zulu.23.fresh
Sikhala nani South Africa!
Bakhulu phesheya kwezilwandle, kodwa lapha akunjalo. Labo yiFreshlyground - kanti lokho ngeke kuthathe isikhathi eside ukuba kushintshe!
BATHI “Local is lekker,” kodwa amaqembu amakhulu kuleli njengeFreshlyground abawanakile. Leli qembu lisanda kuklonyeliswa njengelivutha kunawo wonke e-Africa liklonyeliswa ngabeMTV network, kodwa kumaSA Music Awards nakwiChannel O alizange liwine.
Ngabe lokhu kuyabakhathaza? Yini engabakhathaza? Emazingeni amazwe omhlaba bayaphumelela.
UBONA waxoxisana naleli qembu ngesikhathi litheleka kuleli liphuma emcimbini wokuklonyeliswa eDenmark. UZolani Mahola wasilandisa ngenjabulo yokuhlangana nezihlabani ezifana noKanye West, Rihanna nezinye eziningi.
“Siziqhenya kakhulu ngomklomelo weMTV ikakhulu njengoba singatholanga lutho lapha ekhaya. Kufanele ungazinaki lezi zinto. Esikubongayo-nje wukuthi maningi amakhonsathi esizokuba nawo kulo nyaka.”
Kowemiklomelo yeChannel O, iFreshlyground yaqokelwa emikhakheni emihlanu yangawina nakowodwa kanti futhi yilo leli qembu elalinandisa kulo mcimbi.
“Kwasimangaza lokhu ngoba i-albhamu yethu ethi Nomvula yathengisa cishe amakhophi angu-200 000,” kusho uZolani.
KODWAKE iFreshlyground ikhombisa enkulu impumelelo. I-albhamu yabo entsha izobe isisezitolo ngoMay kanti inkampani yabo yokuqopha iSony BMG, isihlelele leli qembu laseCape Town uchunge lwamakhonsathi kuleli nase-Europe kuwo wonke u-2007.
Izingoma eziboshelwe kwiCD ethi Nomvula zabakhela igama ngo-2006. Ethi Doo Be Doo yayidanselwa kulo lonke elase-Africa, eGermany, France nase-Italy.
Epholile yothando ethi I’d Like ikhombise ngokusobala ikhono likaZolani ekubhaleni izingoma nasekuculeni. Encokola uthe izingoma zothando azibhalayo zingomunye umzabalazo, ngoba ukuxineka ngokomsebenzi wakhe kumenza angabi naso isikhathi sothando.
Le ntokazi eyayidlala kwiTsha Tsha yakhetha ukumisa umsebenzi wayo wokudlala kwiTV nezifundo zayo ze-drama ngo-2004 ukuze igxile emsebenzini weqembu leFreshlyground.
“Ngiyathanda uma abantu bethi, ‘Hey, leya ntombazane yeTV iyacula’,” kusho uZolani ehleka.
“Iminyaka emibili eyedlule kube ngeyokufunda lukhulu kuze kufinyelele kulo nyaka nasekukhipheni i-albhamu entsha.”
“Imiklomelo yeMTV yangenza ngabona ukuthi ngobani esibhekene nabo emhlabeni kwezomculo. Sizimisele kakhulu ngokukhombisa ukuthi i-Africa ingaqhudelana nabasemazingeni aphezulu.”
IKHONO likaZolani ekubhaleni izingoma ezinesigqi esidanselekayo lenza leli qembu liqhubekele phambili, kanti ziseziningi izingoma esisazozizwa ezingacishe zihambe ezithendeni zethi Doo Be Doo nethi I’d Like.
Into ebonakele ngaleli qembu lase-Africa wukuthi abathandi bomculo baphesheya kubukeka sengathi bavusa abakuleli ngokuthi: Vukani nibone ukuthi nineqembu lomculo elenza izimanga emhlabeni okufanele niziqhenye ngalo.
Nakuba i-albhamu yabo yathengisa yafinyelela ezingeni le-multi-platinum ngonyaka odlule, kodwa iFreshlyground ayizange iqokelwe umklomelo kwi-pop, jazz, dance, afro-pop noma emkhakheni we-best newcomer noma weqembu kuleli.
Ama-video abo ka-2007 yiwo angukhiye ekutholeleni leli qembu izigidi zabalandeli.
UZolani uthe izinsuku zokudlala kwakhe kwiTsha Tsha kuTV zizoba nomthelela omuhle ekuqopheni ama-video ezingoma zabo.
“Isifundo esisodwa esikhulu engisifunde kumaMTV award wukuthi kufanele sibe ngama-professional ukuze sikwazi ukuqhudelana nezinye izihlabani ezaziwayo kwezomculo emhlabeni,” kusho le ntokazi.
Izigidi ngezigidi zabalandeli ezibukela iMTV Base, Channel O nohlelo lwamasonto onke lomculo kumashaneli amaTV lapha nasemazweni ase-Africa njengamanje seziqhathanisa izihlabani zaseSouth Africa nezihlabani ezifana noBeyonce noDiddy.
“Akusekuhle ukwenza nje i-video ebonisa kuphela ibhendi idlala,” kusho uZolani.
“Ukubhala izingoma namuhla kufana nokubhala ama-scripts ama-movie. Ukuqeqeshwa kwami kokudlala ama-drama kanjalo nengikuzuze kwiTV ngingakusebenzisela ukwenza ama-video amangalisayo.”[z]
BONA ZULU – February 2007
indaba nguDOUG GORDON
IFreshlyground isikulungele ukwenza izimanga emhlabeni.
I-Freshlyground
BONA ZULU – February 2007
