zulu.2457.health
AMANDLA EMPILO
Lolu nguhlobo olwelapheka cishe
kalula kunazo zonke izinhlobo zomdlavuza - uma usheshe watholakala welashwa kusenesikhathi... indaba ngu-Isaac Kwela
KWABESIMAME kwande umdlavuza wamabele. Kwabesilisa wumdlavuza wesigaxa sesitho sangasese. Umehluko wukuthi, lolu hlobo lomdlavuza wabesilisa, liphatha cishe oyedwa kwabangu-250.
Lo mdlavuza udinga ukuqashelwa kakhulu ngoba uyingozi ekubeni uba sendaweni eyingozi neyingcuphe kakhulu - ebuntwini bomuntu wesilisa.
Uyini
Umdlavuza wesitho sangasese kowesilisa yisigaxa esikhula ngokushesha esithweni sangasese sihambisana nama-cells omdlavuza ezinhlamvini zowesilisa.
Okudala lokhu akwaziwa. Kukholakala ukuthi usengcupheni enkulu yalesi sifo uma uHIV noma kunomlando walo mdlavuza emndenini wakho. Ngakolunye uhlangothi, akukho ukuxhumana phakathi kwe-vasectomy (okungukuhlinzwa uhlinzelwa ukulungisa lesi simo) nokwenyuka kwamathuba okuphathwa yilo mdlavuza.
Lesi sifo singaphatha noma ngubani wesilisa. Nakuba kuthiwa ungu-1% kulo lonke uhlobo lwemidlavuza yabesilisa, kodwa yiwo ojwayelekile ikakhulu kwabasha beminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-40.
Hlolwa
Ngenxa yokuthi angu-100% amathuba okwelapheka komdlavuza wesigaxa sabesilisa uma usheshe watholakala zisasuka, ochwepheshe bathi kungakuhle umuntu azihlole ngokwakhe zinyanga zonke emva kokugeza ngamanzi ashisayo ngesikhathi isikhwama sezinhlamvu sithambile.
Into okufanele uyibheke, yiqhutshana elisanhlamvu.
Okunye: ngabe sonke lesi sitho somzimba sizwakala siqinile uma usithinta?
Isitho sowesilisa sangasese kungenzeka sivuvukale ngokuphindwe kathathu ngenxa yesigaxa esithatha indawo enkulu, kusebenze negazi eliningi esikhwameni sesitho sangasese.
Ezinye izimpawu zibandakanya: ubuhlungu kwesingezansi noma i-groin; igazi elibonakala embewini yowesilisa; nokuzizwa ukhathele.
Indlela yokwelapha
Uma usola ukuthi kukhona okonakele, hamba uye kwiGP noma emtholampilo ngokushesha. Ungazitsheli ukuthi izimpawu ozibonayo zizoziphelela. Qina ube yindoda ulungise le nkinga kungaze kuhambe isikhathi ngoba uma ungakwenzi lokho uzozithola ususenkingeni ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
Lokhu sithanda ukukugcizelela kakhulu ngoba indlela yokwelashwa ibukeka izwakala inzima kwabaningi ekubeni akunjalo. Uma unomdlavuza wesigaxa sabesilisa, kuzodingeka ukuba sikhishwe.
Uma lolu hlobo lomdlavuza lungelapheki ngokushesha, lungasabalala kalula futhi emzimbeni. Kodwa ukukhishwa kwalesi sigaxa kuphela ngeke kukhiphe wonke ama-cells angalungile okungenzeka ukuthi akhona ezigaxeni zabesilisa.
Ngakhoke kungcono ukukhishwa kwezigaxa zombili ukuze kugwemeke ukuba kumile esinye isigaxa - nokusabalala komdlavuza.
Lokhu kubizwa ngokuthi yi-inguinal orchiectomy - nokwenza kuzwakale kusabisa kakhulu - kodwa iqiniso wukuthi kudingeka isigaxa esisodwa ukuze umuntu avunde nokuba akwazi ukwenza eminye imisebenzi yabantu besilisa.
Emva kokuhlinzwa - nokuncika ekutheni umdlavuza ubusukuliphi izinga ngesikhathi utholakala - ungadinga ukwelashwa ngendlela yokushiswa (i-radiation) kanjalo ne-chemotherapy. Emva kwalokho, asikho isidingo sokuba ungayithokozeli impilo engenawo umdlavuza - ngoba mancane amathuba okuba lo mdlavuza ungaqhubeka phezu kwaleso simo - futhi ube nezingane ngokuthanda kwakho.
Ekugcineni...
Uma umdlavuza wesigaxa sangasese kwabesilisa ungelashwanga usabalalela nakwezinye izingxenye zomzimba, kanti ungakubulala. Kubo lobo bumnyama, ungazithola sekudingeka ukuba ukhishwe enye inhlamvu yesitho sangasese. Siyakunxusa ungahlali, sukuma ngokushesha uyohlolwa ngochwepheshe bezempilo. [z]
Ngeminye imininingwane
Ukuze uthole izeluleko ezinhle ngalesi sifo, bheka kwi-Internet bese ubheka ngaphansi kwabe-checkemlads.com - kodwa iseluleko esingcono uzosithola kwiWebsite yabo.
BONA ZULU September 2008
Umdlavuza wesigaxa sangasese kwabesilisa
Ngo-1996 umdlavuza wesigaxa sangasese kuLance Armstrong wabe ususabalele waze wedlulela ebuchopheni nasemaphashini. Lena yiyona ndlela lo mdlavuza osabalala ngayo uma uyekiwe wangelashwa. Izindlela zokuwelapha kwakhe zibandakanya ukwelashwa engqondweni kanjalo nasezigaxeni zangasese nangendlela ye-chemotherapy. Ngenhlanhla lo mgibeli wamabhayisekili waphila waze waqhubeka wayowina umjaho wamabhayisikili iTour de France nokwase kungukuphula irekhodi ngokuba ayiwine iminyaka eyisikhombisa ilandelana kusukela ngo-1999 - 2005 - emva kwalokho waba ngomunye wosaziwayo abasemkhankasweni wokuqwashisa umphakathi ngalesi sifo.
1. UNGAYISEBENZISI IMITHI EMIDALA
Odokotela baye bagunyaze ukusetshenziswa kwemithi ngenxa yezimpawu ezithile. Ukwenza isilinganiso, umuthi wokukhwehlela ekwehliseni ukukhwehlela okomile. Ngakhoke ngeke nje uvele ucabange ukuthi ngoba usuphethwe wokunye ukugula, ukhiphe noma yimuphi umuthi onawo ekhabetheni lakho.
Enye inkinga wukuthi, njengokudla, nemithi iphelelwa yisikhathi emva kwesikhathi esithile. Eminye ivele ingasebenzi lapho isimidala, ekubeni eminye iba yingozi.
2. HLELA IMITHI YAKHO
Bheka ama-expiry date emithi yakho kanye ngonyaka noma kanye ezinyangeni eziyisithupha bese ulahla leyo esiphelelwe yisikhathi sokusebenza.
Uma umuthi ungenayo i-expiry date futhi usumdala ngaphezu kwezinyanga eziyisithupha kusukela wawuthola, kungakuhle ukuba uwulahle.
Sebenzisa izitsha zika-ice-cream uhlukanise imithi yokwelapha amanxeba, nokungenzeka idingeke njalo. Lokhu kuzokwenza kube lula ukuthola umuthi owufunayo.
UKULAHLA IMITHI NGENDLELA EPHEPHILE
Sonke sesake sawabona amahlazo ezibhedlela zichitha inkunkuma yazo ezindaweni ezivulekile zomphakathi - ngokusho kukaLorraine Osman wabePharmaceutical Society Of SA - abathengi kulokhu nabo kudingeka ukuba babe yingxenye yesixazululo, hhayi yenkinga. Ngakhoke thatha imithi yakho ofuna ukuyilahla engasasebenzi uyihambise ekhemisi eliseduze nawe ukuze bayilahle ngendlela ephephile.
Gwema ukulahla imithi emidala namaphilisi noma yini yokwelapha ezindlini zangasese, ngisho nezinaliti ezisetshenziswa ukujovela i-insulin. Gwema ukuchitha imithi emiseleni - noma ukuyilahla nodoti wakho wasendlini - ngoba konke lokho kukhubaza indalo kudunge umoya esiwuphefumulayo.
Patricia McCracken [z]
NGEMINYE IMINININGWANE
Bheka amaphepha ngesonto lePharmacy Week, September 1-7, 2008.
izindlela zokuphepha ngemithi
BONA ZULU September 2008
AMANDLA ABATHENGI
IQINISO: Ezinye zezindlela ezinhlanu zokuhlolwa kwamanzi zathola ukuthi anezidakamizwa ezigunyaziwe nezingagunyazekile nama-hormones enzalo - ngokocwaningo lwa-USA luka-2002. Ukukhubazeka ekuzalweni kwatholakala nasezinhlanzini. Asikakwazi okwenzeka kubantu....
