zulu.2351.rape
'Ngadlwengulwa
SIZOMBIZA ngo-"Peter Lubisi". Uneminyaka engu-20 ufisa ngisho nokuzibulala. Washiya umsebenzi wakhe wokushayela ama-truck.
Le nsizwa ithi yadlwengulwa ngoJanuary abesimame abathathu.
Kwakukhona nabesilisa ababebukela ngesikhathi edlwengulwa uPeter.
"Ngize ngifise nokuziphonsa phambi kwesitimela sihamba. Njalo uma ngivala amehlo ngicabanga, yonke lento iyabuya sengathi ngibukela i-movie," kusho yena.
UPeter waye-hiker esuka eNelspruit lapho ayesebenza khona ngaleso sikhathi eya ekhaya eMangweni ngaseKomatiepoort ebusuku bomhlaka 21 January ngesikhathi abantu abahlanu ababehamba ngeToyota Venture enezinombolo zaseGauteng bemnika i-lift bethi baya ngalapho naye ayeya khona.
Esikhundleni salokho, baya ehlathini elingaku-N4 highway eNelspruit. UPeter bamkhumula waba nqunu bamphoqa ukuba aye ocansini nabesimame abathathu ababehleli ngemumva. Abesilisa bona babemkhombe ngezibhamu.
Ngesikhathi ezama ukwenqaba, oyedwa walaba balisa wamdubula, inhlamvu yagudla eqakaleni lakhe.
"Ngenxa yokwesaba, angiboni ukuthi ngisayophinda ngihambe amabanga amade futhi."
Njengamanje uthola ukwelulekwa ngochwepheshe benhlangano yabesimame ezimele iMasisukumeni Women's Crisis Centre eTonga.
Bamhlolela iHIV. "Ngikhululekile ngoba njengamanje imiphumela i-negative kodwa kuzodingeka ukuba ngiphinde ngiye futhi ukuze ngithole isiqiniseko esigcwele. Ngisesaba namanje ukuthi izobuya ithi positive.
"Angikaze ngiye ocansini ngaleya ndlela empilweni yami yonke. Ngicabanga ukuthi laba besimame babengabaqwayizi. Babeyazi into ababeyenza," kusho yena.
Kwathi lapho sebeqedile ngoPeter, bamshiya lapho nemithwalo yakhe bamnika R20.
Wasuka lapho wahamba waqonda ekhaya wafike walala sengathi uqulekile ngaphambi kokuba aye emaphoyiseni.
Uthi wazama ukuba ashayele intombi yakhe ucingo achaze ngokwenzekile kodwa ayizange imkholwe.
"Ngaze ngacabanga nokuthi kungakuhle ukwehlukana nayo ngoba okwenzeka kimina yinto engamukeleki. Futhi angifuni ukuyithelela ngezifo," kusho kuchaza yena.
"Angazi ukuthi ngizoyenza kanjani ikholwe ukuthi ngiyitshela iqiniso. Icabanga ukuthi ngiqamba amanga."
Ngabe uPeter ukhuluma iqiniso" Okhulumela isiteshi samaphoyisa eTonga uConstable Mzwandile Nyambi, uthi lolu daba lusaseshwa.
"Kungokokuqala ukuba esiteshini sethu samaphoyisa kudingeke sibhekane nalolu hlobo lwecala,"
UBusi Sithole ongumeluleki kwabeMasisukumeni Women's Crisis Centre uthi kwakungokokuqala le nhlangano ibhekana necala lowesilisa odlwengulwe abesimame.
"Sonke siyazi ukuthi amadoda adlwengula abesimame aphinde adlwengule amanye - kodwa ayesaba ukuphumela obala akubike lokhu," kusho u-Annesta Hofer weGreater Nelspruit Rape Intervention Project (GRIP).
Kodwa abesimame abadlwengula amadoda"
AbeGRIP sebake baba necala lalolu hlobo, ngokusho kukaHofer. Kwakungunyaka ka-2005 lapho sabhekana necala lomuntu omusha owayeneminyaka engu-18 owadlwengulwa abesimame abathathu.
Yinto efanayo
Okuxakayo wukuthi lezi zigigaba ziyefana njengoba nalowo muntu omusha okumanje mhlawumbe useneminyaka engu-20 - naye wathi waphoqwa yindoda imkhombe ngesibhamu ukuba aye ocansini nabesimame abathathu njengoLubisi.
Lo muntu omusha kwadingeka ukuba acele usizo kumqashi wakhe. Umqashi wakhe wamsiza ukuba avule icala esiteshini samaphoyisa esiseduze, emva kwalokho wathola ukwelulekwa ngochwepheshe benhlangano yeGRIP welashelwa nezifo ezithathelana ngokocansi kubandakanya iHIV.
Akekho owaboshwa ngoba lo muntu omusha akakwazanga ukubona noma ukuchaza abamhlasela.
UHofer uthi uPeter waba nesibindi kakhulu ukuba akubike ukudlwengulwa kwakhe.
"Uzodinga ukwelulekwa isikhathi eside kwabeMasisukumeni kanti futhi uzodinga lonke uthando nokwesekwa angakuthola kwabomndeni nakubangani. Lokhu kuzomsiza akwazi ukumelana nalesi sikhathi esinzima."
Intombi kaPeter yona lokhu ayikukholwa njengoba ithi: "Ngifuna ubufakazi bokuthi wadlwengulwa. Selokhu ngazalwa angikaze ngizwe ngendoda edlwenguliwe," kusho yona ikhala izinyembezi.
"Angazi ukuthi ngenzeni ngoba ngiyamthanda lo mlisa ngenhliziyo yami yonke futhi ngizimisele ukuba ngumkakhe kodwa akakwazi ukungichazela lento eyenzeka."[z]
African Eye News Service
BONA ZULU - April 2008
INSUMANSUMANE
abesimame abathathu'
Uthi wakhunyulwa wanqunu waphoqwa ukuya ocansini nabesimame abathathu ekhonjwe ngezibhamu ngabesilisa ababili. Ngabe kungenzeka ukuba owesimame adlwengule owesilisa"
INDABA NGUTHABISILE KHOZA
BONA ZULU - April 2008
Yinto engenzeka"
(Uthini wena!)
Sonke siyazi ukuthi abesilisa badlwengula abesimame nokuyicala elibomvu elijwayelekile eSouth Africa - futhi siyazi abesilisa badlwengulana bebodwa - kodwa abesimame abadlwengula abesilisa"
Ngabe into enjalo ingenzeka"
Ake ucabange ngalokhu. Bonke abesilisa uma beneqiniso bazokutshela ukuthi kunezikhathi lapho 'induku' okungelula ukuba ibe sesimweni somsebenzi ngisho ngabe ufuna ukuya ocansini nomuntu wesimame omthandayo.
Pho kwenzeka kanjani ukuba owesilisa 'induku' ibe sesimweni sokusebenza uma ebhekene nokwesaba, noma kukhona okumphoqile okumenza abe ne-stress noma ekhonjwe ngesibhamu"
Kanti ukudlwengula akulona icala elingenziwa abantu besilisa - kwabesimame nabanye besilisa.
Ucabangani" Uthini wena! Ikheli lithi: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060.
