zulu.2437.yourman_coaching
IZELULEKO
Ukufunda ukukhahlela
NGEZINYAWO ZOMBILI
Obaba bangasiza ekuqeqesheni amadodana ezifundweni ezibalulekile zamakhono ebhola
USihle Cindi nendodana yakhe eneminyaka engu-11 uSimphiwe.
UMA ufuna ukuba ngumdlali webhola onekhono, kufanele ufunde ukukhahlela ngezinyawo zombili njengokusho kowayengumdlali wasemumva kwiKaizer Chiefs uJohannes "Rhyder" Mofokeng. Abanye bethu bangamanxele, abanye basebenzisa unyawo lwakwesokudla - yingoba sikhetha unyawo olulodwa kunolunye ekubeni kunzima ukufundisa umdlali ukukhahlela ngezinyawo zombili uma esedlulile eminyakeni engu-12, kusho uJohannes.
Lokhu ningakwenza ngisho egcekeni lasekhaya. Zine izigaba njengoba nizozibonela - indodana yakho izofunda ukukhahlela ngezinyawo zombili isebenzisa ingaphakathi nengaphezulu lonyawo ngalunye:
Uma usudlulela kwenye ingxenye ye-exercise ngayinye, kusemandleni endodana yakho - kungaba yizinsuku noma amasonto ambalwa.
Lezi zindlela zokuzivocavoca zinhle nakubafana abadala abazimisele ngokuyeka umkhuba wokusebenzisa unyawo olulodwa uma bekhahlela ibhola.
UKUQEQESHELWA IBHOLA
1 ISIGABA SOKUQALA: Beka izitini ezimbili ezihlukene ngamagxathu amathathu kusuka endodaneni yakho. Indodana mayisebenzise ingaphakathi lonyawo ikhahlele ibhola iliqondise ezitinini. Mayikwenze lokhu ka-10 ngonyawo ngalunye.
Uma indodana yakho isikwazi ukushaya izitini lezo isebenzisa unyawo oluntekenteke, susa esisodwa isitini. (Lokhu kungenzeka mhlawumbe emva kwezinsuku ezimbalwa, noma kuthathe amasonto ambalwa - into ebalulekile wukungayijahi indodana yakho.) Manje kufanele izame ukushaya lezi zitini esezincane. Nakhona futhi lapha, kufanele ikhahlele ka-10 ngomlenze ngamunye.
2 ISIGABA SESIBILI: Lapha sizilolonga ekukhahleleni ngendawo engaphezulu yonyawo. Njengaphambilini, qala ngezitini ezimbili bese utshela indodana yakho ikhahlele ibhola ilibhekise kuzona ka-10 ngomlenze ngamunye. Uma isikwazi ukushaya izitini zombili, susa esisodwa.
3 ISIGABA SESITHATHU: Lokhu kubandakanya ukuqhuba ibhola ngonyawo olulodwa, ulikhahlele ngolunye, wenze ka-10 unyawo ngalunye. Ayishintshe ekusebenziseni ingaphakathi lonyawo, isebenzise ingaphezulu lonyawo. Qala ngezitini ezimbili, bese ususa esisodwa.
4 ISIGABA SESINE: Indodana yakho isigogothile kulokhu, kanti ingenye yezindlela yokuzivocavoca engayenza nsukuzonke uma izimisele ngebhola. Le ndlela ibandakanya ukukhahlela ibhola ulishaye odongeni usebenzisa izinyawo zombili uqale ngengaphakathi lonyawo ngalunye, udlulele engxenyeni engaphezulu yonyawo.[z]
Indaba: Force Khashane
Izithombe: Hylton Spencer
