zulu.2430.cost cutting
Okumnandi okukugcina isikhathi eside!
Mince And Cabbage.
BONA ZULU – January 2007
Curried Chicken Gizzards
Izithako
2 izipuni (30ml) uwoyela
1 u-anyanisi oqotshiwe
2 izipuni (30ml) u-curry powder obaba kakhulu
700g ama-chicken gizzards
1 inkomishi (250ml) utamatisi oqotshiwe
1 i-chicken stock cube
Indlela yokwenza
1. Epanini thosa u-anyanisi uze uthambe, ufake u-curry powder ukupheke imizuzu emibili.
2. Faka ama-chicken gizzard, ukumboze ukupheke ama-gizzard athambe. (Faka amanzi amancane uma kudingeka.)
3. Faka utamatisi kanye ne-stock cube. Kupheke utamatisi uze ukhukhumale ube nososi.
4. Kuseve ne-papa noma u-toast.
Kubiza: R27,12
Kwanela abangu- 6
Mince And Cabbage
Izithako
2 izipuni (30ml) uwoyela
1 u-anyanisi oqotshiwe
1 i-teaspoon (5ml) u-curry powder
750g i-mince
1 ukherothi osikwe imicu
usawoti nophepha
1/2 iklabishi eliqotshiwe
Indlela yokwenza
1. Epanini thosa u-anyanisi, ufake ukhari.
2. Faka i-mince, ukupheke kuze kube nsunjwana.
3. Faka ukherothi ukunonge. Kupheke kuze kuthambe ukherothi.
4. Kuseve neklabishi elibilisiwe.
Kubiza: R35,45
Kwanela abangu-6
Beef And Pumpkin Curry
Izithako
3 izipuni (45ml) u-woyela
1 u-anyanisi oqotshiwe
1 uphepha oluhlaza oqotshiwe
1 isipuni (15ml) ingxube ka-ginger nogaligi
2 izipuni (30ml) u-curry powder
1kg i-stewing beef esingamaqatha
1 isipuni (15ml) i-barbecue spice
1 x 410g ithini elinotamatisi oqotshiwe
3 izinkomishi (750ml) ithanga elicwecwiwe lasikwa izikwedlana
usawoti nophepha
Indlela yokwenza
1. Epanini shisa uwoyela, uthose u-anyanisi, uphepha oluhlaza,
u-ginger nogaligi kuze kuthambe.
2. Faka u-curry powder uthose imizuzwana
engu-30.
3. Faka i-beef, i-spice, utamatisi nethanga ukunonge.
4. Kugovuze, ukumboze kugxabhe imizuzu engu-30.
5. Kuseve nepapa.
Kubiza: R55,05
Kwanela abangu-6
Chicken Summer Stir-fry
Izithako
2 izinkomishi (500ml) i-pasta
1 isipuni (15ml) uwoyela
500g izifuba zenkukhu ezisikwe imicu
1 u-anyanisi osikwe izingcezu
1 i-teaspoon (5ml) usawoti
2 ukherothi osikwe izingcezu
2 ama-baby marrow asikwe izingcezu
1 uphepha oluhlaza, osikwe imicu
1/4 iklabishi eliqotshiwe
Indlela yokwenza
1. Epanini pheka i-pasta emanzini abilayo anosawoti ize ithambe. Icwenge uyibeke eceleni.
2. Epanini shisa uwoyela ufake imicu yenkukhu, u-anyanisi nosawoti. Kuthose emlilweni omkhulu inkukhu ize ibe nsunjwana.
3. Faka ama-vegetable ne-pasta. Kuthose kushe kahle. Kuseve ngokushesha.
Kubiza: R39,80
Kwanela abangu-6 [z]
amaresiphi nendlela yokuhlela ngabakwaGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Ungakhathazeki uchithe imali eningi ngoKhisimusi...usengawondla umndeni wakho ngamaresiphi angabizi anambitheka kamnandi
BONA ZULU – January 2007
BONA ZULU – January 2007
Okumnandi okukugcina isikhathi eside!
Ukuhlolwa kwamabele
3 izinto ezingaphephisa impilo yakho
BONKE abantu besimame kufanele bahlole amabele abo kanye ngenyanga noma bavakashele udokotela kanye ngonyaka ukuze bahlolwe.
Izindlala ezike zibe semabeleni azivamile ukudalwa wumdlavuza kodwa uma usheshe wahlolwa wathola nokwelashwa, umdlavuza unganqandeka kalula. Izindaba ezimnandi kakhulu ezokuthi ukuzihlola ngokwakho kuyinto elula kabi.
Amabele ungawahlola emva kokuya ezinsukwini zakho uma ungowesimame osemusha, noma uwahlole emva kokuphela kwesikhathi sokuya ezinsukwini zakho, bese uwahlola njalo ngenyanga. Akufanele usikhohlwe isikhathi sokuwahlola. Uma kutholakala indlala ebeleni, vakashela udokotela ngokushesha.
Izindlela ezintathu zokuhlola amabele:-
l Step 1: Khumula okugqokile ume phambi kwesibuko ubheke ibele ngalinye ukuthi alinayo yini indlala ebonakalayo, ubheke ukuthi indlela isikhumba esibukeka ngayo ayinamehluko yini kokujwayele.
Gxila ezingonweni – bheka ukuthi azishonile yini phakathi noma azibukeki zinomehluko yini.
Phakamisa izingalo zombili ubheke ukuthi isikhumba asivuvukele yini noma asishonile yini phakathi.
l Step 2: Lala ubeke umcamelo ngaphansi kwehlombe langakwesokudla. Beka isandla sangakwesokudla ngemuva ekhanda. Sebenzisa iminwe yangakwesobunxele, ucindezele ibele langakwesokudla. Qala ngaphezulu uzungeze ibele lonke ngisho nengono imbala. Yenza okufanayo ohlangothini lwesobunxele.
l Step 3: Okokugcina, khama ingono ngayinye ubheke ukuthi akuphumi kungcola yini.[z]
Bonke abantu besimame bayawesaba umdlavuza wamabele kodwa udinga imizuzu embalwa njalo ngenyanga ukuze uqinisekise ukuthi uphephile kuwona
BONA ZULU – January 2007
