zulu.2330.yourfamily_child
Sixoxa nodado
UTshimollogo Mafokosho oneminyaka emine, ohlala eChiawelo eSoweto uxoxisane nathi ngothando lwakhe lomculo wasitshela nokuthi ufuna ukuba yini uma esekhulile
Ubani umculi omthandayo, ngani?
U-Beyoncé. Ngimthanda ngoba ucula athi "To the left, to the left" nami ngiyakwazi ukudansa njengaye.
Iluphi uhlelo lweTV oluthanda kakhulu?
IJika Ma Jika. Nami ngiye ngidanse kanye nabadansayo kuyona kwiTV.
Ufuna ukuba yini uma usukhulile?
I-princess!
Enzani ama-princesses?
Ayacula, adanse bese ethola imali.
Ngemali oyoyithola ngokuba yi-princess, yini oyoyithenga?
Ngiyothenga ukudla eKFC ngiphinde ngithengele ugogo wami yonke into.
Iliphi isonto oya kulona?
ElaseDutch elihlala eMofolo nelaseGrace elihlala ePimville.
Yini uthande ukuya kulawo masonto womabili?
Ngoba uma sifika khona sicula uThula bese umama wami uyakhala.
UMZALI ONGUSAZIWAYO
Ukushonelwa yingane yinto ezwisa noma yimuphi umzali ubuhlungu obumangalisayo nokuyinto umdlali wemidlalo kamabonakude uConnie Chiume weRhythm City aseke wedlula kuyona. UMbali indodakazi yakhe eyayinonyaka yedlula emhlabeni, kungakho kumanje esenika izeluleko zokukwazi ukubhekana nalolu sizi:
Zinike isikhathi sokuzila uzinike nethuba lokuba uzwe ubuhlungu wanele.
Ungesabi ukufuna usizo ngokuya kochwepheshe bokwaluleka ngokwengqondo noma ujoyine iqembu labantu enizosizana nabo.
Qhubeka uthandaze ucele UNKULUNKULU Akunike Amandla.
Khumbula zonke izinto ezinhle ngomntwana wakho ungesabi ngokukhuluma ngezinto ebenizenza ndawonye.
Azi lokhu: ubuhlungu buzokwehla usuku ngosuku, kodwa futhi kungakukhathazi ukuthi uzogcina ukhohliwe ngengane yakho.
Khumbula futhi kusengenzeka uthole ezinye izingane ezisazodinga wena ukuba uzinakekele.
INGANE YAKHO
Uma ufuna "sikhulume" nentombazane noma nomfana wakho omncane, bhalela kuleli kheli: BONA/Kidspeak, Box 473014, Parklands, 2121. Sinike iminyaka yengane yakho ufake nesithombe sayo nenombolo yocingo esizokuthola kuyona emini.
Ubhekana kanjani nesimo sengane etetemayo?
Lena yindlela izingane ezikhombisa ngayo ukucasuka, ngokukaDkt Ken Resnick onguchwepheshe wezengqondo yezingane. Uthi okubalulekile okufanele abazali bakwazi wukuthi ukujezisa ingane ngokuyithethisa noma ngokuyishaya kuzokwenza ukutetema kwayo kuye phambili kwedlulele futhi emva kwesikhathi eside, ikukhombise futhi lokho kuchwensa.
Ukuzama ukunqanda ukutetema enganeni yakho ngokuba wamukele yonke into eyishoyo neyifunayo, yinto leyo eyenza lesi simo sidlondlobale.
Izeluleko zikaDkt Ken zokubhekana nesimo sengane etetemayo:
Ekhaya
Yise ekameleni noma endaweni lapho uzoyishiya khona ngokuthula yodwa.
Phuma wena uvale umnyango ungabuyeli khona ingane yakho ize yehle ulaka.
Uma uzizwa ungakhululekile ngokushiya ingane yakho yodwa, hlala nayo kodwa ungayinaki kwekwenzayo. Kugweme ukuba nibukane ngeziqu zamehlo nayo.
Uma ingasadiniwe, khuluma nayo ngokuziphatha kwayo.
Emphakathini
Shayela ingane yakho imithetho ngaphambi kokuhamba ekhaya. Yenze yazi ukuthi ngeke uyithengele izinto ngokuthanda kwayo.
Uma ingane yakho isiqala ukutetema, yikhumbuze ngemithetho.
Uma ingawuyeki lo mkhuba, yithathe uyiyise kumuntu ongunogada kuleyo ndawo uyitshele ukuthi uzoyishiya khona uhambe uyothenga uze uqede. Lokhu kuzoyiyekisa ukutetema ngoba ngeke ifune ukusala nomuntu engamazi.
Okunye ongakwenza, wukuyisa endaweni lapho uzokwazi ukuba nemfihlo ukhulume nayo.
Ukwenza isibonelo - kungenzeka ume emigqeni emide uqhuba inqola esitolo. Uma kunjalo, konke ongakwenza wukulinda. Khohlwa wukucasuka kwabantu ababukayo.[z]
Nihlanganiselwe nguKamogelo Sebola
