zulu.2388.back
EZEMPILO
UBUHLUNGU BEQOLO
Abantu abane kwabahlanu baphathwa yiqolo okungenani kanye empilweni yabo, nokwenza ukuthi lilandele ikhanda kulezo zinhlungu ezithathwa njengezihlupha abantu kakhulu... indaba nguNandini Naidoo
INDAWO eba buhlungu kakhulu emzimbeni uma uphethwe yiqolo yileyo engemuva kwesingezansi ngoba ithwala isisindo somzimba wakho.
Ukubeletha ingane, ukugaxa izikhwama nokuphatha opulasitiki abasindayo, ukuhlala phansi isikhathi eside nokushayela amahora amaningi kuyawukhandla umzimba.
"Uma iqolo lakho libuhlungu, thola usizo lukadokotela," kweluleka uDkt. uZandile Ndlovu obuye abe yi-chiropractor.
Zazi izinhlungu zakho
Okokuqala okufanele ukwenze ukuze ulwe nezinhlungu wukuba nolwazi ngazo:
Ubuhlungu obuqaqamba kakhulu: Lobu buhlungu buyahlaba noma bungabi mandla kakhulu kanti budonsa izinsuku ezimbalwa kuya enyangeni. Buvame ukuba ngaphakathi kwesingezansi.
Iningi lethu lihlushwa yilezi zinhlungu uma kugqilazeke imisipha namalungu omzimba ngenxa yokuphakamisa into esindayo noma ukunyakazisa umzimba ngendlela engafanele.
Ubuhlungu obuthatha isikhathi eside: Lobu buhlungu kuyenzeka bungabi mandla noma uzwe sengathi kunebala elishisayo eqolo, noma behle ngemilenze, budonse isikhathi esingaphezulu kwenyanga. Budalwa wukugudluka kwamathambo kwesingezansi nesifo samathambo.
Yelapha izinhlungu
Ubuhlungu beqolo buyadamba emva kwamasonto ambalwa uqale ukwenza lokhu:
Ama-pads afudumezayo noma amaphakethe aneqhwa angasiza ngokudambisa ubuhlungu bemisipha. Ukuphululwa umzimba nakho kungazidambisa izinhlungu.
Nyakazisa umzimba.
Amaphilisi ezinhlungu anjenge- ibuprofen, i-aspirin ne-paracetamol angasiza. Uma lezi zinto zingakusizi, xhumana nodokotela.
Ukuvikela
"Ukuvikela kungcono kunokwelapha," kusho uDkt. Ndlovu - nakhu okufanele ukwenze ukuze unakekele iqolo lakho:
Qinisa iqolo lakho: Ukuhamba kungaqinisa imisipha yeqolo.
Zivocavoce: I-yoga noma i-pilates isiza ngokuqinisa imisipha.
Vikela iqolo lakho: Ukuhlala ngendlela efanele, ume uphakamise into kahle kusemqoka ekuvikeleni iqolo lakho. Uma umile, zimelela ngezinyawo zombili phansi imilenze yakho iqonde. Amahlombe nomqala makuqonde kahle. Gqoka izicathulo ezinezithende ezimfishane.
Hlala esihlalweni esinendawo yokuncika - beka umcamelo esikhaleni esingemuva esihlalweni uma isihlalo sinesikhala ukuze iqolo likhululeke.
Uma uhleli, izinyawo mazithinte phansi. Qiniseka ukuthi usebenzela endaweni ekuphatha kahle, itafula lakho nesihlalo kume kahle.
Qondanisa amadolo nama-hips, ungahlali phansi isikhathi eside noma ushayele ibanga elide.
Uma uphakamisa into ethile noma uyibeka phansi, yincikise emzimbeni.
Yima uqonde ugobise amadolo kuphela uma ugoba. Ungawuphenduli umzimba uma uphakamisa into.
Lala ngomhlane noma ngohlangothi ugobise idolo elingaphezulu kancane noma uwagobise womabili ubeke umcamelo phakathi kwawo.
Ungalali ngesisu, lala embhedeni oqine kahle. [z]
NGEMINYE IMINININGWANE:
Shayela abeSA Society Of Physiotherapy kule nombolo yamahhala: 0800-00-1870.
BONA ZULU August 2008
BONA April 2008
NGABE USENGOZINI?
Usengozini yokuphathwa yiqolo uma:
Usebenza njengomakhi noma wenza omunye umsebenzi odinga ukuba uphakamise into esindayo, ugobe noma uphenduke, noma unyakazise umzimba wonke (njengokushayela iloli noma ukusebenzisa i-sandblaster).
Umzimba wakho ungaqondile kahle noma wenza umsebenzi owenza ukuba umzimba wakho ungami ngendlela efanele, njengokusebenza njengo-cashier esuphamakethe.
Ukhulelwe.
Ubhema, ungazivocavoci noma uma ukhuluphele.
Unesifo samathambo.
Unengcindezi noma ukhandleke ngokwengqondo.
Uneminyaka engaphezulu kuka-30.
