zulu.2449.soccer homecoming
MADUZE-NJE iningi labadlali bakuleli abahamba bayodlala phesheya selibuyele emumva eSouth Africa ukuzodlala khona. Kulabo badlali singabala uKatlego Mphela weSuper Sports United, Josta Dladla weMamelodi Sundown noDillon Sheppard owafike wadlala kwiMamelodi Sundowns.
Kungani bakhetha ukubuyela emumva"
UJosta Dladla kwadingeka ukuba akhethe phakathi kweqembu lakhe lamaDanish i-AGF Aarhus noma iBafana Bafana.
"Ngangingabizelwa eqenjini lesizwe, phezu kokuba ngangidlala kahle kwi-AGF Aarhus," kusho yena echaza nokuthi kungenzeka nobude bebanga lendawo ayekuyo kwakunomthelela kulokhu.
"Ngacabanga ukuthi uma ngibuya ngiba seduze neBafana, mhlawumbe abaqeqeshi bazongiqaphela."
Ungcono uDladla yena owathola ithuba lokuzikhethela ukuhlala phesheya noma ukubuyela ekhaya. UDillon Sheppard noKatlego Mphela bona babebhekene nesimo esinzima okwakungelula ukuzikhethela.
"Ngaba nenkinga nabaphathi bekilabhu," kuchaza uSheppard owayedlalela iPanionios eGreece.
"Ngahlala izinyanga ezimbili ngingaholi ngabona ukuthi kufanele ngicabange njengendoda ngivikeleke ngasezimalini.
"Ngabona futhi ukuthi ukubuyela kwami ekhaya kuzongisiza ekuvuseleleni umsebenzi wami wokudlala."
Ukulimala yikho okwamenza wangadlaliswa njalo.
NoMphela owayedlalela iBrusburg eFrance ngaleso sikhathi, naye waba nezinkinga nabaphathi bekilabhu.
"Kwasheshe kwacaca ukuthi angikho ezinhlelweni zomqeqeshi, sengishikisha ibhentshi," kusho yena.
"Ngabonisana nabaphathi ngabacela ukuba bangifake ohlwini lwabazobolekiswa - ngabolekiswa kwiSuper Sports United."
Nakuba kungamhambelanga kahle uSheppard eGreece, kodwa akanakho nokuncane ukuzisola. "Ukudlala phesheya yikho okuthuthukise indlela engidlala ngayo," kusho yena.
NoDladla uyavumelana nalokho. "Phesheya badlala ngezikhwepha kakhulu nokwaba yinto eyangenza ngabona ukuthi kufanele ngijime kakhulu ukuze nami ngibe yisikhondla."
UMphela uthi waba nenhlanhla ukuba kwiBrusburg waqala eqenjini layo elincane. "Lapha ngathola ithuba lokuba ngikwazi ukwakha umzimba wami uqine."
Laba badlali kumanje bazimisele ukuba bacobelele abanye ulwazi abaluzuzile.
"Abadlali bakuleli ngabadlali abanekhono uma ubaqhathanisa nabaphesheya, kodwa thina futhi asizihleli ngendlela eyiyo enkundleni nokuyinto ebonakala lapho siphunga abahlaselayo emumva."
UDladla uyakufakazela lokho: "Ngingathi abadlali baphesheya balambile kunathi lapha ekhaya, kungakho bezinikela. "Ukwenza isibonelo, ngesikhathi ngihamba lapha ekhaya, ngangingumgadli ohlaselayo ngingazihluphi nakancane ngokubuyela emumva ngiyovimba ibhola uma kwenzekile ngalilahla.
"Ukudlala phesheya kwangifundisa ukuba ngikwazi ukudlala noma yikuphi. Manje kuthi lapho ngilahle ibhola ngibuyele emumva ngizobasiza."
Kodwa uthe isitayela sethu saselokishini, ngenye yezinto zethu ehamba phambili.
"Kufanele sihlanganise isitayela sethu nendlela abazinikela ngayo ebholeni laphesheya," kusho yena.
"Ngineqiniso singakwenza lokho, ikakhulu manje njengoba abanye bethu sebeke badlala e-Europe kanti bayazi kahle kakhulu indlela yabakhona yokwenza izinto.
"Kufanele sikwazi ukubehlula emdlalweni wabo ngokwezindlela zokudlala uma sesikwazi ukuzihlanganisa nesitayela sethu. Singaba phambili e-Africa nasemhlabeni," kwengeza uDladla.
UMphela ukholwa wukuthi isipiliyoni asitholile kumanje sesiyabonakala. "Sengidlale kwiPremier League izinyanga ezingu-18 manje kanti sengishaye amagoli angu-10."
Uthanda ukukhuthaza abantu abasha ukuba bawabambe ngezandla zombili amathuba okuyodlala phesheya abavelelayo.
"Njengomdlali oyiphrofeshinali, kudingeka lokho ukukhombise enkundleni kanjalo noma ungekho enkundleni," kusho uDladla.
"Lena iyona into engicabanga ukuthi singayifunda kubadlali base-Europe."
Ukubuya kwabadlali bakuleli abakade bedlala phesheya kukhombisa ngokusobala enkulu impumelelo ebholeni lakuleli ikakhulu uma siphumelela ukuhlanganisa ibhola laphesheya nethalente lakuleli.[z]
BONA ZULU - December 2006
UDillon Sheppard.
Kungani abadlali bethu bebhola
Ubuchwepheshe obusha
bebuyela ekhaya
Bahamba bayodlala phesheya kodwa manje sebebuyile ukuzosabela abakuzuzile
indaba nguTEDDY GOMBA
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
UKatlego Mphela.
UJosta Dladla
BONA ZULU - December 2006
