zulu.243.SA strikers
Ezebhola noBONA
Abagadli
BONA ZULU – March 2006
bakuleli
indaba nguMARK GLEESON izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
ULERATO CHABANGU
weMamelodi Sundowns (21).
UKULIMALA kwamenza wangadlala cishe ingxenye yale sizini kodwa ukushesha kwakhe nokuba yingozi kusazobonakala njengoba iqembu lakhe lisemkhankasweni wokuphinde liwine isicoco.
Uthi ubuwazi: UChabangu ungomunye wabadlali ababa nenhlanhla bashaya igoli emdlalweni wabo wokuqala ngqa bedlalela izwe labo.
Lapha sinazisa ngabagadli abahlanu bakuleli…
ULEBOHANG MOKOENA
we-Orlando Pirates (19).
ABALANDELI bambiza ngo “Cheese Boy” kanti ukhombisa elikhulu ikhono edlala ekilabhini yakhe noma edlalela izwe.
Uthi ubuwazi: Eqala ngqa ukudlalela izwe waba ngumdlali wesibili omncane kunabo bonke ukudlalela iBafana - ngesikhathi yayidlala neMexico.
ULUNGISANI NDLELA
weSuperSport United (26).
NGUMDLALI cishe omude noyingozi kunabo bonke kwiPSL njengoba ewuhlupho kubadlali basemumva.
Uthi ubuwazi: UNdlela wabonwa yiMoroka Swallows ngesikhathi imeme iqembu laselokishini ukuba lizodlala nayo ngaphambi kokuba kuvulwe isizini.
BONA ZULU – March 2006
Ezebhola noBONA
24 BONA ZULU – March 2006
UKATLEGO MPHELA
weSuperSport United (21).
NGAPHANDLE kokungabaza ungomunye wabadlali abashesha kunabo bonke kwiligi emva kokubuyela kuleli ephuma eFrance lapho kade edlala khona.
Uthi ubuwazi: UMphela wasayiniswa yiqembu laseFrance iRacing Strasbourg eneminyaka engu-18 kanti kulindeleke ukuba aphindele kuleli qembu ekuhambeni kwalo nyaka.
USIYABONGA NOMVETE
we-Orlando Pirates (28).
LESI sihlabani seBafana Bafana sibuye ngezinkani kwiPSL njengoba sijoyine ezikaMagebhula emva kokuwina iligi nendebe kabili neqembu laso laseSweden iDjurgardens.
Uthi ubuwazi: UNomvete waqala ukudlala ibhola kanye nongukapteni weBafana uSbusiso Zuma eqenjini le-African Wanderers.[z]
