zulu.2432.maintenance
Azi amalungelo
akho
nguGRACE KHUZWAYO
BESE kuphele iminyaka engu-10 uThandi noBrian behlala ndawonye. Banezingane ezintathu. UThandi wayengasebenzi kodwa uBrian esebenza futhi ewondla umndeni wakhe. Ngelinye ilanga uBrian watshela uThandi ukuthi usethandana nomunye umuntu wesimame asezohlala naye.
Wathembisa ukuthi usazomondla uThandi nezingane kodwa ngokuhamba kwesikhathi wagcina engasakhiphi lutho.
Izingane zaqala ukubulawa yindlala uThandi waphoqeka ukuba aye kuBrian bayodingida lolu daba.
"Ngixolisa kakhulu, nginenye ingane manje ngeke ngisakwazi ukukunika imali," kusho uBrian. Wamnika u-R50 uThandi wahamba ekhathazekile enokudideka.
Angangazondla kanjani izingane zakhe uBrian" UThandi uzoziphilisa ngani izingane ezintathu"
UThandi wayecabanga ukuthi ngeke akwazi ukufaka isicelo semali yesondlo ngoba wayengashadile noBrian kodwa umakhelwane wakhe wayazi kangcono ngendaba yesondlo. Watshela uThandi ukuthi unelungelo lokumbophela imali yesondlo ubaba wezingane, beshadile noma bengashadile.
Osukwini olulandelayo uThandi waya enkantolo kamantshi eseduze wasizwa yisiphathimandla sakhona samnika incwadi engumyalelo wenkantolo eyayiphoqa uBrian ukuba akhokhe imali ethile njalo ngenyanga. UThandi unenhlanhla ngoba sekuphele izinyanga eziyisithupha uBrian eyikhipha le mali. Kodwa uma kwenzeka uBrian eyeka ukukhokha, uThandi angabhekana nomunye umqansa.
Umthetho nesondlo
Ngokomthetho, abazali bobabili kumele bondle izingane zabo. Kufanele bazithengele ukudla, zigqoke, zibe nophahla, bazinakekele ngokwempilo bazifundise.
Uma kungubaba osebenzayo umama engasebenzi, kusemahlombe kababa ukondla umndeni wakhe beshadile noma bengashadile. (Kuvame ukuba kube ngumama ofaka isicelo sesondlo.)
Uma kungubaba ohlala nezingane
Njengoba kuvame ukuba kube ngobaba bezingane abayalelwa yinkantolo ukuba bakhiphe imali yesondlo, obaba abanikwe igunya lokukhulisa izingane nabo banalo ilungelo lokufuna imali yesondlo komama. Inkantolo yenza ngendlela efana naleyo eyenza ngayo uma kungumama ofake isicelo sesondlo.
Indima kagogo nomkhulu
Uma ubaba noma umama wezingane engakwazi ukuzondla, kusemahlombe kagogo nomkhulu ukuzondla.
"Esikhathini esedlule umthetho wezwe lethu wawungayisebenzisi inqubo efanayo uma kukhulunywa ngezingane ezizalelwe emshadweni nezizalelwe ngaphandle kwawo kanti lokho kwakwenza ezinye zibandlululeke," kuchaza uCindy Delomoney, owayekwiFamily Law And Child Rights Project eCampus Law Clinic, e-University Of KZN.
"Manje izinkantolo seziyakwazi ukuphoqa omkhulu nogogo okungaba abakamama noma bakababa ukuba bondle abazukulu babo abazalwe kungashadiwe uma kungukuthi abazali bayahluleka wukubondla."
Izihlobo kanjalo nalabo abakhulisa izingane abangazizali bangababophela imali yesondlo abazali bezingane noma omkhulu nogogo.
Ukuthola umyalelo wesondlo enkantolo
Kuvame ukuthi indaba yesondlo ilungiswe ngesikhathi kudivoswa.
Uma kungashadiwe umama wezingane angafaka isicelo semali yesondlo uma ubaba wezingane engazondli. Lokhu kungathatha isikhathi kodwa kungashesha uma inkantolo uyinike incazelo egcwele.
Okumele ukwenze
Iya ehhovisi lezondlo elisenkantolo yemantshi eseduze nawe ucele usizo lwesiphathimandla ekufakeni isicelo somyalelo wenkantolo.
Phatha lezi zinto ezilandelayo:
n Igama nekheli likababa wengane nemininingwane yalapho esebenza khona.
n Isithombe sakhe uma unaso.
n I-ID yakho
n Izitifiketi zezingane zokuzalwa.
n Incwadi ebhalwe nguthishanhloko wesikole uma izingane zifunda. (Ukuqinisekisa ukuthi ziyafunda.)
n Ikhophi yencwadi yedivosi (uma udivose wangafaka isicelo sesondlo, noma ufuna kukhuphuke imali oyitholayo).
n Ubufakazi bemali oyiholayo uma usebenza. (I-salary slip.)
n Amaphepha anemininingwane yemali oyisebenzisa ngenyanga. (Kungaba yimali yerenti, yokugibela, ugesi, amanzi, ucingo, imali yesikole, ukudla, izingubo zokugqoka, ifenisha nezinye izinto ozikhokhelayo.)
Isiphathimandla senkantolo sizomthumelela amasamanisi ubaba wengane simnqumele usuku okumele afike ngalo ehhovisi lezondlo. Ngalolo suku wena nobaba wengane kumele niye ehhovisi lezondlo nibonisane ngemali okumele ayikhokhe. Uma engafiki ngalolo suku olunqunyiwe icala lenu lizoya enkantolo yezondlo ngolunye usuku oluzonqunywa.
Kuyenzeka ubaba wengane ayiphike ingane. Esimweni esinjengaleso inkantolo icela ukuba kuhlolwe igazi.
Isiphathimandla sezondlo sikusiza ngokubala izindleko zakho zenyanga sibheke imali eniyihola nobabili (uma nisebenza).
Uma nivumelana ngemali ezokhokhwa ngubaba wengane, isiphathimandla sizonisayinisa umyalelo wenkantolo ocacisa ukuthi ubaba kumele akhokhe imali enqunyiwe ngesonto noma ngenyanga.
Uma ningavumelani, icala lenu liya enkantolo nithole izincwadi ezinitshela ngosuku enizoya ngalo khona.
Enkantolo imantshi izolalela udaba lwenu nobabili ibheke nokuthi nichitha malini ngenyanga. Emva kwalokho izonquma imali okumele ikhokhwe ngubaba wengane ngenyanga.
Lona kuzobe kungumyalo okhishwe yinkantolo kanti ubaba wengane kufanele ayikhokhe leyo mali. Umama wengane angayilanda enkantolo le mali, noma ubaba wengane ayifake ebhange.
Uma engayikhiphi imali yesondlo
Kuyicala ukungayikhokhi imali yesondlo uma usuyalelwe yinkantolo ukuba uyikhokhe. Uma umuntu etholakale enecala angaboshwa agwetshwe.
Uma inkantolo isikhiphe isinqumo sokuba ubaba wengane akhiphe imali yesondlo kodwa angakwenzi lokho kufanele aphoqwe ukuba ayikhokhe ezinsukwini ezingu-10 kudlule usuku okwakumele ayikhokhe ngalo.
Bikela isiphathimandla sezondlo uma ungayitholanga imali. Inkantolo izombhalela incwadi embizela enkantolo ukuze achaze ukuthi yisiphi isizathu esenze wangayikhokha imali.
Uma isizathu sakhe singezwakali, inkantolo izomtshela ukuthi akayikhokhe yonke imali noma avalelwe ejele.
Ukuphoqelelwa ukukhokha imali yesondlo
Inkantolo ingasebenzisa ezinye zalezi zindlela:
n Ukudliwa kwendawo yokweletayo kukhokhwe imali yesondlo ngemali ezotholakala ngokudayiswa kwayo.
n Ukubanjwa kwemali yesondlo emholweni wakhe nokuyinto eyenziwa ngumqashi.
n Ukuyalelwa komuntu okweleta lowo okumele akhokhe imali yesondlo ukuba leyo mali ayikweletayo ayinike umama wezingane.
n Imali yempesheni nokunye ingamiswa kube iyona ezokhokhela isondlo.
Ukubambezeleka
Akudingeki ukuba uze uthole ummeli ngoba yiziphathimandla zezondlo ezikhishwa yinkantolo ezisiza labo abadinga usizo. Kodwa kuyenzeka amacala athathe isikhathi eside ngenxa yokunyamalala kwabantu okusuke kufanele ukuba bakhokhe.
"Baningi abesimame abanenkinga yokuthola imiyalelo yenkantolo noma abangakwazi ukuphoqa obaba bezingane ukuba bazondle," kusho uSharita Samuel, ongummeli nomdidiyeli kazwelonke weWomen's Rights Project of the Legal Resources Centre eThekwini.
"Imbangela yalokho wukuthi abazali bavame ukungavumelani ngemali okumele ikhokhwe.
"Umama ufike afune imali ethile ubaba akhale ngaleyo mali. Lokho kuholela ekutheni kwenziwe okunye ukuhlolwa ukuze kucace ukuthi kungani umama efuna leyo mali nokuthi izokhokhwa kanjani.
"Uma lungaxazululeki lolu daba, luya enkantolo nokuyinto engathatha izinyanga."
Ezinye izinkinga zibandakanya ukushoda kwemali (njengemali yokugibela uma kuyiwa enkantolo), ukucela emsebenzini uma kuhlehle icala enkantolo, ukushoda kwabasebenzi abaqeqeshekile, ukungakwazi ukuthola umuntu ozokumela uma isiphathimandla sezondlo singakwazi ukukusiza. Abesimame bavame ukufuna usizo lwezinhlangano ezinjengeLegal Resources Centres, Campus Law Clinics noma baye kubammeli abazimele uma benamandla okubakhokhela."
Isikhathi sokukhokha imali yesondlo
E-South Africa abazali kumele bondle izingane zabo zize zibe neminyaka engu-21, noma zibe namandla okuziphilisa. Okusho ukuthi abazali bobabili, noma umzali okumele akhokhe imali yesondlo, ingane uzoyondla ize ibe naleyo minyaka.
Uma isineminyaka engu-21, ingane ingazifakela isicelo sokuba iqhubeke yondliwe. Kokunye ingane ike ifune ukondliwa ukuze ikhokhele izindleko zemfundo ephakeme, kodwa lokho kuya ngokuthi isimo sezimali simi kanjani kubazali. Yinkantolo ethatha isinqumo kulolo daba.
Uma ingane ikhubazeke ngokwengqondo noma ngokomzimba, noma ingakwazi ukuzondla, iyaqhubeka nokondliwa kubhekwe nokondliwa kwayo ngezikhathi ezithile. Umzali ohlala nengane ekhubazekile unegunya lokuthatha izinqumo ngayo ngisho noma isiyihlanganisile iminyaka
engu-21. [z]
BONA ZULU - March 2007
Abazali nesondlo
Umama angambophela imali yesondlo ubaba wengane, beshadile noma bengashadile
Izindawo zosizo
Campus Law Clinic, University of KZN, Room 49, Howard College, King George V Avenue, Durban.
Tel: 031-260-2446
Ezinye izindawo: AmaCampus Law Clinics atholakala emaNyuvesi amakhulu eSouth Africa. Anika izeluleko mahhala kubantu abangenawo amandla okukhokhela abammeli. Xhumana nenyuvesi eseduze nawe ucele iLaw Clinic.
I-Legal Resources Centres:
EThekwini: 031-301-7572
EGoli: 011-836-9831; 011- 403-0902
E-Cape Town: 021-481-3000
E-Grahamstown: 046-622-9230
Website: www.lrc.org.za
Women's Legal Centre, Cape Town: 021-421-1380
www.wlce.co.za
BONA ZULU - March 2007
u
t
Abazali nesondlo
BONA ZULU - March 2007
