zulu.2419.positive
Uthini Umthetho
BONA ZULU - May 2006
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Ingozi yemali eshisiwe
Kwathi lapho ngibuya kothenga esitolo ngathola ukuthi endaweni ephakeme kuqhamuke imoto eyayingenamuntu yashayisa imoto yami engangiyipakile endaweni efanele. Umnini waleyo moto wathi imoto yakhe yehle ngengozi. Ngamsola kakhulu ngokungayidonsi i-handbrake, kodwa yena waphika wathi kube yiphutha - wathi akulula ukuba ngimbeke icala njengoba babengekho ofakazi.
Ukukhandwa kwemoto yami kuzoba ngu-R6 275 nokuyimali okungafanele ikhokhwe yimi ngoba akubanga yiphutha lami.
Elizabeth Nkosi, Durban
lZimbili izinhlobo zokwenza okubi kwenziwa omunye umuntu komunye: icala noma ukulwa - nokuyilapho kuphetha ngokulimala komunye kodwa futhi okungesilona icala ngokwenqubo yeCommon Law noma - iCriminal Procedure Act noma eminye imithetho.
Uma kubekhona ukulwa ngenxa yobudedengu, loyo olimele noma olahlekelwe kufanele athole amademeshe nokuyinto ekhishwa ngumuntu owonile.
Ukuze kutholakale amademeshe, umuntu okunguye ofake icala lokuthola amademeshe (i-plaintiff) kumele akhiphe ubufakazi bokuthi owalimaza (kulokhu oyi-defendant) wayebudedengu. Ukwenza lokhu, kumele kube khona ubufakazi obukhombisayo ukuthi kwabakhona ubudedengu.
Kungumsebenzi wanoma yimuphi umuntu ukunakekela omunye. Ukwenza isibonelo, umuntu opaka imoto yakhe endaweni ephakeme, kungumsebenzi wakhe ukunakekela abanye ngokuba agweme imoto yakhe ingehli ilimaze impahla.
Kulokhu kufanele umnini wemoto noma umshayeli aqikelele ukuthi amabhuleki ayasebenza.
Kulolu daba lwakho kukhona izinto okufanele zibhekwe, (njengesenzo noma inqubo yokuphawula lapho umuntu ethatha izinqumo ezisusela kokwenzeka.)
Okokuqala, kubukeka sengathi i-handbrake yayingasebenzi noma akazange ayidonse ngendlela efanele.
Inkinga ngalolu daba lwakho wukuthi akekho owabona ehluleka wukudonsa i-handbrake umshayeli, nawe imbala awuzange umbone.
Kodwa ngenhlanhla umthetho uzokusiza.
Kunesigatshana somthetho esithi uma umuntu enobufakazi bokuba budedengu (lobo bufakazi yibo obuku "khulumelayo".)
Kulolu daba uyasola ukuthi umnini wemoto eyalimaza eyakho wayeyipake endaweni ephakeme kungekho muntu kuyona yehla yashayisa eyakho yayilimaza.
Ngenxa yokuthi wehluleka ukudonsa i-handbrake, kukhomba ngokusobala ukuthi waba budedengu. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
ngu-ANNE ZUMA
isithombe ngabeGREAT STOCK!
UMA wenza ucwaningo ngosopolitiki othile, ngesihlabani noma ngosomabhizinisi uzothola ukuthi banokuzethemba nokuyinto edlala indima emqoka kakhulu empumelelweni yabo. Ukuzethemba yinto ekuwena kanti kusho ukuthi sonke singaba nakho. Okumele sikwenze wukuzithiba sibe nohlelo lokuvuselela ukuzethemba kwethu.
Zama lezi zindlela...
ZENZELE UHLU. Bhala uhlu lwamaphuzu angu-10 akhombisa ukuthi uyazethemba. Uma engaphezu kwayishumi, qhubeka uwabhale. Uma kukhona lapho ubhajwa khona, cela usizo kubangani noma ezihlotsheni.
Ohlwini lwakho kumele kube khona lokhu okulandelayo: ngiyalalela; nginamancoko; nginobubele...nokunye.
Lunamathisele endaweni esobala ukuze uhlale ulubona - lufunde kube khona ozokufaka njalo kulona!
Yenza olunye uhlu ozobhala kulona izinto obuthaka kuzona.
Luhlolisise kahle lolo luhlu uthole ukuthi yini ongayishintsha ukuze ubuyelwe wukuzethemba.
Ukwenza isibonelo, shintsha lokhu, "Ngikhuluphele" uthi "Nginomzimba obukekayo."
Kuphindaphinde kaningi lokhu - ukuzethemba kuzoshintsha umqondo obunawo ngawe.
Uma ubona kufanele ukuba wenze ushintsho oluthile ngawe, zibekele izinjongo ngempilo yakho ozozifeza.
Kunezinto esingeke sakwazi ukuzishintsha, kodwa esingakwenza wukuzamukela zinjengoba zinjalo sidlulele kulokho esingaba namandla okukushintsha.
ZILUNGISELELE. Yidla isidlo sasekuseni esinempilo ube muhle kusuka phansi kuya phezulu.
Qala usuku ngokuzivocavoca imizuzu engu-10 kuya kwengu-20.
Khetha izingubo ezihambisana nomcimbi oya kuwona nezidingo zakho. Uma uya emhlanganweni noma kwi-interview, okugqokile makube yisithombe soyikona.
Ukugqoka kahle kuvuselela ukuzethemba kanti zama ukukhetha lokho okukuphatha kahle!
YIMA UKHULULEKE. Indlela oma ngayo nje iyodwa ingenza umehluko omkhulu endleleni ozithatha ngayo nendlela abanye abakuthatha ngayo. Yima uqonde udedele
Iningi labantu abaphumelelayo empilweni lisizwa wukuzethemba. Ukukholelwa kuwena yikona okukuvuselelayo kunoma yini oyenzayo - kanti kuyinto ongazakhela yona ngokwakho!
amahlombe akho uwaphushele ngemuva, ikhanda liphakame. Nyathela ngokuzethemba
IZWI LAKHO MALIZWAKALE.
Uma ubona sengathi izwi lakho alizwakali kahle, zifundise ukuthi "cha." Ukuma phambi kwesibuko ukuphindaphinde kaningana lokho kuzokwenza uzizwe unokuzethemba. Uma ucelwa noma utshelwa ukuba wenze into ongayifuni vele uthi nje - "cha"!
Abesimame bahlale besibona isidingo sokuchaza baxolise uma kukhona abangakwazanga ukukwenza. Zifundise ukuthi "cha" ngaphandle kokuchaza into engapheli. Uzowubona umehluko ngokwenzenjalo.
MAMATHEKA! Mamatheka ungakangeni egumbini ozohlangana kulona nomuntu obalulekile okungaba yikhasimende, umuntu ozwana naye noma umqashi.
Ngaleso senzo kuzoba sengathi uyisiwula bese uqala ukuhleka ngesikhathi imisipha yomzimba wakho ikhululeka. Uzongena kulelo gumbi usukhululekile nobuso bakho buchachambile.
Zethembe
BONA ZULU - May 2006
Ukuziphucula
GCINA IBHOKISI LOBUFAKAZI BOKUNQOBA KWAKHO.
Faka okungubufakazi bezinto osuzizuzile kulona noma kwi-scrapbook - njengekhophi yelayisensi yokushayela, ikhadi eliphuma kumngani, izitifiketi zemfundo, umbiko okutusa esikoleni noma emsebenzini, izithombe unabangani noma abanye abantu abahlonishwayo, irisidi yento eyisipesheli ogcine ukwazile ukuzithengela yona.
Lezi zinto zizokukhumbuza ukuthi ungumuntu wabantu.
YIBA NEZINJONGO! Zibekele izinjongo ozozifeza! Ohlwini lwakho susa lezo zinto osuzenzile uqale ukwenza lezo ezizosheshe ziphele - imiphumela ozoyithola izokugculisa uthole namandla okwenza izinto ezinzima. [z]
