zulu.2390.stars
BONA ZULU – December 2007
izinkanyezi zakho
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Yisikhathi sokuba ufeze iphupho lakho. Okwenzayo ukwenza ngempumelelo kanti ungakwazi ukuqhudelana nabanye uma kuvela ithuba lalokho.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Sekuyisikhathi sokuthatha isinqumo esimqoka ngomsebenzi owenzayo. Gxila ekutholeni imiphumela emihle emsebenzini. Yenza izinto ngendlela yakho – kukhona abazokubonga ngalokho.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Uzothola umaqondana uma ungawedwana. Sekuyisikhathi sokubheka ikusasa wenze izinhlelo zesikhathi eside uma kukhona othandana naye. Uma usanda kwehlukana nesithandwa sakho, khululeka ngoba uzomthola ozovala leso sikhala.
CANCER
(Jun 22 – Jul 22)
Cophelela uzinikele kokwenzayo, ubheke ikakhulu nokungaba wusizo empilweni yakho. Qiniseka ukuthi okholelwa kukona kuyinto ephathekayo uthole nolwazi ngongakwazi.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Cabanga ujule ngekusasa lakho kwezamabhizinisi. Bheka izindlela zokuhloma ngolwazi noma uqeqeshwe ulungele ukuguqula impilo yakho.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Qiniseka ukuthi unomfutho wokusebenza. Izinto zishintsha njalo esikhathini samanje kanti kufanele usheshe uthole ulwazi ngezinto ezintsha uma ufuna ukuncintisana kahle nabanye.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Unabangani abahlome ngolwazi kwezamabhizinisi kanti bangakusiza kalula uma udinga usizo lwabo. Uzoba nesikhathi sokuhlangana nabantu, kanti uma ungawedwana uzomthola umaqondana.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Kunezinqumo ezinqala okufanele uzenze.
Yenza lokho okholelwa kukona, uma udidekile, amandla omkhuleko angakusiza. Izinqumo ozithatha emva kokukhuleka kuba ngezinomqondo.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Gxila emsebenzini owenzayo – ungenza izinto ezincomekayo uma ucophelela. Uzokwazi ukuthola imali ethe xaxa ushayelwe ihlombe ngezinhlelo zakho ezinhle.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Unemibono eyakhayo nokuzethemba. Izingxoxo ozibambayo zingathela izithelo ezinhle. Cabanga ujule ngemibono yakho emisha ubasize abantu abacela usizo lwakho.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Isimo ekhaya sesingcono, usuzokwazi ukufeza leso sifiso esimqoka. Uzozwa izindaba ezimnandi ngezihlobo zakho obukhathazekile ngazo. [z]
U-AARON MOKOENA
(November 25, 1980)
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
UKUPHATHELENI UNYAKA
Ungenza izinto ezizokuphumelelisa kulo nyaka. Maningi amathuba azovuleka azokunika amandla okuqhuba kahle emsebenzini kanti njengoba ubukeka unenhlanhla kulezi zinsuku, ungenza izinto obunovalo lokuzenza ezizokungenisela inzuzo uphucule isimo sakho sezezimali. Uma usunemali uzokwazi ukuthenga okuthandayo ngokukhululeka. Ukuvakasha kuzohamba phambili ezinhlelweni zakho kanti nakwezothando kuzokhanya kahle ekuhambeni konyaka uhlale uthokozile. Uzovivinywa ngumndeni wakho kodwa ngeke zikuqumbe phansi lezo zivivinyo. Ukukhalipha kwakho kungenza ukuba uthathe izinqumo eziphusile.
