zulu.2356.church
BONA ZULU August 2008
ABANTU BAKITHI
Ngabe imibala yemifaniswano yasesontweni isho ukuthini?
UBABONA benze imicimbi ezindaweni ezingajwayelekile - njengaphansi kwezihlahla ngasemigwaqweni emikhulu noma ngakojantshi bezitimela - abanankinga nalokho.
Okuphawulekayo wukuthi lawa mabandla adonsa izigidi zabalandeli. Kungani efaka imifaniswano? Imibala yayo imeleni?
"Umbala onsundu nomhlophe yimibala yethu," kusho uMbhishobhi uBen Donaldson Padi ongumholi weHoly Ebenezer Apostolic Church.
Yebo imibala inayo incazelo eyisipesheli. NgokukaPadi lena yimibala yokwelapha.
UPadi ngumphrofethi owelapha abagulayo ngamanzi angcwele, umlotha obusisiwe nempepho. Lokho ngezinye zezinto azisebenzisayo ekwelapheni.
Ngokwakhe, ngaphandle kwale mibala, ibandla leHoly Ebenezer ngabe alikho namuhla.
Kwenzeka kanjena...
U-Archbishop Daniel Batho Shuping ongasekho okwakungusibali kaPadi nokunguye owasungula leli bandla wayephethwe yizinkinga zesifuba.
"Kwakubonakala ukuthi odokotela babehluleka wukumelapha. Sasicabanga ukuthi sekuphelile ngaye esehle kakhulu emzimbeni,"kusho uPadi.
UShuping wafikelwa wumbono - wokuthi uzolapheka kuphela uma esebenzisa ngokuyikho umbala onsundu nomhlophe. Isimo sempilo yakhe saqala saba ngcono washeshe wakhishwa esibhedlela. Ngenxa yobuthaka bempilo ka-Archbishop nokuhamba kweminyaka amagatsha aleli bandla aqala avala, kwasala elase-Orange Farm kuphela.
Ezikhathini ezimbalwa, amalungu omndeni wakhe ayelokhu evakashelwa amajuba ansundu namhlophe ngombala. Ukwenza isibonelo, amabili andiza angena endlini kadadewabo kaPadi afike ahlala phezu kwefriji.
"Lokho sakubuka njengophawu lokwakha ukubuyisana esontweni," kusho uPadi.
"Sathunga umfaniswano omusha wombala onsundu nomhlophe, kodwa sabona ukuthi ngeke silivuselele kabusha ibandla ngaphandle kuka-Archbishop Shuping."
"Samfuna samthola sammema ukuba eze enhlanganweni yebandla, kodwa sangamtshela ukuthi sivuselela kabusha ibandla elasungulwa nguye," kusho uPadi.
"Kwathi lapho esibona singena sigqoke umfaniswano onsundu nomhlophe, wavele wahlengezela izinyembezi."
IMIBALA yomfaniswano wamabandla inencazelo ethile ngokusho kuka-Archbishop Mshengu Muzi Tshabalala weBelievers In Christ ngaphansi kwe-Ikhaya Le Zion elinamagatsha angu-500 amaZayoni.
"Umbala oluhlaza okwesibhakabhaka umele usindiso. Usindiso luvela kuNKULUNKULU. Abawufakayo esontweni bakhombisa ukuthi sebekulindele ukwamukela usindiso bahlukane nezono," kusho uTshabalala.
"Thina siyibandla eligxile ekuthandazeleni abantu ngokubabeka izandla. Umbala oluhlaza okotshani ngowokwelapha ngokomzimba nangokomoya. Ukhombisa nobudlelwane obuhle noNKULUNKULU. "Omhlophe umele ubungcwele nokuhlanzeka. Esikugqokayo kufanele kuhlanzeke. Umbala omhlophe futhi umele inhliziyo ehlanzekile. Ngeke ube ngcwele uma inhliziyo yakho igcwele ububi."
"Obomvu uqhelisa imimoya emibi. O-purple ngowokubusa. Njengabantwana bakaNKULUNKULU, siyizindlalifa zoMbuso weZulu.
"Ophuzi ngowokuxolela futhi usiqhelanisa nezilingo."
Kunemithetho nemibandela yemifaniswano yamaZayoni. Ithungwa ngabathungi abathandazelwe. "Ngeke uwuthenge lo mfaniswano esitolo. Abathungi benza isifungo sokuhlale bemsulwa lapho bethunga lo mfaniswano," kusho uTshabalala.
Nomuntu owufakile kufanele ahlanzeke. Lokhu kusho ukuthi akufanele aphuze utshwala, abheme noma asebenzise umuthi.
"Ngisho ngabe usebenzise amaphilisi noma uthole umjovo, kufanele ahlanzeke kuqala ngaphambi kokuba athinte umfa-niswano," kusho u-Archbishop.
ABESILISA beGuta Ra Mwari okuyinkolo eyaqalwa kwelaseZimbabwe, bafaka izingubo zezempi - okhakhi. "Singamasosha kaNKULUNKULU alwa nemimoya emibi," kusho umvangeli u-Andrew Ratema, ongu-vice-chairman wabe-Guta Ra Mwari eSouth Africa.
Lo mfaniswano ubandakanya ibhande elivundle esifubeni nelinye elisokhalweni elinomxhaka ofaka ummbese.
"Lo mxhaka wommbese uyingxenye yomfaniswano wethu. Phezu kokushiwo abantu, kodwa kuhlale kungekho lutho," kuchaza uRatema.
Labo abashumayela ebandleni bafaka untanjana (tie) kakhakhi nehembe elimhlophe okungumfaniswano obizwa ngokuthi Isembatho sikaGen, noma izingubo zikaJenene," kusho u-Amos Mbangiseni ongusihlalo weGuta Ra Mwari.
Kwakungowesimame owaziwa ngokuthi nguMama Chaza owashiya iMethodist Church ngenhloso yokuyothandazela alaphe abantu ezitaladini owasungula iGuta Ra Mwari. Leli gama ngelesisho sesiShona esichaza IDolobha likaNKULUNKULU.
Emva kwezinsuku ezingu-40 ashona, wabonakala ebandleni lakhe, wafike wakhetha abesilisa abangu-12. Abesimame bafaka umbala omhlophe kusukela ekhanda kuya phansi kanti futhi baneyabo indlela yokubopha amaduku abo, kuqhuba uMbangiseni.
Umfaniswano we-Ikhaya Le Zion ngeke uwuthenge ezitolo.
"Ungawuthola kuphela esontweni. Kufanele uthandazelwe ngaphambi kokuba uwugqoke," kusho uMbangiseni.
Ngisho namasokisi, izicathulo nothayi kubusisiwe.[z]
NGABE!
Isho ukuthini
UMbhishobhi Ben Donaldson Padi (ohleli phansi) weHoly Ebenezer Apostolic Church enamalungu ebandla lakhe.
Imifaniswano yamabandla
Bahlanganela ezindlini zokufundela zasesikoleni, noma endaweni evulekile, noma egaraji elingemumva kwendlu kanti babonakala ngomfaniswano wabo. Imifaniswano yamabandla okukhonza lapha eS Africa singasho ukuthi yakhiwa yimibala eminingi. Make sibheke eminye yalena nokuthi imeleni... indaba nguForce Khashane
Amalungu eGuta Ra Mwari nomfaniswano othi mawufane nowabebandla lamaMethodist.
BONA ZULU August 2008
AmaZayoni esenkonzweni. Umbala obhlu umele usindiso ebandleni lamaZayoni. Umbala ophuzi uxosha ukulingeka kanti omhlophe umele ubungcwele.
Kwathatha iminyaka eyishumi ukuba ibandla iSt Paul's Apostolic Faith Mission International lenze umfaniswano walo, ngokusho kuka-Archbishop Peter Kelelo Moloi ongumholi walo njengamanje.
"Umkhulu wami wahlambulukelwa ngaleso sikhathi ukuthi umzukulu wakhe womfana kuyothi ngelinye ilanga abe ngumholi waleli bandla ozokwazi ukuxazulula izinkinga zalo," kusho uMoloi.
"Lokho kwenzeka. Ngesikhathi ngithatha izintambo zobuholi kubaba, kwakukhona izinkinga ebuholini baleli bandla, kodwa ngaphumelela ukuzixazulula," kuqhuba yena.
BONA ZULU August 2008
KWAPHELA 10 IMINYAKA
Abe-simame bebandla iGuta Ra Mwari beshaya izandla ngesikhathi bedumisa.
U-archbishop Peter Kelelo.
