zulu.2328.teen
Sidingida ezocansi!
Ungabasiza kanjani abazali bakho baxoxe ngesihloko abasesabayo
UMA kuziwa ngakwezocansi, abazali abafuni ngisho ukuyiphatha leyo ndaba, futhi abakutsheli ukuthi yini kungakulungele ukuya ocansini.
Njengoba izinga le-AIDS liphezulu kangaka, kanjalo nokukhulelwa okungadingeki, wonke umuntu unxusa abazali ukuba bakhulume ngezocansi nezingane zabo - cishe kunoma yiluphi ushicilelo lukaBONA engosini yezincwadi zabafundi, kuhlale kukhona okuthinta lesi sihloko.
Kufanele uqonde kahle ukuthi lokhu kubaphatha kanjani abazali bakho ngaphambi kokuba ucele iseluleko sabo.
Yibo abakusiza waze wafinyelela lapha ukhona, kungani pho udinga uvo lwabo kulesi sihloko"
Uma abazali bakho bemanqikanqika ukukhuluma ngezocansi, kukuwena ukushiya phansi amahloni nokwesaba ulusukumele kuqala lolu daba.
Nazi izindlela ongasethula ngazo lesi sihloko...
Zilungiselele ucabange ngofuna ukubonisana nabo ngakho.
Lokhu kuzozicacela. Okuyingxenye yokuthi yini kube nzima ukukhuluma ngezocansi wukuthi lesi yisihloko esikhulu noma yingayiphi indlela.
Okokuqala, bazithola besenkingeni bangazi ukuthi lento bazoyiqala kuphi.
"Ukukhuluma ngezocansi," kubandakanya izingxoxo ezimayelana noguquko empilweni, izinqumo ezichaza ukuthi usuyohlale ungumuntu owehlukile. Kokunye kube yizinqumo ezingase zibeke impilo yakho engozini.
Ukuzilungiselela wazi ukuthi ufuna ukukhuluma ngani, yiyona ndlela yokuqala lesi sihloko.
Ukwenza isibonelo, kungenzeka ufune ukwazi ukuthi ngokomzimba wakho yini elindelekile ukuba uyazi. Nawe awucabangi nokucabanga ukuya ocansini, kodwa udidekile udidwe yizinto ozifundayo noma ozibona kwiTV noma kuma-movie, noma ozizwa ngabangani bakho.
Uma lokhu ukucacisa kubazali bakho - ugcizelela ukuthi uyazi akukakufaneli nakancane ukuya ocansini - ukubonisana kuzokuba lula kakhulu.
Futhi kuyindlela yokukhombisa abazali bakho ukuthi wawuke wacabanga wajula kakhulu ukubonisana nabo ngalolu daba - nokuluphawu olukhomba ukuthi ozokwenza kuzokhombisa ukukhula ngomqondo.
Azi isizathu sakho sokufuna ukuya ocansini.
Usuhlelile ukuthi usufuna ukuzibandakanya ocansini - abazali bakho bazofuna ukwazi ukuthi usukulungele. Beka izizathu zakho - khumbula, uma ungeke ukwazi ukunika izizathu ezizwakalayo, kusho ukuthi awukakulungeli njengoba wena ucabanga.
Lesi yisona sizathu esikwenza ufune ukuxoxisana nabazali bakho kuqala, nokuyinto ebaluleke kakhulu. Yibo abakucabangelayo kanti futhi bangakutshela uma kukhona lapho wenza khona iphutha.
Zilungiselele ekungavumelanini nawe.
Kunzima kubazali ukukwamukela ukuthi ingane yabo isizibandakanye othandweni.
Kulindele ukungathokozi noma ukudinwa kubazali bakho. Maningi amathuba okuba badinwe, bahambe bayokucabangisisa lokhu bese beyabuya lapho sebekulungele ukuba baxoxisane nawe ngalolu daba ngomoya opholile.
Bazokwenza lokhu ngoba bazobona ukuthi kubalulekile nokuthi lezi zinto kuyadingeka kuboniswane ngazo. Banike isikhathi. (Uma ungeke ukwazi ukukwenza lokho, lapho ubona ukuthi lezi zinto kumele "ziphuthunywe" - ngenxa yokuthi othandana naye ukufaka ingcindezi - kuchaza ngokusobala ukuthi awukakulungeli ukuya ocansini.)
Ngakhoke kungumqondo omuhle ukubazisa singakafiki isikhathi ukuze bazilungiselele. Ukwenza isibonelo, ngoMsombuluko batshele ukuthi ufisa ukuxoxisana nabo ngezocansi ukuze bakwazi ukuzilungiselela - ukukwenza lokhu mhlawumbe ngoLwesibili. Khumbula ukubaqinisekisa ukuthi lokhu wukubonisana kuphela - akukho okubi obafihlela kona okuzobethusa.
Zithobe.
Lena iyona ndlela ongakwazi ukuba wehlise ngayo ulaka lwabazali bakho, futhi ukhombise ngayo ukuthi usuvuthwe kangakanani ngokomqondo ukukhuluma ngezocansi.
Omunye wochwepheshe wathi: "isinqumo sakho sokuya ocansini, akufanele kube yisikhali ozosisebenzisa ukuzwisa abazali bakho ubuhlungu ngoba wena ufuna ukuthokozela inkululeko yakho.
"Uma uzama ukubaphatha kabi, kusho ukuthi ufuna ukuya ocansini ngezizathu ezingazwakali. Uma ubonisana nabazali bakho ngezithinta ucansi, kufanele wehlise umoya uzithobe.
Khuluma ngokuvikela ukukhulelwa nangocansi oluphephile.
Lena ngenye yendlela okhombisa ngayo ukuvuthwa emqondweni. Kudingeka futhi uzivikele - ukuze ungakhulelwa noma ungangenwa yi-AIDS.
Khuluma iqiniso.
Lapha kuyaboniswana. Uma imizwa yakho ibalulekile, nokungabaza kwakho kuzogqama. Uma ungenasiqiniseko sokuthi ngubani ongathandana naye, tshela abazali bakho ngokwethembeka.
Nakuba kubalulekile ukwethembeka, kodwa uma ucabanga ukuthi ukuya kwakho ocansini akusiyo indaba yabazali bakho - ubazisa ngoba ubahlonipha, lokho kwenze kwazeke ngoba lesi akusona isikhathi sokufihla imizwa yakho.
Batshele ukuthi kungani.
Batshele ukuthi ufuna ukuxoxa nabo ngezocansi hhayi ngenhloso yokuya ocansini ngokwakho. Benze babone ukuthi uyayihlonipha imibono yabo, ikakhulu ngalesi sihloko.
Batshele isizathu sokuthi kungani ukhethe ukuza kubona ngalokhu - kungenxa yokubethemba.
Nakuba okukhethile kungahambisani nendlela yabo yenqubo enhle, batshele ukuthi uyaluhlonipha uvo lwabo.
Lalela!
Lalela abazali bakho ngoba banolwazi ngalokhu (ukhona ngenxa yabo) yibo abangakunika iseluleko, ngisho ngabe ungeke ukuthande abakushoyo.
Uma into oyizwayo ingezwakali kahle kuwena, kufanele usicubungulisise kabusha isinqumo sakho.[z]
BONA ZULU - June 2007
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
BONA ZULU - June 2007
