zulu.2444.junk
SEZIZOPHELA izinsuku zokuhlushwa yizingane ezifuna ukuthengelwa ama-burger noma i-milkshake ehambisana nethoyizi - elizophuka noma lilahleke.
Uhulumeni uhlongoza ukushaya umthetho ozolwa nokudayiswa kwama-burger ahambisana namathoyizi nokudayiswa kwama-cereals anoshukela.
Njengoba kuhlongozwa ukuba kuchibiyelwe iFoodstuff, Cosmetic And Disinfectants Act Of 1972, eshicilelwe ngoJuly nonyaka, kuhloswe ukuba kuhlolisiswe izikhangiso zokudla kwezingane okungenamsoco. NgokweMedical Research Council ukukhuluphala kwabantu baseSA kanye nokukhuphuka kwesibalo sezingane ezinenkinga yesisindo kubeka impilo yesizwe sethu engozini.
Umthetho omusha uzovala izikhangiso eziheha abathengi ukuba badle ukudla uhulumeni akubalule njengokungenampilo.
Ekudleni okuthathwa njengokungenamsoco kukhona okuthoswayo, uswidi, amakhekhe, ama-cereal anoshukela neziphuzo ezingenampilo.
Lezi zidlo akufanele zikhangiswe ezinganeni ezineminyaka engaphansi kuka-16 - noma ezikoleni, enkulisa nasema-tuck shop.
Phezu kwalokho, kulezi zidlo kumele kubhalwe ukuthi "Ungakudli ngokweqile ngoba ungakhuluphala," noma "Ukukudla ngokweqile akuyilungele impilo yakho."
Ziyadukisa
Okhulumela uMnyango wezeMpilo uSbani Mngadi uthi imithetho ehlongozwayo izovimba ukuba imboni yezokudla ikhiphe izikhangiso ezidukisayo ngomsoco otholakala emikhiqizweni yokudla.
"Inqanda izimboni ukuba zingakhohlisi abathengi kanti iyindlela yokulawula abenzi bezidlo ezingabalulekile. Lokhu kuzobeka iSouth Africa ezingeni lamazwe omhlaba.
"Sekujwayelekile ukubona kuvalwa ukuphisana ngamathoyizi ezidlweni ezithile kuvalwa nokukhishwa kwemidwebo nezikhangiso ezikhuthaza abantu ukuba badle okungenamsoco," kuchaza yena.
Ukuchibiyela lo mthetho kungathatha izinyanga ezingu-18, kodwa umthetho ozobhekana ngqo nokudla okunamafutha amaningi uzoshaywa maduze nje. Lokhu kuyingxenye yohlelo lomnyango olusabalele oluzokhuthaza abathengi ukuba baphile kahle, banikwe ithuba elanele lokukhetha kuqinisekiswe nokuthi ukukhuluphala akubi yinkinga.
Amabhizinisi okudla amakhulu eSA anemibono ehlukahlukene ngalolu daba. U-Jackie Carnelly ongumqondisi wezentengiso kwaWimpy uthi bakholwa wukuthi imithetho ehlongozwayo izothinta imboni yonke.
Isitatimende esikhishwe abakwaMacDonald's sithi imithetho eluhlaka kumele icutshungulwe kuboniswane ngayo kanti baqhuba bathi "kusesekuseni kakhulu ukuthi kungabhekwa imininingwane yonke izimboni zingakahlangani ziveze uvo lwazo."
Izindleko
Abanama-spaza nabanamabhizinisi amancane bathi le mithetho izokwandisa izindleko kubona.
Kodwa ngabe uhulumeni uzokwazi ukubheka ukuthi le mithetho iyagcinwa"
Umnyango wezempilo uyavuma ukuthi kuzoba nzima ukubheka amalebuli okudla.
Ochwepheshe bokudla nezinhlangano zezempilo bayishayela ihlombe le mithetho ehlongozwayo.
U-Liezel Wiggett onguchwepheshe wokudla uthi sesihamba ezinyathelweni zeMelika ne-UK uma kukhulunywa ngodaba lokukhuluphala ngokweqile.
"Ukudla okungenamsoco kutholakala kalula. Akuchazwa kabanzi ngako ukuze abathengi bakhethe kahle," kusho uWiggett.
"Izikhangiso zeTV ezikhuthaza ukuba kuthengwe ukudla okungenamsoco zikhangisa ngezidlo zezingane ekubeni kuyizona ezichitha isikhathi esiningi zibukela iTV. Izingane ngeke zilutheke kalula uma zingekho lezi zikhangiso," kusho yena.
"Okwamanje ukudla abaseSA abakudlayo akunamsoco kanti sesifikile isikhathi sokuba kushaywe imithetho ezobhekana nalokho njengoba ingane eyodwa kwezinhlanu inenkinga yokukhuluphala ngokweqile."
U-Wigget uthi izinga lamafutha asesidlweni sayo esisodwa lingadlula izinga lalawo ewadinga emzimbeni wayo ngosuku.
Ukudla okungenamsoco kunamafutha angemahle kanti kumele kugwenywe.
U-Wiggett uthi izinhlelo ezizofundisa abazali ziyadingeka ukuze nabo bazikhathaze ngokudliwa yizingane zabo.
Umphako wezingane kufanele ube nomsoco bangaziniki imali yokuthenga ema-tuck shop. Uhulumeni kumele aphoqe ama-tuck shop ukuba adayise okunomsoco.
Kodwa phezu kwayo yonke le mizamo, kunombuzo wokuthi ngabe le mithetho izokwazi yini ukwehlisa izinga lokukhuluphala kwabantu luleli lizwe - noma izoba omunye umthwalo embonini yokudla. [z]
Omunye umthetho omusha
indaba nguTEDDY GOMBA
Asihlukane nokudla okungenampilo
Kuzobhekwa ukukhishwa kwezikhangiso zokudla okungenamsoco ukuze kusizwe abakhuluphele...
BONA ZULU - February 2008
u
t
Asihlukane nokudla okungenampilo
