zulu.2339.bec recipe-tips (2)
Kuphuma angu-40
Izithako
1 inkomishi imajarini ethanjisiwe
1/2 inkomishi Illovo Sugar
1 isipuni i-vanilla extract noma i-brandy
2 izinkomishi ufulawa
1/4 i-teaspoon usawoti
2/3 inkomishi i-pecans noma i-walnuts eqotshiwe
1 i-teaspoon
i-ground cinnamon
1 inkomishi Illovo Sugar
Indlela yokwenza
1. Shisisa uhhavini ngo-160oC. Shaya imajarini endishini.
2. Faka ushukela ne-vanilla ukushaye. Faka ufulawa nosawoti kancane kancane. Faka ama-nuts nofulawa osele.
3. Mboza nge-clingwrap ukuqandise.
4. Bumba inhlama ibe amabhola angu-2cm. Beka ethreyini lokubhaka elingagcotshisiwe, kugqagqane ngo-2,5cm.
5. Bhaka imizuzu engu-15.
6. Hlanganisa ushukela ne-cinnamon epuletini. Khipha amakhekhe kuhhavini uwabhuqe esashisa engxubeni kashukela.
7. Wabeke eceleni. Uma esepholile, phinda uwabhuqe. Ungawadla noma uwafake kwi-freezer.
BONA ZULU - September 2006
Cinnamon Illovo Sugar Cookies
Izeluleko zokusimamisa ibhizinisi lakho lasekhaya
AKUNGATSHAZWA ukuthi maningi amathuba okuthi osomabhizinisi baphile kahle uma benebhizinisi abaliqhubela emakhaya. Kunebhizinisi olivulile kodwa oshoda ngako yizeluleko zokwandisa inzuzo namathuba okuba liphumelele.
Maketha ibhizinisi lakho
Okokuqala okumele ukwenze wukumaketha ibhizinisi lakho. Ibhizinisi lakho ngeke liphumelele uma amakhasimende engazi ngalo. Kusemqoka ukulithuthukisa ukuze abantu babe nolwazi ngemikhiqizo yakho nongabenzela kona.
Ziningi izindawo ongakwenza kuzona mahhala lokho. Thumela umlayezo wakho kunoma iyiphi i-Internet esebenza ngezihloko ezithinta ibhizinisi lakho. Uzobathola abazoyithanda imikhiqizo yakho bayikhumbule ngisho noma bengezukuyithenga ngokushesha. Ngaleyo ndlela nabo bangatshela abanye ngawe uthole amanye amakhasimende.
Hambela imihlangano
Okunye ongakwenza ukuze ibhizinisi lakho laziwe wukuhambela imihlangano ube yilungu lanoma yiliphi iqembu elenza ibhizinisi elinjengelakho. Lokho kwenza uzazise kalula kwabanebhizinisi elifana nelakho ungabe usazihlupha ngokuxhumana nabanye.
Esinye iseluleko, gcina wonke amarisidi ezindleko zakho ngoba yonke imali oyisebenzisayo iphuma koyithole ngebhizinisi lakho.
KunamaWebsites akunika izeluleko ezingakusiza uma unebhizinisi ekhaya. Ngaphambi kokuqala ibhizinisi ozoliqhubela ekhaya, kuzokusiza ukufunda ngosekwake kwazanywa okungaphumelelisa ibhizinisi lakho ekhaya. Sikufisela inhlanhla!
nguVincent Murphy [z]
I-Mageu Number 1
ISELULEKO
Umkhiqizo:
Akucace ukuthi umkhiqizo wakho uhambisana nani ubalule nokwenzayo ukufeza izidingo zamakhasimende akho. Kusemqoka ukuthola ukuthi amakhasimende akho adinga hlobo luni lwemikhiqizo. Ungenza ucwaningo lokuthi bangaki abawudingayo.
Ucwaningo ungalwenza ngokubuza imibuzo ocingweni, uxoxe nabathengi ubuso nobuso noma ubhalele amakhasimende okungenzeka awuthande umkhiqizo wakho ukuze uzwe uvo lwawo. Impendulo ozoyithola izokusiza ngoba uzobona ngayo ukuthi ibhizinisi lakho lizoba yimpumelelo kangakanani.
BHEKA KUBONA OLANDELAYO UTHOLE EZINYE IZELULEKO
BONA - August 2005
