zulu.1168.safety
IZIKOLE sezizovalwa kanti abasha sebeqala ukuhlelela amaholidi asehlobo. Yizindaba ezimnandi lezo ezinganeni kodwa abazali abazamukeli kahle ngoba ukuvalwa kwezikole kusho ukwanda kwezingozi nokulimala ebantwaneni.
Kodwa abazali abakwazi ukuchitha amaholidi abo behlushwa yindaba yokuphepha kwezingane zabo. Izingozi eziningi zingagwemeka. Ukuhlela ngokucophelela nokuzinakekela ngendlela efanele kungehlisa izinga lezingozi nelokulimala kwezingane.
PUkuphepha ekhaya: Iningi lezingane lizizwa liphephile livikelekile uma lisemakhaya kodwa eziningi zilimala zife zisemakhaya. Uma kungamaholidi izingane ziba nesikhathi esanele sokuyihlolisisa kahle indawo ezikuyona ngakhoke zigade izinto ezinjengemikhiqizo yokuhlanza, imithi esetshenziswa engadini, izinto ezicijile, amaplaki, umentshisi, uphalafini, ama-lighter nezindwangu ezokhelekayo.
P Ukuphepha ngaphandle: Kunezilwanyana eziningi ezitinyelayo nezilumayo ezisuke zilindele ukugadla kunoma ngubani ezimbonayo.
Ungafa nokufa uma ulunywe yinyoka, kanti abanye bayaqubuka uma belunywe noma betinyelwe yizinambuzane ngakho kusemqoka ukuvikela izingane zakho ubheke nezimpawu ezikhomba ukuthi itinyelwe noma ilunywe yisinambuzane. Uma ingane yakho ingaphefumuli kahle, ibukeka iphaphathekile ijuluka noma ibefuzela, biza i-ambhulensi noma uyiphuthumise emtholampilo.
P Qaphela ilanga: Uma niselangeni, qaphela ukuthi ingane ayishiswa yimisebe yelanga eyingozi. Uma izingane zishiswe yilanga, ziphelelwa amanzi ngokushesha kanti njengoba zingajuluki njengabantu abadala, umzimba wazo awukwazi ukuzipholisa ngokwawo.
Ukuphela kwamanzi osekuhlangene nokushiswa yilanga kungenza ingane iqulekiswe wukushiswa yilanga (sunstroke). Qaphela lezi zimpawu eziyisexwayiso - ukuphela kwamandla, ukuthukuthela nokuba bomvu ngokweqile ebusweni - susa ingane enalezi zimpawu elangeni ihlale endaweni epholile. Yiphuzise okusaketshezi kakhulu ukuze kubuyele lawo manzi ayilahlekele emzimbeni.
Kungcono izingane zidlale ekuseni kakhulu noma ntambama ngoba ilanga lisuke lingasashisi.
P Ukuphepha uma bedlala: Ezintweni ezingaba yingozi ezinganeni kuleli hlobo singabala nezinto zokudlala ezisezindaweni zokudlala. Ama-slides yiwona ayingozi kakhulu ezinganeni. Izingane zigibela kuwona ziwele ezintweni ezizozilimaza noma zishiswe wuthayela osuke ushiswe yilanga. Kokunye izingane esezihlakaniphile zilimaza ezincane ngengozi ngokudedela uzwingi noma kugibele izingane eziningi kuzwingi owodwa.
Kusemqoka ukuba zidlale zigadwe abadala.
P Ukubhukuda: Akulula ukuhlala ugade ingane kodwa kusemqoka ukuvula amehlo uma izingane zibhukuda.
Ungazikhohlisi ngokuthi izingane zakho ngeke zibe nankinga ngoba ziyakwazi ukubhukuda.
Uma uvakashisa izingane olwandle, iyani kulolo olunabasiza abaminzayo. Zifundise ukungabhukudi endaweni ezingayijwayele izingane. Kungenzeka ukuthi iyashona noma inezinto ezingaphansi emanzini ezingalimaza ingane.
PUkuphepha emotweni: Ngesikhathi samaholidi imindeni eminingi ihamba ngemoto ivakashe kanti ziningi izingane ezifa ezingozini zezimoto. Ingane yakho ingalimala kabi uma ingalifasile ibhande.
Fundisa izingane ukuba zifase amabhande uma zisemotweni kanti ezincane kumele zihlale ezihlalweni ezenzelwe zona.
Kungenzeka ukuthi ungakunaki lokho uma niya eduze kodwa izingozi eziningi zenzeka eduze kwasemakhaya. Zonke izingane kumele zifaswe ngebhande elizozivikela uma zisemotweni. [z]
Masibaphephise
kulamaholidi
Yize noma kungelula ukuphephisa izingane ekulimaleni, ukuzivikela kungaba yikhambi elingehlisa amathuba okuba zilimale...
siqoqelwe nguPRIMROSE WILLIAMS
izithombe nguCLIVE THOMPSON
Okuzosiza abazali abakhathazekile
u
BONA ZULU - December 2005
Ama-slides yiwona ayingozi kakhulu ezinganeni ezindaweni zokudlala.
t
BONA ZULU - December 2005
Qaphela ilanga...
Ukwelashwa kwezingane
Kwesinye isikhathi akulula ukubona ukuthi ingane idinga usizo lokwelashwa uma ingenazimpawu ezifana nokuquleka noma ukopha. Okwenza emva kokulimala kwengane kusemqoka kakhulu kanti kungagwema ingozi engadaleka ngokuhamba kwesikhathi.
Ingane isuke idinga usizo lokwelashwa uma...
Yenza ongakuqondi kahle ibukeka ingaphapheme.
Ingaphefumuli kahle.
Isikhumba nezindebe zayo kubukeka ku-grey.
Iquleka.
Amazinyo ayo exega noma ephukile, noma ilimele emlomeni noma ebusweni.
Inezinhlungu ezingapheli.
Ihhema, iphethwe yikhanda noma iphalaza emva kokulimala ekhanda.
Zithokoziseni kulamaholidi kodwa okusemqoka kakhulu, wukuphepha kwenu!
Ukuhlala elangeni kungayikhathaza ingane.
