zulu.2359.pep
Duduzeka ebunzimeni
UMA kukhala insimbi yesonto abantu basuke sebazi ukuthi kudlule ilungu lebandla emhlabeni.
Sonke siyazi ukuthi kubuhlungu kangakanani ukudlula emhlabeni komuntu umndeni obuthembele kuyena. Izindleko zokungcwaba othandiweyo wakho ngenhlonipho nangesizotha zilinganiselwa emalini esukela ku-R20 000. Lokho kubandakanya:
Ibhokisi, izingubo zikamufi nemoto ezothwala isidumbu.
Izingubo zomndeni kamufi.
Izimbali, izinsimbi zomculo kokunye ne-video.
Okokuthutha abantu nomndeni kanye netende.
Ukudla nokuhlobisa itende.
Kujwayelekile ukuthi ubuhlungu bokushiywa othandiweyo wakho buhambisane nokuhlazeka ngenxa yokuboleka imali ezihlotsheni, kubangani nasemsebenzini ukuze ukhokhele izindleko zomngcwabo.
Kodwa umuntu oneminyaka engaphansi kuka-65 angavikeleka kule ngozi uma eya ezitolo zakwaPEP eziseduze ajoyine iPEP Funeral Policy. Akubanjwa mali yantela uma usukhokhelwa imali kanti uyithola engakapheli amahora angu-48 ufake isicelo sakho.
Khetha
Khetha phakathi kweSilver Family Funeral Policy ka-R19,99 ngenyanga noma iGold Family Funeral Policy ka-R34,99 ngenyanga.
Ungafaka ohlekisana naye nezingane ezinhlanu epholisini yakho. Imali oyitholayo ngengane incika eminyakeni yayo nepholisi oyikhethile.
Amanye amakhasimende athatha ikhava yenyanga ngaphambi kwezikhathi ezinezingozi kakhulu njengamaholidi ePhasika nangoKhisimusi. Kodwa uma uqhubeka ukhokha njalo ngenyanga, ukusukela ezinyangeni eziyisithupha nangaphezulu umndeni wakho uzovikeleka uma ushone ngokugula.
I-Silver Policy ikhokha u-R5 000 koshone ngokugula kube
wu-R10 000 koshone engagulanga; iGold Policy yona ikhokha u-R10 000 kogulile kube ngu-R20 000 koshone engagulanga. Awuhlolwa uma uthatha ipholisi!
Le pholisi ibhaliswe ingaphansi kweHollard Life. U-PEP umele abakwaHollard. Ngeminye imininingwane shayela inombolo yakwaHollard ethi: 0860-737-7777.[z]
Ngcwaba ukhululekile
Uyithola ngokushesha
Iya kwaPEP, khetha iSilver noma iGold PEP Family Funeral Policy esitolo ukhokhe ethilini, nikeza u-cashier inombolo yakho yocingo - akudingeki ukuthi ube ne-akhawunti yasebhange ukuze uthole ipholisi.
Wena nomndeni wakho seningakhokhelwa uma nishona ngengozi.
Engakapheli amahora angu-72 ukhokhile, abakwaHollard bazoxhumana nawe ukuze ubanikeze imininingwane yabantu abangaphansi kwakho neyendlalifa yakho.
Njalo ngenyanga uzothola iSMS ekukhumbuza ukuba ukhokhe. Kusemqoka lokhu ukuze uvikeleke.
Khokha kwaPEP ngokheshi noma nge-debit order ye-akhawunti yakho yasebhange.
BONA ZULU - March 2008 85
udaba oluxhasiwe
