zulu.2345.fashion
BONA ZULU – May 2006
istayela
Upheth’
Ngalobu busika gqama. Engeza ubuhle esudini yakho ngezinto zokuhloba zesikhumba nobuhlalu. Hlanganisa umbala obhlu omhlophe no-tan - ushaye izicathulo zikanokusho noma ama-sandals.
Isudi nehembe (R3 500), Kevin Ellis.
Isikhwama (R200), Kevin Ellis.
Mesha ngokuyikho!
Ifeshini yabesilisa kanokusho izokushiya umuhle futhi ufudumele ngalobu busika
Ubuhle makungaphethi ngesudi! Bengeze ngebhande elihle elinekhongco elisesitayeleni nezicathulo zikanokusho.
Hlanganisa ijakhethi, ihembe ne-jean ukuze uswenke kahle noma uzishayele ibhulukwe lemicimbi ephezulu
eli-formal.
Izimpahla (waistcoat, ihembe nejakhethi, 3 500), Kevin Ellis. (I-Jean ngeyomkhangisi.)
BONA ZULU – May 2006
Isikhathi sasebusika ngesengqephu enhle enemibala. Shaya ijezi eligqamile elinemisho emibalabala ne-jean nebhande noma izinto zokuhloba ozozifaka nejakhethi yemicimbi ephezulu.
Ijezi (R350), YDE. Ibhande (R210), Max. Ibhulukwe (R345), YDE.
BONA ZULU – May 2006
Ngisho neT-shirt engatheni ne-jean kungabukeka kahle uma uxuba imibala. Nakwabesilisa bubalulekile ubuhle. Ungakhohlwa wukuqedela lobo buhle ngobuhlalu noma ngebhengela likanokusho.
I-Top (R169), YDE, T-shirt (R165), Max, Ubuhlalu (R100), Kevin Ellis
BONA ZULU – May 2006
Gqamisa uvuse leyo jakhethi eyindandokazi ka-denim. Kungcono kube yileyo enemibhalo eqoshiwe yathungelwa kuyo noma epheshiwe. Kufanele noma kanjani ihembe le-linen ube nalo ngalesi sikhathi.
Ihembe (R345), C’Men. Ijakhethi (R650), Max. Jeans (R450), Max. Ibhande (R190), Max. (Ubuhlalu ngobomkhangisi.)
BONA ZULU – May 2006
IZITOLO:
C’MEN:
YDE: 021-797-8002
KEVIN ELLIS: 083-433-3319
MAX: 031-312-8834; 021-461-5944
izitayela nokudidiyela nguCHRISTINE HAMMANN izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ
umkhangisi SIKHUMBUZO ophuma kwa-Ice umsizi kwi-make-up nasezinweleni ZAHIRAH VARIAWA
