zulu.1173.kenya
Badubulela ukubulala
Bakude nempi lapho kuliwa khona kubangwa amandla ezombusazwe eNairobi - labo ngamaMaasai namaKalenjin…
Indaba Francois Ausseill
WUKUQALA kwempi yabangamaMaasai eKenya lapho be-hlisa khona intaba nezinkalo eziluhlaza belibangise enzansi beyotholana phezulu nezitha zabo ezaziqhamuka kolunye uhlangothi lwentaba.
Indawo okuhlangenwe kuyo lapho impi izobambana khona yiKapuno eTrans Mara khona ezweni laseKenya. Lapha kuhlonywe ngemikhonto nemicibisholo.
Le mpi ngeke uyifanise nokuluthwa ngenkani kwezimpahla okwenzeka eKenya ngokhetho ngoDecember 27.
“Lapha sikholelwa ekulweni esigangeni kunokuhlasela abantu ebusuku,” kusho uChris Kosgei, oyiKalenjin.
Inzondo yaqubuka ngoDecember 28 abangamaMaasai ababevota bacasulwa wukuphumelela koyiKalenjin owayengenele ukhetho.
Lokhu kulwa ngokwamasiko akulanyulwa ngisho nangamaphoyisa.
Abaholi bemiphakathi yomibili bakhombisa uBONA izindawo ezimbalwa ezazisetshenziswa njengezinkundla zempi, ezinye zazo kungamaqele.
Nakuba babengasondelene, badubulana amahora ngamahora.
“Akekho osala ekhaya. Ngelinye ilanga bonke abantu bahamba bayolwa,” kusho uKosgei.
Kule mpi, akekho okhuluma ekamongameli uMwai Kibaki noRaila Odinga ongumholi weqembu eliphikisayo.
Ezingxenyeni eziningi zaseKenya izimpi zimayelana nezwe nobuhlanga hhayi ukhetho.
UKosgei uvumile ukuthi uyophuma empini uma ebona omunye wabangani bakhe abangamaMaasai phakathi kwezitha noma mhlawumbe ehlele ngezansi enkundleni yempi ukuze aqiniseke ukuthi akabalimazi.
Abantu bayalimala. Cishe bangu-30 asebefile kusukela ngoJanuary.
“Ngelinye ilanga babuya noyedwa wamaMaasai owayelimele bafike bamqedela,” kusho uKosgei.
Nakuba kungamadoda alwayo, abesimame bayabukela bakikize.
Empeleni amaqhawe amaMaasai ayakwazi ukuxhumana noma adluliselane ulwazi olubalulekile ngokwenza imisindo ethile.
UJoseph Kopasar oyiqhawe wasilinganisela imisindo eyehlukene ngomphimbo wakhe - njengomsindo wezinkomo ezintshontshiwe, umsindo wokuthi kukhona osebulewe nowokuthi siyeza.
LAWA maqembu alwayo sekunesikhathi ehlala ndawonye. Kumanje kunemizamo yokuthula nakuba ubudlelwane bungakephuki selokhu kwaqala izimpi.
Siyaxoxisana esho echaza nokuthi bathumelelana nama-messages ngama-cellphone bexwayisa
ngempi elandelayo noma bazisana ngemizamo yokuxoxisana.
AmaMaasai yisizwe
cishe esingangephesenti elilodwa esibalweni sabantu baseKenya.
“Ngeke sivume ukubuswa amaKalenjins.
Leli yizwe lethu, indawo yethu,” kusho uJoseph Kopasar.[z]
BONA ZULU June 2008
IMPILO LEYO
BONA ZULU June 2008
