zulu.2436.gigs
AKUKAZE kukumangaze uzibuze ukuthi kungani abaculi behlale bebandakanyeka ezingozini zezimoto? Eziningi zazo zenzeka phakathi kuka-August noDecember nangePhasika.
Kwakuyiso lesi sikhathi lapho uLebo Mathosa ashona khona engozini yomgwaqo ekubeni noL’vovo wephuka ingalo engozini yemoto okwashona kuyo ababili ngesikhathi belibangise e-OR Tambo Airport beyothatha indiza eya eThekwini emva kokucula eDelmas.
USammy Malete owayengumculi womculo woKholo washona engozini yemoto eya ekhaya eFree State emva kokucula eMmabatho.
Uyakubona ukufana kokwenzeka kwezinto?
“Kule mboni cishe zintathu noma zine izinyanga zesizini ongazenzela ngazo imali,” kusho ongumxhumanisi wezomculo uMpho Makhetha.
Kule nqubo, abaculi bazama izindlela zokuziphilisa ezingelula - babe nama-show amaningi ezindaweni eziningi eziqhelelene ngamabanga amade. Awucabange ukuba nama-show eGaborone, Nelspruit, Durban naseJoburg ezinsukwini ezimbili.
NgokukaMakhetha, abaculi abaningi imali bayenza ngama-show kunokuthengiswa kwamaCD abo.
“Emakhonsathini, umculi angazitholela cishe R45 000 kumakhonsathi ayisithupha ngempelasonto eyodwa.
UDJ Bobo uyavumelana noMakhetha. “Uma uzikalela ukubhukelwa kwakho ama-show, usuke uzilahlela isinkwa sokuziphilisa.
“Ngiyakwazi ukumelana nokwenza ama-shows amaningi ngobusuku obubodwa,” kusho umculi osekuphele izinyanga ezimbili ekwi-wheelchair emva kokushayisa ngemoto yakhe yohlobo lweBMW.
Ingcindezi
URachel Moloi okwezomculo uthi - “Uma usemkhakheni we-marketing noma uyiPRO uthola ingcindezi kubaculi bekhala ngendlela ama-albhamu abo athuthukiswa ngayo, nabakuphethe bathethe uma ukuthengiswa kwe-albhamu kungahambi kahle.
“Ngacishe ngaba yisidakwa ngajikela kwi-red wine ngithi ngiqeda ukukhathazeka,” kusho yena.
“Abaculi abaningi abasebasha bagcina sebeyizigqila zeGrandpa nogwayi wamakhala bethi baqeda ikhanda nokukhatha okudalwa wukuhamba nokungalali ngokwanele,” kusho uMoloi osephromothe wahamba nabaculi abafana noSammy Malete, Oleseng owakhubazeka emva kwengozi yomgwaqo, uMzambia noMatlakala And The Comforters.
“Sasenza amafestiveli amathathu ngempelasonto eyodwa. Sasiqala sidlale eBenmarie eMpumalanga, siye e-Ermelo, ekuseni ngovivi silibangise eThekwini, emva kwalokho siye eThulamahashi eBushbuckridge!”
Yini pho emangaza ekwenzekeni kwalezi zingozi - kufe kuzo abantu?
Ukulala
Izimenenja ngokuvamile yizo ezishayelayo, kanti azisitholi isikhathi esanele sokuphumula, ngokusho kukaMpho Makhetha.
Ake ubheke okwenzeka eqenjini lomculo woKholo iGlory Of The Last Days ngesikhathi iToyota Condor yabo iphenduka ngaphezu kwezikhathi ezintathu ngesikhathi belibhekise eThaba Nchu emva kokuba umshayeli ezama ukugwema ukushayisana nenye imoto.
“Uma ngicabanga ngokwenzeka namanje ngisenokwesaba,” kusho ocula phambili uFaith Khanyile.
KwakuyiPhasika beya kocula embuthanweni wesonto.
“Ngangibala iziwombe zokuphenduka kwayo ngikhuleka kuNKULUNKULU ukuba AyiMise.
“Kwathi lapho ngibheka ngemumva emotweni ngangabona muntu. Abahlanu babantu ababesemotweni yayisibachithile bonke.”
NguFaith nomshayeli kuphela uSello Rakometsi owayebambeke esitelingini ababesesemotweni.
UFaith wasuka lapho emotweni wayobheka laba abanye eyayibachithile, ngenhlanhla wabathola bephila benokulimala okuncane.[z]
BONA ZULU – April 2008
IMPILOLEYO
INDABA NGU-FORCE KHASHANE
▲
Ikhono likaLebo laqedwa wukufa engozini yemoto.
Ucabanga ukuthi impilo yabaculi ilula. Ucabanga ukuthi bafinyelela kanjani ezindaweni abasuke beyocula kuzona ukuze bakwazi ukuziphilisa? Uke uzibuze ukuthi kungani iningi labaculi bethu lifa ezingozini zemigwaqo?
Bayazifela ngokuculela abantu!
▲
NgokukaMpho Makhetha ongumxhumanisi wezomculo, iningi labaculi lithola imali ngama-show kunokuthengiswa kwamaCD.
BONA ZULU – April 2008
▲
URay Phiri waquleka isonto lonke emva kwengozi enkulu yemoto.
◄
UL’Vovo wephuka ingalo engozini yemoto
