zulu.2342.stars
BONA ZULU – September 2007
izinkanyezi zakho
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Bamba noma yiliphi ithuba elikuvelelayo elingase lithuthukise impilo yakho uma ungaphumeleli ngendlela ofisa ngayo. Ukuze uphumelele zinikele kokufisayo.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Gxila ekuzakheleni ikusasa eliqhakazile kunoma yini oyenzayo nsuku zonke. Njengoba ungumuntu oqaphelayo, cubungula izinto ezibalulekile uhlele kusekude.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Yisikhathi sakho sokubusiseka ngezinto ezingase zenzeke. Qina uzethembe. Ukuzama izinto ezintsha kuzokunika ithemba lempumelelo.
CANCER
(Jun 22 – July 22)
Lesi yisikhathi sokwakha ubungani obusha. Bambelela kubantu abazokukhuthaza emakhonweni akho uma uzimisele ngempumelelo.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Kuzokuba khona intuthuko emangalisayo kokuthinta wena. Zama ukuba ukhohlwe yizinto ezizokukhathaza zesikhathi esedlule ugxile ezinhlelweni ezintsha zekusasa eliqhakazile.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Usethubeni lokuzitholela imali ethe xaxa - mhlawumbe ngokukhushulwa esikhundleni noma ukukhushulelwa imali. Bheka ongakwenza kukwakhele inzuzo ikakhulu ekhaya.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Kuzokuhambela kahle uma usebenzisa umqondo futhi uxhumana nabantu, kanti uzophumelela ukuthola isixazululo esimweni esinzima obhekene naso.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Gxila empilweni yasekhaya wenze konke okungase kwenze abomndeni wakho bathokoze. Ikhaya elinokuthula liyisisekelo sempumelelo.
CAPRICORN
(Dec 22 --Jan 20)
Enza izinhlelo ezizoholela othandweni. Ukuzikhipha kungakulethela injabulo nokuba nizwane kahle nophathini wakho.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Yisikhathi somfutho omkhulu nembuyiselo. Kuningi ozophumelela kukhona uma uzinikela. Ungatatazeli kokwenzayo.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Kungenzeka uthole izindaba ezimnandi ezizokwenza uqhubekele phambili nezinhlelo zakho noma nezifiso zakho. Izingqinamba obhekene nazo zizokulethela izinhlanhla.[z]
UMNTWANA
WAKWAPHINDANGENE
(AUGUST 27, 1928)
VIRGO
Aug 24 – Sep 22
UKUPHATHELENI UNYAKA
Kuzoba nezinguquko ezinqala njengoba sekuyisikhathi sokwenza izifiso zakho zibe yimpumelelo. Ngaphezu kwalokho, kuningi ozozibambela kukho mathupha okuqondene nawe wenze nezinguquko zezinhlelo ezinde. Ukuhamba kuzoba yingxenye enkulu yalezi zinhlelo zakho ezintsha. Uzoqinisa ubuhlobo nosondelene nabo babe wusizo empumelelweni yakho.
BONA – July 2007
