zulu.232.proph
Isangoma ekilasini
Uneminyaka engu-19, kodwa afunda nabo ekilasini nothisha bakhe bambiza ngokuthi wugogo - noma nkgono uLerato Bookgolwane njengophawu lokumhlonipha. Lo mfundi kaGrade 12 ungumphrofethi futhi ungumelaphi wendabuko... indaba nguForce Khashane
IZINKINGA zikaLerato zaqala kuGrade 8. "Ngabhala izivivinyo zami zokugcina esikoleni njengabo bonke abafundi emva kwalokho ngatshelwa ukuthi angizange ngibhale ngoba amaphepha ezimpendulo zami enyamalele. "Ngagcina sengiwuphinda unyaka ekubeni ngangazi ukuthi ngizibhalile izivivinyo. Angizange ngiqonde ukuthi ngempela kwenzekani," kusho yena ekhombisa ukunengeka.
Akuphelanga lapho. "Izinyawo zami ngaphansi zaqala zeluma kwangaba khona into ezoqeda lokhu kweluma," kusho yena.
"Namehlo ami ayeluma ngesinye isikhathi kuphume uketshezi oluphuzi olungajwayelekile kuwona."
Emva kwalokho waphazamisa ukuqhubeka kwenkonzo. "Emva kwalokho bangitshela ukuthi ngangigaqa ngamadolo njengesangoma ngikhuluma ngimemeza ngamazwi ahlukene," kusho yena.
Umama kaLerato wamthatha wamyisa kumphrofethikazi. "Wafike wangitshela ukuthi nginezipho ezimbili - ngibizelwe kukhona kokubili - ukuba ngumphrofethi nokuba yisangoma."
"Ngangiquleka esikoleni kuze kudingeke ukuba umama azongilanda," kusho uLerato.
"Othisha babekhalaza ngokuthi ngiphazamisa ukufunda abanye bathi nginamadimoni."
Emva kwalokho wafeyila uGrade 9 - ekubeni wayephinde noGrade 8. Kulokhu kungenxa yokuthi amamaki akhe anikezelwa omunye umfundi ngephutha, ngokusho kwakhe.
Washintsha izikole kodwa izinkinga zaqhubeka. Kwase kukhona esikoleni labo abase bekwazi ukumsiza uLerato uma kwenzeka esequleka.
"Enye into eyayingenza ngijabule wukuthi esikoleni babengenankinga ngokufaka ubuhlalu," kusho uLerato owabhalisela ukuqeqeshelwa ukuba ngumphrofethi ngesikhathi esenza uGrade 10.
"Ngaphupha inyoka enkulu ikhuluma nami ngezwi lowesimame yathi ngizokuba nempumelelo uma ngithatha indlela yamadlozi.
"Umama wami wangitshela ukuthi kungenzeka kube ngugogo wami owayekhuluma nami ngoba naye wayengumphrofethi elapha abantu."
Nakuba kunjalo, izinkinga zikaLerato azizange ziphele. Iningi labangani bakhe besimame bamphendukela bethi ungumthakathi.
Ngakolunye uhlangothi, wayengabasweli abangani besilisa.[z]
BONA ZULU October 2008
AMASIKO ETHU
"Ngiyayizwela indodakazi yami ngoba ayisayiphili impilo efana neyabantu abasha. Lokho kusho ukungayi e-disco nokuba sekhaya ngaphambi kuka-8 ebusuku ukuze ingahlukumezi abaphansi. Phezu kwalokho, isithathe umsebenzi kamama wami, ithokozile futhi izinikele."
OKUSHIWO UMAMA KA-LERATO
NOMA NGUBANI ANGALUTHOLA UBIZO
Ubizo lobungoma lungangena noma ngubani. Osanda kuphothulela ubungoma, uMalehlohonolo Sekete (23) une-diploma ayithola e-University Of Johannesburg kanti usebenza kwezokuthengiswa kwemihlaba.
Umama wakhe uyisangoma kanti ubizo lobungoma lwafika kuMalehlohonolo ngesikhathi senkonzo yesonto equleka ewa eba nombono wabesimame ababili befake izingubo zezangoma.
"Bangitshela ukuthi ngiyazitshela, bazongibulala,"kusho uMalehlohonolo okumanje usebizwa ngegama labaphansi uNkanyezi.
Kwabe kuyisiqalo sezinkinga zakhe. "Ekugcineni umama wami wehluleka wukukubekezelela konke okwakwenzeka. Wapakisha izikhwama zami wangithumela ukuba ngiyoqeqeshelwa ubungoma," kusho uMalehlohonolo.
Kusukela lapho, impilo yakhe entsha useyijwayele. "Amadlozi ayangivumela ukuba ngifake izicathulo ezinde, ngifake iziphaqulo nezingubo ezisefeshinini. Ziyangivumela futhi ukuba ngizithokozise."
Kuvele kugobhoze izinyembezi kuNomsa Maponya (24) uma ebuzwa ukuthi yini eyamphoqa ukuphendula ubizo lwamadlozi.
UNomsa osebenzela imboni yezokushicilela, waphuphunyelwa yizisu kathathu nokwathi emva kwalokho wezwa amazwi emphoqelela ukuba abe yisangoma.
Ubunzima kuyena njengamanje yinto esiyedlule. Kumanje nesoka lakhe liyameseka kanti usamukele negama labaphansi lika "Makhosomhlanga."
Iminyaka emine yonke, uNandi Nkosi (34) wayenqaba ukuba yisangoma kwaze kwaba imali kwi-akhawunti yakhe yasebhange yayilokhu inyamalala izikhawu eziningi.
UNandi ogama lamadlozi ngu"Ndlovukazi," ungusayitsheni kwabombutho weSAPS.
"Ubani owaziyo, mhlawumbe ngisebenzisa amandla ami obungoma ukuhogela izigebengu," kusho yena encokola.
BONA ZULU October 2008
UNomsa Maponya wafunda ukuthi ukuziba ubizo lwamadlozi kukwenzela amashwa.
UMalehlohonolo useyijwayele impilo yakhe entsha.
UNandi Nkosi umsebenzi wakhe uwenza ngaphandle kokuphazanyiswa amadlozi.
