizwe izigi zomuntu engena ngomnyango ongaphambili," kusho yena.
"Kokunye le "nto" ingiphazamisa nasebuthongweni iklwebhe ngaphansi komcamelo wami.
"Ezangomeni esengike ngaxhumana nazo, akukho ngisho nesisodwa esikwazile ukuwuxosha," kuqhuba yena.
Asibuyele odabeni lomlimi waseMelmoth, ofuna utikoloshe ube yingxenye yempilo yakhe...
Ngabe kungenzeka?
Sinombuzo othi: ngabe kuyenzeka ukuthi utikoloshe osetshenziswa abathakathi uma befuna ukucekela impilo yabantu phansi ukuvikele?
Ngabe bathini abanye abelapha ngamakhambi ngalolu daba?
"Angikaze ngizwe ukuthi utikoloshe ungakuvikela," kuchaza inyanga eneminyaka engu-20 eyelapha ngamakhambi.
"Ongakwenza wukuzakhela okunye okusha, awukwazi ukushintsha okudala obekwenza okubi ukwenze kube nguMsamariya Olungileyo."
"Akulula ukwenza utikoloshe kanti kuyimfihlo enkulu," kusho esinye isangoma engaxhumana naso.
"Kukhona abesilisa nabesimame abasebenzisa imithi abanolwazi lokwenza otikoloshe - kodwa abatholakali kalula, ngoba umsebenzi abawenzayo mubi kanti bayazifihla.
"Ngiyangabaza ukuthi bangawenza utikoloshe ozogada umuzi!" kuqhuba sona.
Sangikhumbuza nokuthi kukhona izangoma nezinyanga ezinamandla okulwa notikoloshe zenze imizamo yokuvikela imiphakathi yethu.
Mhlawumbe lo mlimi waseMelmoth usevule intuba yokwenza ucwaningo mayelana nokwenza otikoloshe "abalusizo" abazolwa nokuqhunyiswa kwemishini yemali ngamabhomu, ukwenza isibonelo...
Mhlawumbe kuzodingeka ukuba uCharles Nqakula ophethe amaPhoyisa, akhulume nabelapha ngamakhambi ukuze basisize ngotikoloshe abazolwa nobugebengu... [z]
EZEMITHI
EZEMITHI
Bhalela uForce kuleli kheli: Muthi Talk,
Box 473014, Parklands, 2121,
e-mail: muthi@caxton.co.za
IZIGQILA EZINGABONAKALI
KUKHONA abathi otikoloshe babesetshenziswa ezimayini njengezigqila zabasebenzi ababevilapha. Njengoba babengabonakali, laba "bafana abancane" noma "amadoda amafishane" abaphathi babengababoni.
Babegqilazwa nasemapulazini, ukuba khona kwabo kuyimfihlo ngoba kwakungandile ukuthi emphakathini kube khona umuntu okwazi ukwenza utikoloshe.
