zulu.116.zip zap
Izingane zeZip Zap
Lifikile isekisi
Isibonelo sezingane ezenza izinto ezingakholakali
indaba ngu-ANNE SCHAUFFER no-ANDRE FIORE izithombe ngu-VANESSA COWLING
SONKE singacabanga ukuthi singathokozisa uNelson Mandela, kodwa akunjalo, yizingane kuphela zesikole sobuciko iZip Zap School Of Circus Arts ezamenywa ukuba zizonandisa emgubheni weminyaka engu-80 okaMadiba azalwa. Sezike zabonakala nakwiGrahamstown Arts Festival zaya naseMelbourne, e-Australia ukuba ziyoba yingxenye yeCultural Festival kumaCommonwealth Games ekuqaleni kwalo nyaka.
“Abafana namantombazane abanamakhono, abahlukunyezwa, abaphuma emizini ephila kahle, abangenamakhaya, abathanda injabulo nokuvakasha, abazothile abacabanga ngabo kuphela, kusukela eminyakeni engu-8 kuya kwengu-18 bonke banendawo yabo nezibopho eZip Zap Circus School,” kusho uLaurence Esteve Van Rensburg, omunye wabasunguli balesi sikole.
“Kuningi abakufunda komunye nomunye, hhayi kuphela izilimi zabo namasiko kodwa ukubekezelelana, ukuhloniphana nokwethembana.”
Ngo-1992, ochwepheshe ababili babadlali basesekisini okuyindoda nomkayo, uBrent noLaurence Esteve Van Rensburg babeka i-trapeze eWaterfront eCape Town.
Bahlanyisa izihlwele kangangoba baze babona nabo ukuthi ngamakhono abo kukhona into eyisipesheli abangayenzela iSouth Africa - isekisi elehlukile…
IMIPHUMELA kwaba wukuzalwa kwesikole sesekisi sakuleli esiqeqesha abantu mahhala kunoma ngubani ofunayo. Ngaphandle kokunika amakhono, uBrent noLaurence bayabona ukuthi ukuthemba, ukuzinikela nokubambisana okudingeka esekisini kungasiza ekushintsheni inhlalo yezwe lethu.”
“Mhlawumbe iZip Zap kuseyinto encane kakhulu, kodwa uma abanye abantu bekholelwa kwesikwenzayo, singasebenza ngokubambisana ekwenzeni umehluko eSouth Africa,” kusho uBrent.
Njengamanje iZip Zap inabafundi abangu-50 abaliqhamukisa ezindaweni ezehlukene. Lesi sikole sigxile ekuqeqesheleni amakhono okudlala emibukisweni nawokubaluleka kokwethembana, ukwethembeka, ukuzethemba, ukusebenza ngokubambisana, nokuhlonipha nokuhlale uthokozile nokuyizinto zombili ezikwakhela impumelelo esekisini nasempilweni. Abafundi bazikhethela ngokwamakhono abawathandayo, kusukela kwangu-25 okudlala emibukisweni.
Kunoma iyiphi i-show kufanele kwenziwe umsebenzi ngokuzimisela, kanti amanye amakhono izingane eziwafundayo abandakanya i-rigging, ukushisela, ukwakha izingubo zasesteji, ukwakha, equipment maintenance nokufundisa.
Lokhu kulungiselela izingane amathuba emisebenzi. Iningi labo selishiye isikole ukuze liyodlala emazweni omhlaba, hhayi nje esekisini kuphela kodwa nasezindimeni ezifana nokudlala emafilimini, kumabonakude nasezikhangisweni zezezimakethe.
Abanye sebekwazile ukuzitholela amakontilaki ngamakhono abo emisebenzini efana nowokushisela, owokubaza, owokwakha nowokukhanda.
Abanye basebenzise amakhono abo okuthunga ekusikeni ingqephu yasesteji.
“Kafushane lesi sikole asigcini ngokuvula inkundla yokuzithokozisa kodwa sihlomisa intsha yakuleli ngamakhono alusizo,” kusho uBrent.
I-ZIP ZAP iseMontague Gardens eCape Town kanti ivula izinsuku eziyisithupha ngesonto futhi inezinhlelo eziningi ngaphezu kwezezingane ezihlale zizofunda khona.
Othisha abangabaqeqeshi kwiZip Zap baba nama-workshop ezindaweni ezingaphandle, kanti izinhlelo zabo zokuqwashisa ngobhubhane lweHIV zifundisa izinhlelo zamakhono esekisi ezinganeni esezikhungethwe yileli gciwane.
Njengoba izifundo zimahhala, izimali yizona ebezilokhu ziyinkinga,” kusho uLaurence.
I-Zip Zap cishe izisimamisa yona ngokwezimali ezingxenyeni ezimbili kwezintathu - imali eningi kulena itholakala ngama-shows. Abakwa-Old Mutual nabanye abaxhasi abambalwa babhekele ezinye izidingo.
Ngaphandle kwalokhu, lesi sikole siyabamukela abafikayo - abaneminyaka ephakathi kweyisikhombisa nengu-12.
Ngokuqeqeshwa okunzulu nokuzimisela, ingane encane engenasipiliyoni izobe isikulungele ukudlala kuma-shows emva cishe konyaka.
Ngaphandle kwezimali, akukho okuyonqanda ikusasa leZip Zap.
“Inhloso yethu wukuba sisungule iNational School Of Circus Arts ezobandakanya ukufundisa i-drama, umdanso, umculo, ukulingisa, ukushisela, ukusebenza ngepulangwe, ukuhlela umculo, ukusethwa kwama-light nokuphathwa kwesteji kodwa futhi sibe sibafundisa namakhono esekisi ngaphandle kwemali,” kusho uLaurence.
Ukuhamba entanjeni nokwenza izinto ezihlekisayo, izingane zakuleli zeZip Zap Circus zizokwenza izimanga kumaCommonwealth
Games. [z]
'Zip Zap School Of Circus Arts: 021-551-9901.
BONA ZULU – May 2006
ULizo noSaskia bezilolonga. Abafundi bangakhetha emakhonweni angu-25.
Izelamani uHolly, Becky noTansy Megaw bezilungiselela ukudlala kumaCommonwealth Games eMelbourne.
ULizo James eqeqesha uSaskia van Rensburg ngesikhathi udadewabo omdala nomama wakhe bebukela.
BONA ZULU – May 2006
U-Emma Nkebendu ebambe uPortia Kewana. Amakhono abo kwi-trapeze azobonakala e-Europe ekuhambeni konyaka.
U-Erin Fisher elenga phezulu.
u
t
Ngokuzinikela, ingane engenasipiliyoni izobe isikulungele ukudlala emibukisweni cishe emva konyaka
U-Anele Xhola noBabalwa Nyewe bezilolonga.
