zulu.2383.bully
indaba nguVIVIAN ATTWOOD
Isimo sesedlulele
Vikela ingane yakho eziqhwageni!
UBUQHWAGA kungaholela esimweni sokucindezeleka, nokungabikho kokuzethemba kanjalo nasekuzibulaleni. Ubuqhwaga buyisona esibi esingadicilela impilo yengane yakho phansi. Emhlabeni jikelele, ubuqhwaga ezikoleni yinto esithanda ukuphuma esandleni ngenxa yokwenyuka kwezinga labo.
Yini edala lokhu, yini futhi engenziwa abazali ukuqeda lesi sihlava ukuze bavikele izingane zabo"
UMbongeni Mtshali onguthishanhloko waseVelabahleke Secondary School eMlazi, KZN, uthi njengoba umthetho-sisekelo wethu omusha unika izingane amalungelo, kodwa awukazikhuthazi ukuba zimele izibopho zazo.
"Ukuhlukunyezwa abanye abafundi ezikoleni yinto ekade yaba khona, kodwa njengoba sekwaqedwa ukupanishwa kwezingane ngokuzishaya, into esesiyenza wukuba sikhulume nabafundi abangaziphathi kahle - lokhu ngesinye isikhathi akusebenzi kahle," kusho yena.
Labo abahlukunyezwayo, bagcina ngokuzithathela umthetho ngezandla zabo. Ukuchaza leli phuzu, uMnuz Mtshali wavele wakhipha isizenze ekhabetheni lakhe.
"Lokhu kwathathwa kumfundi owayesekhathele wukuhlukunyezwa ngenxa yobuqhwaga," kuchaza okaHlabangane.
"Wabona kungcono ukuba avele ahlasele umuntu owayemhlukumeza. Ngenhlanhla loyo owayemhlukumeza wayengekho esikoleni ngalelo langa, sabamba lesi sikhali kulona ohlukunyezwayo.
"Abazali bahlale bengicela bethi, 'Ungangiqondisela le ngane ngoba mina sengihlulekile. Kuthi lapho ngikhuluma naye angiphendule afune kugcine yena"'"
UMtshali usola kakhulu ukutotoswa kwezingane.
"Sonke sizithanda kakhulu izingane zethu nokuyinto kuzona eyakha isithombe sokuthi zizophila ngaphandle kwezinkinga.
"Ukungabikho kwezeluleko zendlela yokuqondisa izigwegwe yiyonanto edicilela phansi imindeni. Esikoleni, sitshela izingane ukuthi: 'Ungaziphatha ngale ndlela oziphethe ngayo ekhaya, hhayi lapha esikoleni.' Ziye zibuze ukuthi, 'kungani"'
"Inkolelo yami wukufundisa ngokuba nami ngibe yisibonelo," kusho uthisha uMtshali.
"Ngiqala ekubukekeni kwengane, ngokuba ngikhuthaze indlela yokugqoka. Ukugcina isikhathi yinto futhi ebaluleke kakhulu.
"Ngiye ngifundise ingane ukuba ibuswe yilo mqondo: 'Lesi yisona siqalo sekusasa lami.'
"Nakuba kungahambisani nomthetho kahulumeni, ngesinye isikhathi kudingeka ngiphoqelele izinto ngesabise nangokuxosha. Izingane kufane zifunde kabanzi ngezinto ezidala izinto ezimbi kanjalo nemiphumela yazo."
Ukukhathazeka
"Kubalulekile ukuba othisha bakhombise ukukhathazeka ngabafundi babo," kusho omunye wothisha. Lokhu kusiza ngokuba nohlukunyezwayo abe nesibindi sokubika ngalokhu.
"Izingane akuvamile ukuba zize kithina zizothi ziyahlukunyezwa. Kodwa kuvame ukuba kufike abazali noma omunye umntwana azobika.
"Ngixhumana nabazali bese ngibizela ehhovisi lami lezo zingane ezithintekayo ngizichazele ukuthi kungani ukuziphatha okunjena kungadingeki. Lokhu kusebenza kahle kakhulu ezinganeni ezisemabangeni aphansi.
"Ezinganeni ezindala, ngiye ngixhumane nabazali kuqala. Uma lokho kubenza bathukuthele, ngiye ngibachazele ukuthi ukubhekana nalesi simo akusilo ikhambi ukushaya lowo oqhwaga abanye, kodwa wukuxoxisana naye ukuze kutholakale inkinga.
"Uma izingane zikuGrade 6 noma 7, ngiye ngixoxisane nalezo ezithintekayo kulokhu ngizitshele ukuba zizame ukusombulula inkinga ngaphandle kodlame.
"Ezigigabeni eziningi, isixazululo siziqhamukela ngokwaso, uma izinhlangothi zombili sezilubekile uvo lwazo.
"Ekugcineni, uma ingane yakho ubona ukuthi iyesatshiswa noma ihlushwa yiziqhwaga, bhekana naleso simo, ungasizibi.
Ungamsoli umntwana wakho!
Izingane eziningi azivamile ukuba zikutshele njengomzali lapho lezi zinto zenzeka kuzona, ngakhoke kufanele kube nguwe okusukumelayo lokhu - ngokusho kukachwepheshe wezengqondo kwezemfundo uFelicity Tonkinson.
Uma ubona ukuthi ingane yakho ingaba nokwesaba, kungcono lesi sihloko ungasiqondi ngqo kodwa usigwegwese. Buza imibuzo efana nothi: "Obani ajwayele ukubahlupha" Uhlale ethini noma enzani""
Ungalokothi nakancane usole ingane yakho ngokuhlushwa kwayo yiziqhwaga, noma usho izinto ezifana nezithi: "Ungabi yigwala."
Uphinde wagcizelela ukuthi, uma ingane yakho ikutshela ukuthi kukhona abayihluphayo, ungazitsheli ukuthi le nkinga uzoyigcina iyimfihlo ngisho ngabe ingane yakho iyesaba ukuyikhuluma.
Lokho kungafana nokunika oyihlukumezayo imvume yokuba aqhubeke.
Indlela yenqubo
"Zonke izikole kufanele zibe nomthetho ozobhekana nokuhlushwa yiziqhwaga, bese ubheka imiphumela yalokho," kusho uTonkinson.
I-Glenwood Boys High School eThekwini, ukwenza isibonelo, isibe nemiphumela emangalisayo ngalolu hlelo lwayo.
"Saqalisa lokhu ngenhloso yokukhipha lo mqondo wokuhluphana kwabafundi," kuchaza uthishanhloko uTrevor Kershaw.
"Abafundi baGrade 8 kuya kuGrade 11 bahlangana njalo ekuqaleni kosuku ukuze badingide izindaba ezifana nokulova, ukuzinikela ezintweni ezenziwa esikoleni nokulungisa isimo sasesikoleni.
"Abafundi asebenza uGrade 11 yibo okulindeleke ukuba bakhe ubungani nabafana abancane, ukuze babe 'obhuti babo abadala'."
Isikole iGlenwood sekuphele iminyaka emine sinohlelo lokwakha ngokwezimilo.
"Ngikholwa wukuthi lokhu sekuholele ekwehleni kwezigameko zokuhlukumezana kwabafundi nokwesabisana nokuyinto engenzeka kalula esikoleni esinabafundi babafana abangu-1 150," kusho uKershaw.
Ukulungisa isimo
Kodwake kubalulekile ukuqaphela ukuthi noma imuphi umthetho olandelwa yisikole, ukugwema ukuhlukumezana kwabafundi kuyenzeka uma wonke umuntu esikoleni ezozibandakanya kule mizamo - kusukela ebhodini labaphathi kuya kubazali, othisha nabafundi imbala.
"Bonke kufanele babe yingxenye yokuthuthukiswa nokwenza ukuba lezi zinhlelo zisebenze," kusho uFelicity.
Lolu hlelo kufanele likubeke kucace ukuthi yikuphi okungavumelekile nokuthi yikuphi okungeke kubekezelelwe.
"Empeleni okubalulekile ekugwemeni le nkinga yokuhlukunyezwa ngabanye abafundi ezikoleni, wukufundisa izingane ukuba zikwazi ukukhuluma ngaphandle kokwesaba futhi zazi ukuthi wubani ezingaya kuyena uma zifuna usizo."[z]
BONA - August 2007
Ukuhlushwa yiziqhwaga kungalimaza impilo yomntwana wakho impilo yakhe yonke. Funda ukukuqeda lokhu...
Izingane zidinga ukuba zifunde ukuzikhulumela ngaphandle kokwesaba
3RD PAGE O/FLOW HEAD (IF NECESSARY):
BONA - August 2007
Ongakwenza!
u Khuthaza isikole sengane yakho ukuba sibe nezinhlaka zokulwa nobuqhwaga.
u Njalo qiniseka ukuthi uyazi ingane yakho iphatheke kanjani ngokuba uyikhuthaze ikhulume ngokukhululeka.
u Ungakuthathi kancane ukwesaba kwengane yakho.
u Khuthaza ingane yakho ukuba iphilisane nezinye, yakhe ubungani esisekelweni sokwethembana.
u Ungasoli ingane yakho ngokuthi yiyo evumela ukuqhwagwa abanye.
u Zifundise ukuzibamba ugweme ukuthetha uma udiniwe. Khumbula ukuthi nguwe umuntu oyisibonelo esihle enganeni yakho.
u Sebenzela ukubuyisa ukuzethemba enganeni yakho. Ingane ezethembayo, akulula ukuba ibe wukudla kweziqhwaga.
Izimpawu ezingakuxwayisa
Ngabe ingane yakho kukhona abayiqhwagayo esikoleni" Kufanele ubheke lezi zimpawu...
Ukuhlale ithi ilahlekelwe imali yase-tuck shop noma yelantshi.
Ukufika ekhaya ivuvukele, inokusikeka nokunye ukulimala.
Izingubo ezidabukile.
Ukuntshontshelwa izinto zayo.
Ukuhlale ishintshashintsha: ibe neziqubu zokukhala noma zokudinwa.
Ukuyeka ukudlala nabangani bayo bakudala.
Ukuqala ukungaqhubi kahle esikoleni.
Ukungalali kahle.
Ukungakuthandi ukudla.
Ukuhlale inokukhathazeka.
