ZULU.244.sis sarah
buza kusis'sarah
98 BONA ZULU - March 2008
Ukuzibandakanya othandweni okokuqala!
NGINEMINYAKA engu-18, angikaze ngithandane namuntu. Njengamanje kunowesimame engifisa ukuthandana naye kodwa angazi ukuthi kufanele ngithini kuyena ngoba futhi ungumuntu onamahloni.Ngiyamthanda, ngicela iseluleko.
DS, Bothaville
Noma kunini kuhlale kukhona isikhathi sokuqala kunoma yini. Ngisho ngabe ngikweluleka ngokuthini noma yikuphi osekwake kwasebenzela abangani bakho - kungenzeka wena kungakusebenzeli.
Iphuzu lokuqala lithi... thatha kancane. Ungamphuthumi kokwenzayo ngoba uzokuba nokwethuka.
Iphuzu lesibili lithi... azi kabanzi ngempilo yakhe. Lokhu kuzokusiza ukuba kube khona into okuzokwenza ukuba nikhulume ngayo.
Iphuzu lesithathu lithi... zinike isikhathi umlalele naye ukuthi uzothini!
Ayikho into embi njengomuntu oqala ingxoxo axoxe ngaye angabe esaqeda.
Kufanele unike omunye umuntu ithuba ukuze uzwe ukuthi yena uzothini.
Iseluleko sami sokugcina sithi - ungaxhamazeli, lokho kuzokwenza uzethembe. Abesimame bayabathanda abantu besilisa abanokuzethemba.
ESITHOMBENI ABAKHANGISI
Idivosi... noma ukufa"
Ngineminyaka engu-39 kanti sengishade iminyaka engu-20. Nginezingane ezintathu - 20, 16, 7. Inkinga wukuthi umyeni wami unesihluku uma ephuzile.
Sengicabanga ukumdivosa kodwa nginenkinga yokuthola imali yemininingwane yedivosi.
Enye inkinga yingane yami encane esengize ngahlela ukuyishiya nodadewabo kamyeni wami.
Ngabe ngenza into efanele uma ngimdivosa noma kufanele ngiqhubeke ngihlale naye aze angibulale" (Ngokubona izinto azenzayo kimina, uzogcina engibulele)
MMM, QwaQwa
Idivosi ilona khambi - kodwa ngizokunika-nje izizathu ezimbalwa zokuthi kungani kungafanele udivose. Ngale ndlela "usungahlola" isinqumo sakho ukuze uqiniseke ukuthi okwenzayo ukucabange kahle.
Okokuqala, iminyaka engu-20 yonke akuyona neze into encane engakulahlekela kalula kanjalo. Ngiyazi umyeni wakho uyakuhlukumeza, kodwa qiniseka ukuthi wena uyakuqeda lokho.
Okwesibili, usuke wazama ukuba nihambe nobabili niyothola izeluleko zochwepheshe kwabe-Alcoholics Anonymous" Okungaba nzima wukuba umenze abone ukuthi unenkinga yophuzo njengoba abaningi behlale bekuphika. Lokhu kusho ukuthi uma engeke alwamukele usizo - kusho ukuthi alukho olutheni ongalwenza.
Okwesithathu, uma ingane isele nodadewenu wasemzini - kungenzeka bakuhlanganisele bakujikele bangakuvumeli ukuba uphinde uyibone. Ngabe lokhu yiyonanto oyifunayo"
Ngicabanga ukuthi akufanele uyivumele idivosi kodwa isinqumo ozosithatha ekugcineni - ngesakho wedwa.
Uma ubona ukuthi kuyingozi ukuqhubeka nalo mshado, okufanele ukucabange kuqala, wukuphuma kuwona.
Asitholani nomamezala
Sekuphele iminyaka cishe engu-10 ngihleli kamnandi emshadweni - umamezala wami kodwa akakayeki namanje ukukhononda. Ayikho into engiyenzayo angayigxeki - kusukela ekukhuliseni izingane zami kuya ekuphekeni nasekuwasheni nasekuhlanzeni indlu. Ngingamkhombisa kanjani ukuthi ngingunkosikazi okahle ngendlela yami"
Sibongile G, Bloemfontein
Nawe usungomunye osejoyine izigidi ngezigidi zabesimame abahlukunyezwa abantu okumele ngabe bayabavikela. Uma nawe unendodana, maduzenje usuzokuba ngumamezala ozohlale enalokho kwesaba eminyakeni ezayo.
Omama banaleyo nto ngokwendalo eyenza bawavikele amadodana abo. Kuthi lapho abafana bekhula, babe nezintombi bashade nokwenza lokho kuvikela komama babo kubekeke esimweni esibucayi.
Umama uye abone sengathi uphucwe omunye umuntu wesimame indodana yakhe. Abanye omama, njengomamezala wakho baphenduka benze inhlalo yomakoti ingabi yinhle.
Mtshele ukuthi uyazi yena uphatheke kanjani bese umchazela ukuthi lona sekungumndeni wakho nempilo yakho - ngakhoke wena nomyeni wakho kufanele nizenzele izinto ngendlela enifuna ngayo.
Mqinisekise futhi ukuthi uma ufuna isiyalo, uyosifuna kuye.
Uma kukhona okwenzayo akugxekayo, mchazele ukuthi kungani ukwenze ngaleyo ndlela. Ukuxhumana okuhle phakathi kwenu - kuzokwenza kube ngcono ukuzwana kwenu.
Angithokozile emshadweni
Ngineminyaka engu-35, eyomyeni wami ingu-33. Ngo-2002 wathola ingane nomngani wami ekubeni wayehlale efaka amantombazane endlini yethu uma ngingekho.
Okunye wukuthi sekuyisikhathi eside azi ukuthi u-HIV positive ngaphambi kokuba angitshele. Nami ngahamba ngayohlola ngathola ukuthi sengi-HIV positive.
Umyeni wami uhambe elala nabanye abantu besimame ngaphandle kokusebenzisa ikhondomu futhi asho nokuthi ngeke aze afe yedwa kodwa uzofa nabanye besimame njengoba naye ayithola komunye wesimame.
Ngiyamthanda kodwa angiyithandi into ayenzayo. Asisahlali ndawonye kodwa ngiyakhathazeka uma ngimbona enabanye besimame. Yini okufanele ngiyenze"
TLM, Heidelberg
Umyeni wakho yindoda enesihluku efuna ukuziphindiselela "ijezise" abesimame abaningi. Ngeke ukunqande okwenzeka esikhathini esedlule - kodwa ungazama ukwenza uguquko ekuziphatheni kwakhe kwangomuso.
Unazo zonke izizathu zokuba ujikele indoda yakho - kodwa phezu kwakho konke lokhu, usayithanda kangangoba awunasiqiniseko sokufanele ukwenze.
Ngicabanga ukuthi kukhona ongakwenza ekusizeni kunokuba umbuke ecekela izimpilo zabanye phansi. Mtshele ukuba athole ukwelulekwa ngesifo se-AIDS ukuze akwazi ukugwema ukudinwa kwakhe nokulawula uthando lwakhe lwesikhathi esizayo.
Ngiyazi kubuhlungu ukumbona enabanye besimame, kodwa kufanele uzibuze ukuthi ngabe ninalo yini ikusasa nobabili. Ukuthathela encwadini yakho, ngibona ungaphila kahle ngaphandle kwakhe.[z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi. Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye. Ikheli lithi: Ask Sis Sarah, Box 32083, Mobeni, 4060
BONA ZULU - March 2008 99
