zulu.2447.city ses'la
EZOSAZIWAYO
UMDLALO weSABC1 iCity Ses’l ngemiSombuluko ngo-7:00 waqopha umlando emidlalweni yamahlaya ngokuba nababukeli abangu-3m eminyakeni emithathu yokuqala yalo mdlalo.
Uchunge olusha lweziqephu ezingu-26 luhlelelwe ukuphela ekupheleni konyaka.
“Sawenzela ukuba uhlekise, ngokwepolitiki, futhi uhehe ngakwezocansi,” kusho isihlabani salo mdlalo uTumi Masemola.
“Sigxila ikakhulu ezintweni ezingakha usuku lwakho noma zilone - njengokulahlekelwa amalayisensi akho okushayela noma njengokugcwalisa ifomu yentela okokuqala ngqa.”
Lena yiyona ndlela lokhu okwaqala ngayo. UTumi, Mandla Ndimande, Meren Reddy, Luke Rous noNkuli Sibeka babesekilasini elilodwa e-AFDA okuyikolishi lamafilimu nezeTV eGoli.
Bahlangana ndawonye babhala i-demo yesiqephu seCity Ses’la, nokuyisiqephu esasigxile empilweni yabafundi abahlala ndawonye efulethini eGoli. U-SABC, etv neDSTV bawuchitha ngo-2004.
“Sacela saboleka R10 000 kubo bonke esibaziyo, sase sisithwebula ngokwethu lesi siqephu,” kusho uMeren.
“Sasazi ukuthi esikwenzayo, iyonanto ezothandwa abantu abasha kwiTV. Kulokhu uSABC yiwo ozibonele ukuthi lo mdlalo uzothandwa.”
UKUZE i-demo yabo ibe yingxenye yochunge, laba bafundi baxhaswa yi-Endemol, okuyinkampani eyenza imidlalo efana ne-Isidingo neBig Brother. Kwadingeka ukuba basebenze bangalali bebhala lo mdlalo befuna ukuwenza uhlekise ube mnandi.
Ingcindezi yaphindaphindeka ngesikhathi uSABC1 ethi umdlalo iCity Ses’la kufanele uthathe indawo yeGirlfriends okungumdlalo waseMelika osudonse isikhathi eside.
“Kwakugqilaza,” kusho uTumi. “Sasibhala, siphrojusa sidlala kwi-prime time television okokuqala ngqa - sidlala esikhundleni somdlalo nami engangiwuthanda ngiwubuka. Sasingeke siliyeke lelo thuba.”
ICity Ses’la yavele yashisa izikhotha. Ngo-2006 ababukeli bayo base bebalelwa ku-2,8 million.
Namuhla kuthwetshulwa uchunge lokugcina ezitudyo zakwaSABC kuCommissioner Street, kanti uMandla Ndimande ongumdlali kulo mdlalo uthi namanje akakakholwa ushintsho olusheshayo abhekane nalo kusuka ekubeni ngumfundi ongaziwa kuya ekubeni yisihlabani somdlalo weTV.
Ngisho nothando lwakhe lwesikhathi eside noTumi luyindabizekwayo kulo mdlalo nakuba baqala ukuthandana ngaphambi kokuba iSes’la ivele kuTV.
“Ngiyayikhumbula impilo yami yangasese engaziwa muntu,” kusho uMandla. “Angisakwazi ukuhamba nabangani bami ngiziyele emaphathini ngaphandle kokuba khona komuntu ozokwazi ngalokho.”
UKUHEHA ngokocansi kuyenza into idume ngokushesha. Kulo mdlalo uLetisha (Tumi) ngomunye wamantombazane amahle kanti uPhumzile (Thuli Thabethe) ngomunye wabantu besimame abaziwayo abakhonze impilo ephezulu.
“Indawo yaseGoli ingenye yezindawo ezifana nomthombo ongashi wokuvukuza izindaba,” kusho uTumi. “Ukuheha ngakwezocansi nakho kuyingxenye yalo mdlalo - bheka ezikhangisweni, kuma-billboards namakhasi ezithinta umphakathi.
“Uma ihlanyisa abaningi, kusho ukuthi singayisebenzisa. ICity Ses’la imayelana nabantu abafana nathi.”
Ngesikhathi umama kaTumi ethweswa iziqu ekolishi, lokho kwadala esinye seziqephu ezinkulu ochungeni lwanyakenye ngaleyo ndlela kwazaleka amawele ahlale exabana uLetisha noPatricia.
“Umndeni wonke wami wafika endlini uliqhamukisa kulo lonke izwe uzobungaza,” kusho uTumi. “Bonke omalume, o-anti ogogo abashana nabazala.”
Lo mcimbi womndeni wenza uTumi ukuba athathe isonto ehla enyuka ethenga, epheka ebhekana nezinselelo ezintsha.
Lo mcimbi wakhipha imiqondo emisha yezigcawu ezintsha kangangoba akubanga lula ukuba zonke azibhale.
“Emva kwalokho ngacabanga ukuthi nginike uLetisha udadewabo ayiwele naye onomona omangalisayo ohlale ecabanga ukuthi ungcono kunawo wonke umuntu nokuyinto angayifihli nakuyifihla. Ababukeli bayayithanda leyo ndawo.”
LOKHU kwakhombisa futhi ithimba labeCity Ses’la ukuthi lingabhekana nobuchwepheshe obudingekayo ekutheni uTumi adlale izindawo zamawele womabili.
“Kwakumnandi ngilwa nami. ULetisha ucishe afane nami empilweni yangempela, kanti uPatricia yena ufana nomuntu engihlale ngifisa ukuba nguye uma kukhona okungicasulile.”
Asebuyile amantombazane angamawele kulo mdlalo obonakala njalo ngemiSombuluko ebusuku. Omunye wamantombazane okulo mdlalo weCity Ses’la uPhumzile ohlale ediniwe ngemizamo yokuzilungisela uMr Right wakhe.
“UPhumzile yindawo efiswa ukudlalwa yinoma ngubani - unezinwele ezinkulu ufaka i-make-up - kangangoba ababukeli beCity Ses’la abakwazi ukungibona uma sengingaphandle kwezitudyo zeTV,” kusho uThuli Thabethe.
Ngo-2006 wathatha indawo kaPhumzile emva kokungahambi kahle kwenkontileka yokuqopha eGallo neqembu lomculo iSeed.
“Yimi intombazane eyayicula kuleli qembu ngineminyaka engu-19, kanti ngangisemncane kakhulu ukusebenzisa ithuba ngendlela eyiyo,” kusho yena.
I“City Ses’la isinginike ithuba lokuvelela kumabonakude isikhathi esingangeminyaka emithathu yonke kanjalo nesisebenzisana nabo,” kusho yena.
“Ngifunda kubona nsukuzonke. Sizokuba kumabonakude kuze kushaye uDecember. Kumanje sengiphezu kwamalungiselelo okukhishwa kweCD yami ngaleli Hlobo.”[z]
BONA ZULU September 2008
Kusuka kwesobunxele: Tumi, Thuli noNkuli.
Benza izimanga
Umdlalo kamabonakude iCity Ses’la ubuye ngezinkani kanti futhi uhlekisa kakhulu kunakuqala...
Indaba nguDoug Gordon
Luke Rous.
Mandla Ndimande.
Meren Reddy.
BONA ZULU September 2008
