zulu.2425.legalJan
BONA ZULU - January 2007
Uthini Umthetho
Ngaphathwa kabi
INKINGA: Sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 ngisebenza njengosokontileka ozimele emnyangweni wezokukhangisa kwelinye lamabhange amakhulu.
Kwakungakaze kuzwakale zikhalo ngomsebenzi wami ngesikhathi ibhange liqala ukungenzela izinto enginga-ziqondanga kahle.
Embikweni wonyaka omayelana nendlela abasebenzi abasebenza ngayo, ngaxoxisana nomuntu owayengazi lutho nge-graphic design noma ama-program ekhomphyutha esiwasebenzisayo futhi engaqeqeshelwe ukubheka indlela engisebenza ngayo.
Abaphathi bami abanginikanga umsebenzi wami engiwenza nsuku zonke, nasebhange kwehliswa nomholo wami.
Emva kwalokho ngatshelwa ukuthi indlela engisebenza ngayo ayigculisi bathi ulwazi lwami lwezobuchwepheshe aluphelele.
Angizange ngichazelwe kabanzi ngalesi sitatimende ekubeni nosizo angilutholanga. Ngavele nganganakwa-nje.
Isivumelwano sethu nebhange saphela kanjalo ngatshelwa ukuthi ikontileka yami izovuselelwa ngezinyanga ezintathu emva kwalokho ngiyekiswe umsebenzi.
Baqhubeka banganginika umsebenzi.
Sengiwumhlobiso nje. Ngabe kukhona engingakwenza"
ISELULEKO SOFEZELA:
INkantolo yabaSebenzi nabeCCMA bavame ukucelwa ukuba bacubungule izikontileka ezichaza ngobudlelwane bomqashi nosoKontileka oziMele, kanti osekuvelile wukuthi lezi zikontileka zenzelwe ukuncisha umqashwa ithuba lokuvikelwa yiLabour Relations Act noma iBasic Conditions Of Employment Act.
Uma kubhekwa amacala, iNkantolo isebenzisa indlela yokuhlola ebizwa nge "dominant impression test" okuyiyona ecacisa ukuthi umuntu ubengusokontileka ozimele yini noma eqashiwe kuleyo nkampani.
Odabeni lwakho, sikholwa wukuthi yilokho kuhlolwa okuzoveza ukuthi wawuqashiwe ngaleyo ndlela uthole ukuvikelwa yiLabour Relations Act neBasic Conditions Of Employment Act.
Mancane amathuba okuba ibhange likuvume lokho kanti singakweluleka ngokuthi uzame ukuthola ummeli ozobhekana nebhange.
Uma unenkinga yokuthola ummeli, xhumana nehhovisi labeScorpion Legal Protection eliseduze nawe elizokusiza likutholele ummeli. [z]
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
