zulu.2375.policing
indaba nesithombe nguGAVIN FOSTER
Zibandakanye
Indlela yokulwa nobugebengu
Njengoba izibalo zeziphathimandla zikhomba ukuthi liyehla izinga lobugebengu, iningi labantu baseMzansi aliboni kanjalo - abantu abasazihluphi ngokubika ngobugebengu ngoba bakholwa wukuthi amaphoyisa ngeke abasize ngalutho. Kodwa ikhona indlela esingalwa nabo ngayo futhi sinqobe...
UBUGEBENGU bulibulele leli lizwe, kodwa singakwazi ukuyinqoba le nkinga uma abantu abanjengami nawe bebambisana ekulweni nayo. Izinhlaka zababhekele ukuphepha kwezakhamuzi endaweni (neighbourhood watches), ama-community policing forums nama-community safety forums zingasebenza ngokubambisana ekwenzeni ukuba impilo yezigebengu ibe nzima zikhuthaze namaphoyisa okufanele ukuba avikele abantu.
Uma kukhulunywa ngabaqaphi bendawo kusuke kuvumelene abantu abahlala endaweni ngokuthi akuqaphelwe abantu ababukeka besolisa. Baxhumana bodwa babuye bathinte namaphoyisa, amavolontiya enza lo msebenzi aphume umkhankaso wokuhlola izitaladi kusihlwa ukuze izinswelaboya zingazenzeli umathanda.
Uma kukhona oya eholidini, omakhelwane bamgadela umuzi wakhe umphakathi ugade nezimoto ezisolisayo ezilokhu zibonakala zizulazula endaweni, kuthathwe nama-number plates azo, lolo lwazi ludluliselwe nakwabanye.
Kodwa into okungafanele neze ukuba siyivumele wukuba abaqaphi bendawo basebenze njengoqonda. Uma bebamba izigebengu, mabazidlulisele emaphoyiseni zijeziswe ngendlela efanele. Kungenzeka ulingeke ufise ukuzijezisela wena isigebengu - kodwa nawe uzobe sewenza okufana nokwenziwa yizigebengu ngokuzithathela umthetho ngezandla.
Umbiko
AmaCommunity Policing Forums (CPF) yizinhlaka ezinamandla athe xaxa kunababheki bendawo kanti uyancomeka umsebenzi awenza ezindaweni ezinjengaseWestern Cape.
AmaCPF, okufanele ngokomthetho axhaswe yileso naleso siteshi samaphoyisa, anekomiti elakhiwe amalungu omphakathi, amaqembu ezenkolo, amaqembu entsha, amaqembu ezemidlalo, yizinhlangano zamatekisi, amakhansela nosomabhizinisi abasebenza bebambisene nesiteshi samaphoyisa neziphathimandla ezisebenza kuleso siteshi.
I-CPF, esebenza ngokuhloniphana nangokwethulwa kwemibiko ihlangana kanye ngenyanga ibonisane ngokwenzeka endaweni.
Kudingidwa izihloko ezithinta ubugebengu nezinto ezibhebhezela ubugebengu njengokungakhanyi kukagesi emigwaqweni namashibhi angekho emthethweni kwenziwe nezincomo ukuze kuqedwe izinkinga.
Okuhle kakhulu ngeCPF wukuthi ibheka ngisho nokusebenza kwamaphoyisa uma kunemihlangano, kutshelwe iziphathimandla uma amaphoyisa engaziphethe kahle, engawenzi kahle umsebenzi noma engawugcini umthetho.
I-CPF ivame ukumela bonke abaqaphi bendawo abasebenza nesiteshi samaphoyisa ababambisene naso.
Lubanzi
I-Community Safety Forum (CSF) wuhlaka olusanda kwethulwa olusebenzela endaweni ebanzi kuneCPF - ingasebenza endaweni esizwa yiziteshi zamaphoyisa ezinhlanu kuye kweziyisithupha kanti igxila kakhulu ekulweni nobugebengu.
NgoMay ngonyaka odlule, uCharles Nqakula onguNgqongqoshe wezokuPhepha nokuVikela wathi izinhlangano ezintsha zizosebenzela ezindaweni ezisabalele kunabaqaphi bendawo namaCPF.
Zizosebenza neminyango kahulumeni njengowezaseKhaya ukuze kuqashelwe izifika-namthwalo ezingena kuleli ngokungemthetho, basize abezokwaKhiwa kweziMilo ohlelweni lokufakwa kweziboshwa eziphuma emajele emphakathini, basebenze noMnyango wezobuLungiswa ekuqinisekiseni ukuthi umphakathi uyawazi futhi uyawaqonda amalungelo awo.
Kukhona okubuye kulubhedise lolu hlelo. Maningi amaphoyisa akhohlakele angawenzi kahle umsebenzi wawo kodwa angaphansi kwalolu hlelo. Uma engabambisene nabantu abenza okusemandleni abo ukuthi iSA ibe yindawo engcono, ngeke itholakale imiphumela encomekayo. [z]
NGABE ucabanga ukuthi kungasiza ukuzibandakanya komphakathi ekulweni nobugebengu" Ngabe usulusungulile uhlaka lweCPF, CSF, noma lwabaqaphi bendawo ngakini, ngabe lunamthelela muni ebugebengwini" Bhalela kuleli kheli: BONA, Box 32083, Mobeni, 4060, usitshele ngokwaziyo.
Ukuqala
1) Xhumana nesiteshi samaphoyisa esiseduze uthole ukuthi kulezi zinhlaka esizibalile lukhona yini asebenalo (ukuze ungachithi isikhathi sakho usebenzele phezu kwento evele isikhona). Uma lukhona, thola izinombolo zocingo ubathinte ucele ukuba yingxenye yalo.
2) Qala ngeCommunity Safety Forum uye kwiCPF nabaqaphi bendawo, ngaleyo ndlela uzothola ukwesekwa ukhomishana weSAPS noMnyango wezaseKhaya neminye iminyango kahulumeni.
UNgqongqoshe uNqakula wakhipha nesethembiso sokuthi amaCommunity Safety Forums aziwayo azoxhaswa ngemali ukuze abe namahhovisi awo. Buza ngalokhu ubahluphe uma ungalutholi usizo.
3) Khetha abantu abafanele ozobabeka ezikhundleni. Qoka abantu abanolwazi ngalo msebenzi kunokuthola okusazodingeka ukuba ubaqeqeshe. Uma ufuna amaphoyisa ozosebenzisana nawo, xhumana nalusizo anesikhathi enza lo msebenzi.
4) Ningakuvumeli ukuphelelwa wumdlandla uma seniqalile ukusebenza. Abantu bavame ukuqala izinto ngomdlandla bagcine sebekhathele.
5) Uma isiteshi samaphoyisa enisebenzisana naso singabambisene nani, xhumanani noMnyango wokuPhepha koMphakathi nokuXhumana ozonisiza ukuze izinto zenzeke .
Bhalelani abaphethe kwiSAPS nibhalele nasemaphepheni uma nibona ukuthi imizamo yenu ayishaywa mkhuba. Ngakolunye uhlangothi, uma amaphoyisa ebambisene kahle nani, watsheleni nincome ningawafihleli.
