zulu.2370.gardening
UKONDLA
izitshalo zakho
Izitshalo azidingi amanzi kuphela - nazo ziyakudinga ukudla - asikhulumi nje ngokufaka umquba
UKUZE izitshalo zihlale ziphilile zidinga okuzozondla. izitshalo zithola ukudla kwazo enhlabathini ngosizo lwezimpande zazo nasemoyeni ngosizo lwamacembe. Ukuze ziphile zidinga i-carbon, hydrogen ne-oxygen. I-carbon ziyithola emoyeni, i-hydrogen ne-oxygen ziyithola emanzini.
Ngakhoke uma wondla izitshalo zakho, usuke uzipha ukudla. Kodwa izitshalo zidinga futhi ezinye izinhlobo zokudla njenge-nitrogen, phosphorous ne-potassium. Lokhu kutholakala emqubeni.
Lokhu sikwenza ngokuba senze itiye eliyisipesheli elondla izitshalo.[z]
Indaba nezithombe: Thandi Zulu
IZITSHALO EZIZWANAYO
Nutrient
Isitshalo ozwana naso
Kuyatholakala nakwi:
Nitrogen
Green beans, peas, comfrey
Compost
Phosphorous
Marigolds
Compost, manure, bone-meal
Potassium
Comfrey
Compost, manure, seaweed
Sulphur
Parsley
Asparagus, avocado, broccoli, Brussels sprouts, cabbage
Boron
Beetroot
Cardboard, cabbage, dandelions, almonds, garlic, onion, parsley, pigweed, apples
Copper
Dandelions
Sunflower seeds, peanuts, mushrooms, dried plants
Iron
Peas
Molasses, nuts, lentils, broccoli, spinach
Magnesium
Cat's tail leaves
Potatoes, bananas, almonds, avocado, peanuts, hazelnuts
Zinc
Parsley
Chickpeas, pumpkin seeds, peas, oranges, almonds
INGADI YAKHO
I-LIQUID FEED
Ukwenza eyakho i-liquid feed uzodinga: ibhakede, isikhwama sendwangu, induku engu-60cm ubude - kanye nalawa maresiphi:
I-Green leaf tea
1. Faka amacembe amancane aluhlaza esikhwameni sendwangu. (Ungawasebenzisi amacembe akhipha okusaketshezi lapho uwaphula). Hlephula amacembe amakhulu uwafake khona. Goqa isikhwama ushaye ifindo uhlanganise nenduku phezulu.
2. Bophela isikhwama endukwini uphanyeke induku ebhakedeni elinamanzi abandayo bese ukubeka endaweni epholile. Amanzi kufanele amboze isikhwama kodwa futhi isikhwama akudingeki sithinte ibhakede phansi.
3. Emva kwezinsuku ezimbili amanzi azokuba nsunjwana ngokuluhlaza. Faka amanzi abandayo uwayeke isikhathi esingangesonto.
Ukuyisebenzisa: Thaka 1 ingxenye ye-green leaf tea kuya ezingxenyeni ezingu-7 zamanzi.
Kulungele: ama-veg anamacembe njengo-lettuce (ikakhulu uma uwatshale kumama-pots kanti uma enamacembe aphuzi, kusho ukuthi wanayo i-copper).
I-Manure tea
1. Caphuna ngesandla ka-5 ubulongwe benkomo, obehhashi noma umsimbana kanogwaja ufake esikhwameni esiyindwangu noma ukhe ngesandla ka-2 isitibhili senkukhu (udinga amancane ngoba wona ayanuka). Ungabuza uSPCA wangakini, noma abepulazi lama-mushroom noma lamahhashi.
2. Bophela induku esikhwameni usilengise ebhakedeni elinamanzi ukuze zimbozwe amanzi (kodwa singathinti phansi ebhakedeni).
3. Ukukusebenzisa: Okwembewu, hlanganisa ingxenye eyodwa ye-manure tea ezingxenyeni ezingu-12 zamanzi. Okwezitshalo ezinkulu, hlanganisa ingxenye eyodwa ye-manure tea ezingxenyeni ezingu-7 zamanzi.
Kulungele: Ukukhula okuhle kuma-veg.
I-Plant tonic
1. Esikhundleni sebhakede, uzodinga into encane njengojeke kapulasitiki onesivalo. Kujeke faka amacembe e-fruit tea - amacembe amapetshisi, awama-apricots, ama-apula, nama-litchi yiwo angcono ukuwasebenzisa.
2. Faka ibinzana elifanele lamanzi nama-molasses (nokuyinto ongayithenga ezitolo noma ekhemisi eliseduze).
3. Kugcine endaweni ebandayo cishe izinsuku ezintathu.
Ukukusebenzisa: Thatha ikani lokuchelela bese ufaka 1 i-teaspoon ye-tonic kwilitha eyodwa yamanzi bese uthela ezimpandenikanye ngesonto, ugcine usuwufaka kanye emasontweni amabili noma lapho izitshalo zidinga ukondliwa.
Kulungele: Ukunika izitshalo impilo.
UBeetroot "wondla " i-boron yezinye izitshalo okuyiyo futhi edingekayo eziqwini eziphilile.
AmaMarigolds angumthombo omuhle we-phosphorus eyenza izitshalo zikhule ngamandla.
